Umholi omnkantshubomvu owayesezingxoxweni zokubumba iNingizimu Afrika ebuswa ngentando yabantu uMnu uRoelf Meyer usezoba yinxusa lakuleli zwe eMelika. Isithombe: Sithunyelwe

I-Business Leadership South Africa iyakuthakasela ukuqokwa kukaMeyer, inxusa lezwe eMelika

YINTATHELI YOMBELE

INHLANGANO yezikhulu zamabhizinisi amakhulu eNingizimu Afrika iBusiness Leadership South Africa (iBLSA)iyakuthakasela ukuqokwa kukaMnu uRoelf Meyer, inxusa laseNingizimu Afrika eMelika.

I-BLSA ithi uMeyer umfanele lo msebenzi ngoba ungumuntu ozibophezele ekuxoxeni ukuze kutholakale isixazululo njengoba wayenza ngesikhathi sezingxoxo zokubumba izwe ngaphambi kwango-1994. UMeyer uyaziwa ngobuntu, ukuzibophezela ezingxoxweni, ekubuyisaneni nangokuthanda iNingizimu Afrika.

Ithi ukukhula kwakhe njengomuntu okwazi ukusombulula izinto kanjalo nesipiliyoni sakhe kwipolitiki kuyadingeka ukuqinisa ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika.

FUNDA NALAPHA: Ziningi izinkomba zokuthi ubudlelwano bethu neMelika buyalunga, kuloba uBusi Mavuso

“(U-Meyer) uwumuntu osehambe kakhulu empilweni futhi uluphuculile ulwazi analo ewumuntu owasiza ukubumba intando yabantu, uwumuntu omdala odingekayo ukuze akwazi ukulungisa ubudlelwano beWashington nePitoli, ngenxa yokuthi iMelika iyizwe elibalulekile elihwebelana neNingizimu Afrika,” kusho isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusi Mavuso.

Uthe ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika bubalulekile kwezomnotho ngoba inemakethe enkulu leli zwe elidayisa kuyo izimpahla zalo. Iyaqhubeka nokutshala kuleli zwe futhi iyawadala amathuba emisebenzi njengoba kunezinkampani zaseMelika eziwu-600 ezisebenza eNingizimu Afrika, ezisebenzisa leli zwe njengekomkhulu lazo uma seziya kwamanye amazwe ase-Afrika.

I-BLSA ikholwa wukuthi inqubomgomo yezangaphandle yeNingizimu Afrika kufanele ibhekwe ngeso elibeka phambili izinhlelo zomnotho nezokusimama kwezwe.

“I-BLSA namalungu ayo azohlezi ekhona ukuseka uMeyer ezinhlelweni zakhe zokuqinisa ubudlelwano neMelika. Silindele ukusebenzisana naye kulesi sikhathi ukuze sithole amathuba amasha azovela ngokuqokwa kwakhe,” kuphetha uNksz uMavuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page