Isikhulu esiphezulu seMultiChoice uMnu uWillington Ngwepe sithi zizotholakala kwiDStv Stream izinhlelo zeShowmax. Isithombe: Sithunyelwe

Zikhona izinhlelo ezikhona ngeShowmax – iMultiChoice

YINTATHELI YOMBELE

YIZE kuphela ngeShowmax kule nyanga kodwa abanikazi bayo iMultiChoice bathi amakhasimende asazozithola izinhlelo ebezisakazwa yilesi siteshi online.

Izolo isikhulu esiphezulu seMultiChoice uMnu uWillington Ngwepe sithe zonke izinhlelo zeShowmax Originals sezizotholakala kwiDStv Stream. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgwepe uthe amakhasimende eShowmax azothola iDStv Stream, i-app yeMultiChoice esakaza izinhlelo zeDStv, imidlalo nezinye izinhlelo zeShowmax ngoR99. 

FUNDA NALAPHA: I-Canal+ izophenywa ngokuvala iShowmax

Amakhasimende eShowmax azokhokha uR99 izinyanga eziwu-12, okuyisaphulelo esiwu-75% emananini ajwayelekile ayo ngokusho kukaNgwepe.

“Inhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi amakhasimende ayaqhubeka nokubuka izinhlelo zawo azikhonzile ngokuletha iShowmax Originals kwiDStv Stream. Sizoqinisekisa ukuthi bathola imidlalo, izindaba, izinhlelo ezihlabahlosile zaphesheya nezasezweni,” kusho yena. 

Umqondisi wemidlalo namafilimu uMandla Ndimande, odume ngoMandla N, ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uthe ukuvala kweShowmax yithuba lemboni yokulingisa lokuthi izenzele izinhlelo zayo zangomuso. 

Asazi ukuthi njengoba kuvala iShowmax kuzokwenzekani kubaqondisi abanemidlalo namafilimu abadinga ukuwafaka endaweni entsha enezinhlelo zeShowmax. 

“Asiqondi ukuthi amahhovisi ayo azoba kuleli zwe noma seFrance. Kufanele kucace loku ngoba miningi imidlalo yakuleli zwe esiyikhiqizayo ebikhonjiswa kwiShowmax,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: Sishintshile isithothobala esiyiKZN njengoba imboni yemidlalo yethelevishini namafilimu ivuke emaqandeni. ULANGA KHANYILE uyaloba

Ubalule ukuthi bengabaqondisi bemidlalo namafilimu kuningi abangakuqondi ngokuzovala isikhala seShowmax ngoba ibiwenza umehluko. 

Unxuse izinkampani zokusakaza ezweni ukuthi zizenezindlela zobuchwepheshe zokusabalalisa imidlalo namafilimu, zingabukeli izinkampani zangaphandle zizenzela embonini.

Usihlalo weSouth African Actors Guild uMnu uJack Devnarain, obehambisana noMandla N, ukhale ngokuthi imboni yokulingisa eNingizimu Afrika ayivikelekile kahle ngenxa yokuthi uhulumeni awuyishayi imithetho efanele.

“Siyazi ukuthi ukusebenza kwemboni yokulingisa kuyashintsha emhlabeni wonke, ngakho nakuleli zwe ngeke sizibalekele lezo zinguquko kodwa sidinga ukuthi uhulumeni uvikele imboni. Loku kuzosiza ukuthi izinkampani zangaphandle zingazenzeli umathanda uma zifika ezweni futhi zilandele imithetho,” kusho yena.Intatheli nombhali wezincwadi uNkk uDudu Busani-Dube, incwadi yakhe i-Hlomu the Wife eyenziwa umdlalo owakhonjiswa kwiShowmax i-The Wife, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngokuvala kweShowmax. Uthe ukholwa wukuthi abantu okufanele baphawule ngabalingisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page