UDkt uNgobani Makhubu uqokwe wumengameli wezwe ukuthi abewukhomishana weSouth African Revenue Service. Isithombe: Sithunyelwe

Isinomphathi omusha iSouth African Revenue Service

YINTATHELI YOMBELE 

OBEYISEKELA likakhomishana weSouth African Revenue Service (iSars) uDkt uNgobani Makhubu nguye osezophatha lesi sikhungo sikahulumeni esiwumqoqintela. 

Lezi zindaba zimenyezelwe wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngesonto elidlule emva kokuthi ukhomishana ohambayo uMnu u-Edward Kieswetter eqoqe intela engaphezu kwangoR2 trillion. U-Kieswetter uzogcina eSars ekupheleni kwale nyanga. 

UMakhubu, obeyiphini likakhomishana weSars kusukela ngo-2023, uzoqala umsebenzi wakhe ngomhlaka-1 wangoMeyi.

URamaphosa uthe uthathe lesi sinqumo elandela isigaba sesithupha somthetho i-South African Revenue Services Act wango-1997, ngemva kokuthi isigungu ebesihlanganiswe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana sivumelane ngokuthi uMakhubu ufanelekile ukwenza lo msebenzi.

FUNDA NALAPHA: I-Sars iqoqe uR2.010.3 trillion ngentela

“Ukhomishana omusha uyisisebenzi somphakathi futhi esesisebenze nasembonini ezimele iminyaka engaphezu kwewu-17 siphethe izikhundla ezihlukene, kusukela ekuphatheni ezentela, ezezimali nokungamela umsebenzi. Usebenze ezinhlelweni ezinzima, ezinkampanini ezinemithetho eqinisile, okubalwa kuyona izimayini, ezikhiqiza ugesi neziqoqa intela yomphakathi,” kusho uRamaphosa. 

Ubalule ukuthi uMakhubu ubekhona ngesikhathi iSars ithatha igxathu elisha ngo-2020 izihlelela ikusasa. Ukuhlela umsebenzi kabusha i-Vision 2024  uKieswetter ubekwenza esebenzisana noMakhubu. 

I-Vision 2024 yiyona esize ukunyusa intela engeniswa yiSars ngo-7.6% nokugqugquzela abakhokhintela ukuthi balandele umthetho, okunyuke ngo-3.4 percentage points. 

Ramaphosa ubonge uKieswetter ngokuhola iSars kahle iminyaka eyisikhombisa eyiphethe nokuza nezindlela ezintsha zokwenza izinto, ezihambisa ubuchwepheshe phambili. 

Uthe ubuholi bukaKieswetter buqinisekise ukuthi iSars ingenisa imali eningi esikhwameni sikahulumeni ukuze ulethe inhlalakahle kubantu futhi uphucule indlela izwe elihweba ngayo.

UKieswetter utshele abezindaba esithangamini ebesingoMgqibelo ukuthi uMakhubu uwufanele lo msebenzi ngoba ubekhona kuyo yonk le minyaka beyishintsha iSars. 

“Iseyinde indlela okumele siyihambe ngakho kubalulekile ukuthi umuntu olandelayo kube ngongeke aphazamise isimo salesi sikhungo. Esikubona manje kungumsebenzi weminyaka owenziwe yizisebenzi ezizinikele ekuqoqeni intela” kusho yena.

UDkt uMakhubu ubonge uRamaphosa ngokumethemba ngalo msebenzi wokuqhubeka nesigaba esilandelayo eSars. 

“I-Sars iyona esiza ukuthi intando yabantu isebenze ngendlela efanele. Ngizoqhubeka emsebenzini obuwenziwe wukhomishana uKieswetter kule minyaka eyisikhombisa edlule. Yisikhungo esibalulekile lesi okufanele sivikelwe ngaso sonke isikhathi. Sizoqhubeka nomsebenzi obusuwenziwe okuhlanganisa owokuphucula ubuchwepheshe sisebenzise obusamuntu. Sizoqhubeka nokulwa nomnotho ongekho semthethweni” kusho yena. 

Uphethe ngokuxwayisa ababalelekela ukukhokha intela ngokuthi ubabhekile futhi uzobavumbulula noma ngabe bazifihla kuphi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page