I-Sars iqoqe uR2.010.3 trillion ngentela
YINTATHELI YOMBELE
IZIHLATHI zivakashela izindlebe kukhomishana weSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Edward Kieswetter emva kokuqoqa uR2.010.3 trillion, imali enyukile kwenguR1.8trn wentela owaqoqwa ngonyaka wezimali odlule.
U-Kieswetter uthe imali engenile ikhule ngo-8.4% njengoba engenise imali ewuR24.4 billion ngaphezulu kwabeyilindele.
Kwintela ewuR25.1trn esiqoqiwe eminyakeni ewu-30 edlule, ewuR11.trn, uKieswetter uthi iqoqwe eminyakeni eyisikhombisa edlule nakuba bekunezinselelo eziningi abale kuzona i-Covid-19, ukucima kukagesi nokungakhuli kahle komnotho.
“Ukuqoqa intela engaphezulu kukaR2trn akwenzekanga ngomlingo kodwa kuwumphumela womsebenzi ebesiwenza eminyakeni edlule nezisebenzi eziwu-14 500. Yonke imali esiyiqoqayo isiza uhulumeni ukuthi ulethe impilo engcono kubantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: I-Sars iqoqe intela ewuR2.3 trillion – umbiko
Umsebenzi owenziwe wuKieswetter nezisebenzi zeSars uholele ekutheni intela ekhokhwa uma umuntu ethenga izimpahla i-value added tax (iVAT) ibewuR604.0bn, okusho ukuthi inyuka ngo-7.6% unyaka nonyaka.
Kule ntela kukhona ewuR291.4bn ingeniswe yizinkampani ezinkulu kwathi ezinye zangenisa ewuR312.6bn iningi labo elisembonini yezimali. Ukuqoqeka kwentela eningi kusizile ukuthi ungqongqoshe womNyango wezimali uMnu u-Enoch Godongwana anganyusi iVAT.
I-corporate income tax, intela ekhokhwa yizinkampani ezinkulu, ibewuR355.5bn, yehla ngoR1.3bn kwebilindelekile.
Intela engene ngokudayisa izimpahla kwamanye amazwe inyuke ngoR5.6bn ngenxa yokudayisa kwezimoto ezithwala abantu.
Intela i-pay as you earn ibewuR767.0bn, yakhula ngoR59.9bn. Intela engeniswe abantula abanyula ebhodweni imali yempesheni iwuR11.0bn yehle kancane kwewuR11.9bn engene ngonyaka odlule.
Intela elahleke ngenxa yohwebo olungekho semthethweni ibengaphezulu kwangoR100bn.
“Abantu abathenga izimpahla ezebiwe baye bazitshele ukuthi bashayisile kodwa iqiniso wukuthi bacekela phansi amabhizinisi nemisebenzi ngokunciphisa abakhokhintela. Ngeke sivume ukuthi izigebengu zilimaze izwe lethu. Sisebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuqeda ubugebengu,” kusho uKieswetter.
Uthe ekupheleni kwangoMashi bese beqoqe uR316.39bn ngentela yabantu asebelandela umthetho.
Ubalule ukuthi basebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqoqa intela futhi bazosebenzisa nobuchwepheshe obusamuntu ukuqinisekisa ukuthi abantu bakhokha intela ngesikhathi.
Uphethe ngokubonga abantu bakuleli ngokukhokha intela kahle.
UGodongwana uthe umuntu ozovala isikhala sikaKieswetter uzomenyezelwa wumengameli maduze bese eqala ukusebenza ngoMeyi.

