Isikhulu seClover SA uMnu uJacques van Heerden, inhloko ye-Agribusiness e-Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uBrendan Jacobs, isikhulu esiphezulu seMilk Producers Organisation uMnu uFanie Ferreira nenhloko yeFleet Management e-Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uJustin Thomas ngesikhathi kuthulwa imoto ezosondeza imigomo kubafuyi. Isithombe: Sithunyelwe

I-Standard Bank isebenzisana nabafuyi nemboni yobisi ukunqanda amatele

YINTATHELI YOMBELE

IMPI yokulwa namatele isingenwe yibhange elikhulu ngokwezimpahla elinazo e-Afrika iStandard Bank, ememezele ukuthi isisebenzisana nenkampani yemikhiqizo yobisi iClover neMilk Producers’ Organisation (iMPO) ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo sezinkomo.

Ngesonto elidlule iStandard Bank ithule imoto ethwala imijovo evikela izinkomo kumatele enefriji eliyigcina isesimweni esifanele. Le moto eyenzelwe ukuhamba ngisho ezindaweni ezinemigwaqo engekho sesimweni esihle izoya kubafuyi, inodokotela abajova izinkomo. Loku wumkhankaso waleli bhange wokusiza uhulumeni ukuqeda amatele. 

UmNyango wezoLimo ufuna ukujova izinkomo eziwu-14 million ezweni, okuzoba yizinkomo eziwu-80% ngoDisemba walo nyaka. 

I-Clover iqinisekisile ukuthi umNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uthole imijovo ewu-200 000 ngesikhathi uhulumeni wabela izifundazwe imijovo. 

Imenenja ye-Strategic Alliances and Original Equipment Manufacturers eStandard Bank Business and Commercial Banking uNks uLiezel Turner ithe: “Imoto ezohambisa imijovo izoyigcina ibanda ize ifinyelele kubafuyi. Ukubakhona kwale moto kuzoqinisekisa ukuthi imfuyo igoma lapho ikhona kungakhathaleki ukuthi abafuyi bakude kangakanani.”

Inhloko ye-Agribusiness kulolu phiko uMnu uBrendan Jacobs igcizelele ukubaluleka kokusebenzisana embonini yezolimo ukuyivikela kwizinselelo ebhekene nazo. 

“Impilo yemfuyo yasemakhaya ibalulekile ngoba iqinisekisa ukuthi umnotho wasemakhaya uhamba kahle, akuphazamiseki ukukhiqiza ukudla nayo yonke imboni yolimo. 

“Umphumela omubi wamatele uzwela kuwo wonke umuntu, hhayi abafuyi kuphela, ngako kubalulekile ukuthi imboni isebenzisane. Ukusebenzisana kwethu neClover neMPO kuzoqinisekisa ukuthi izinhlelo zikahulumeni zihamba kahle futhi ziseka abafuyi ngezinsiza abazidingayo,” kusho yena.  

FUNDA NALAPHA: INingizimu Afrika ithole imijovo yamatele ewu-1.5 million

Isikhulu seClover SA uMnu uJacques van Heerden sithi amatele ashaye kwazwela kwimfuyo nakubakhiqizi bobisi, ngakho ukusebenzisana neStandard Bank neMPO kuzobasiza ukuhambisa imijovo kubafuyi futhi izofika isesimweni esifanele. 

Imoto ehambisa imigomo kubafuyi

Isikhulu esiphezulu seMPO uMnu uFanie Ferreira sikuthakasele usizo lweStandard Bank, sathi: “Abafuyi nabakhiqiza ubisi babhekene nezinselelo eziningi ngenxa yamatele aloku ebheduka nokungabikhona kwezinhlelo ezicacile zokusabalalisa imigomo. 

“Lobu budlelwano buzosiza abafuyi ukugoma izinkomo zabo, zivikeleke ngoba imigomo izofika isesimweni esifanele. Izofika emaplazini abo, okuzoqinisekisa ukuthi imboni yobisi ibuyela esimweni esijwayelekile.”

Kuze kubemanje zingaphezu kwango-1.7 million izinkomo esezigomele amatele ezweni. UmNyango wezoLimo uthe ngasekupheleni kwangoMashi beziwu-1 223 izinkomo ezinamatele kanti iFree State yisona sifundazwe ebesishayeke kakhulu. 

Isifundazwe esilandela iFree State ngokuhlasela kwamatele yiGauteng, kulandele iKZN, kuze iNorth West, ilandelwe yiMpumalanga, kulandele iMpumalanga Kapa, kuze iLimpopo, ilandelwe yiNtshonalanga Kap bese kugcina iNyakatho Kapa. 

Ungqongqoshe womnyango ezweni uMnu uJohn Steenhuisen uthe bamatasa nezinhlelo zokunqanda amatele ngokugoma izinkomo. Uthembise ukuthi imijovo izofinyelela kuzo zonke izifundazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page