Abantu beyolungisa izinto zabo emahhovisi eSouth African Social Security Agency eChatsworth, eThekwini, KwaZulu-Natali. Manje sebedlala amaqola abakhokhisayo. Isithombe: wuBoniswa Mohale

Ukuvaleka kwemali yeSassa kudala izinkinga ezintsha

WUBONISWA MOHALE

KUYAKHALWA ngohlelo lokuqinisekisa ukuthi abantu abahola izibonelelo zikahulumeni ayikho enye imali abayitholayo ngemva kokuthi abanye abantu bengayiholanga impesheni yabo ngoba befakelwa imali yegrosa.

Omunye wabo uMnu uPaul Dlamini waKwaNgcolosi, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali, otshele Umbele ukuthi ekuqaleni kwale nyanga umangele engayitholi imali yakhe yempesheni.

“Ngiye emahhovisi eSassa ePinetown, bangitshela ukuthi bayaphenya ngoba kwi-akhawunti yami kunenye imali ebuye ingene. Imali abakhuluma ngayo wuR1 000 engiye ngiwufakelwe yindodana yami ngezinye izinyanga ukuthi ngicoshacoshe ukudla.

“Akuyona imali engiyisebenzayo, ngiziholela impesheni mina. Okubi wukuthi sigqigqa emahhovisi kanti sekunabantu abama ulayini ekuseni abafuna sibakhokhele oR30 ukuze sishesha singene,” kubalisa yena.

Uthe waya emahhovisi asePinetown ekuqaleni kwenyanga, okuthe esebuyela kuleli sonto akazange awubambe ulayini kodwa waphuthunyiswa ngaphakathi.

“Emva kokukhuluma nabezindaba ngesonto elidlule ngoba le nto ibingenzeki ngalana kuphela kodwa naseMgungundlovu nakoGoli. Uma ngizwa abakwaSassa basukumile ngoba ngoMsobuluko thina esibadala asimanga kulayini, singeniswe ngaphakathi basilungisela izinto zethu. Bathe imali ngeke liphele isonto ngingayitholanga,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: I-Sassa izoqinisa ibhawodi ukuze izibonelelo zikahulumeni ziholwe ngabafanele

UNksz uThabisile Mkhungo, waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, noneminyaka ewu-26, uthe uhola imali yesondlo sezingane noR370 wabantu abangasebenzi kodwa kuvalekile ngemva kokuthi kuvele ukuthi kunemali ebuye ingene kwi-akhawunti yakhe.

“Njengomuntu ohleli ekhaya ngike ngithunywe igrosa bese befaka imali kwi-akhawunti. Iyona-ke le evele isiqhathe noSassa. Bengisazame ukulungisa online kodwa benqaba.

“Ngiyazama ngoba bathe asingene online kodwa bona nje abafuni kubenemali engena kwi-akhawunti yakho. Abanandaba ukuthi uhola isibonelelo esinjani. Uma nje kunemali engena kwi-akhawunti yakho, bavele bamise isibonelelo,” kusho yena.

Esitatimendeni, isikhulu esiphezulu seSassa uMnu uThemba Matlou sigxeke abakhokhisa abantu ngokubamela kulayini, sathi wukuphula umthetho loko.

“Asikho isidingo sokuthi abantu baye emahhovisi ethu ngoba sithumela umlayezo kwiselula uma kukhona okufanele ukulungise. Kuyenzeka na-online ngaphansi kwesihloko esithi eLife Certificate kwi-website yethu ngoba inhloso yethu wukuqinisekisa izibonelelo ziya kubantu abafanele futhi abazidingayo. Abakhokhisa abantu bazojeza ngoba sisebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuqeda lo mkhuba ezweni jikelele.”

Ngenkohlakalo emahhovisi eSassa noma ethinta izibonelelo, bangashayela ku-0800 60 10 11 noma bathumele i-email ku: Grantenquiries@sassa.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page