Uhulumeni waKwaZulu-Natali uhlela Ithala kabusha
YINTATHELI YOMBELE
AMALUNGU ebhodi yebhange Ithala asulile izolo njengoba uhulumeni waKwaZulu-Natali uphezu kwezinhlelo zokulihlela kabusha.
Ithala lisanda kumemezela ukuthi selibuyisele amakhasimende imali ewuR1.65 billion kwewuR2.2bn elalinikwe yona ngoDisemba wumGcinimafa ukuthi lenze lo msebenzi.
Izolo uNtuli uthe ukusula emsebenzini kwebhodi yase-Ithala kufanele abantu bakuthathe njengengxenye yezinguquko ezenziwa wuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile kuleli bhange nokubuyisa ithemba kubantu.
Kuzokhumbuleka ukuthi Ithala lagcina ukumukela amadiphozithi ngo-2023 ngemva kokuthi uphiko olungamele ukusebenza kwamabhange ngaphansi kweBhange lomBuso iPrudential Authority (iPA) ithole ukuthi aliyilandeli imithetho yokusebena kwamabhange.
UNtuli utshele abezindaba ukuthi ngemva kokuthi iPA ihoxise isicelo sokuvala Ithala enkantolo, bewuhulumeni wobumbano banqume ukulihlela kabusha.
“Sinezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi Ithala lenza umsebenzi elalisungulelwe wona eminyakeni ewu-60 edlule. Ngeke sivume ukuthi lishabalale. Sizoqinisekisa ukuthi Ithala Development Finance Corporation (i-IDFC) eliboleka osomabhizinisi izimali nebhange Ithala kusebenza kahle. Sizoqinisekisa ukuthi ukuphathwa kwalo kuhambisana nemithetho elawula imboni yezimali,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Ithala selikhokhele uhhafu wamakhasimende akweletwayo uR1 billion – iFNB
Ubalule ukuthi uyazi ukuthi kudala Ithala belingaxhumani kakhulu nabantu kodwa manje bazoqinisekisa ukuthi konke kuhlala obala futhi bafuna izisebenzi zalo zibengamanxusa aleli bhange, zilandele yonke imithetho.
Uthe izinhlelo zokukhokhela abantu ziyaqhubeka njengoba Ithala selibuyisele imali kubantu abawu-65 000 kubalwa neyezitokfela.
Izinhlelo zokubuyisela imali ebantwini ziqhutshwa yiFNB emagatsheni ayo ahlukene kulesi sifundazwe njengoba kunohlelo olwenzelwe amakhasimende e-Ithala.
UNtuli uthi kunophenyo oluqhubekayo olwenziwa yiSpecial Investigating Unit (iSIU) oluzoqinisekisa ukuthi izephumlamthetho nabantu abebengaphethe ngendlela efanele bayajeza.
“Uphenyo lweSIU luyaqhubeka kanti maduze i-IDFC izobiza umhlangano ukubuyekeza ibhodi. Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi Ithala lisebenza kahle, liyisikhungo sezimali esithembekile, esisebenzela abantu baKwaZulu-Natali. Abathinteka ezinkingeni eziholele ekutheni Ithala libekulesi simo bazojeza. Sizobalandela kungakhathaleki ukuthi wobani, baphethe ziphi izikhundla,” kusho uNtuli.

