UMnu uSipho Twala, umsunguli weKhwebula Arts eseRandburg, eGoli, eGauteng, ekhiqiza ifenisha enobuciko base-Afrika. Izithombe: Zithunyelwe

Umshayeli wetekisi usenza ifenisha enobuciko besiNtu 

WUTHOBILE ZWANE 

NGESIKHATHI insizwa yaseKatlehong, eGauteng, ishayela amatekisi yayivame ukubuswa wumuzwa wokuthi ingakwazi ukwenza okungaphezu kokushayela itekisi. 

Namuhla uMnu uSipho Twala, oneminyaka ewu-35, uwumnikazi webhizinisi elidonsa amehlo abantu elenza ifenisha kaNokusho ekhangisa ngobuhle base-Afrika eliseRandburg, eGoli.

UTwala uthi indlela yakhe yokungena kulo mkhakha ayizange ibelula. Uthi ngenkathi  engasebenzi wacabanga ukuthi kufanele azame okuthile ukuziphilisa. Ngo-2013 wathola ithuba eliyizingqayizivele lokufunda ukwenza ifenisha ngohlelo lukahulumeni, okuyinto eyamvulela iminyango nomqondo.

FUNDA NALAPHA: Okhule ezifela ngezinto ezinhle usenza ifenisha kaNokusho

“Ngemva kokufunda, ngaya kosebenza enkampanini kaMnu uDavid Krynauw, lapho uthando lwami lokwenza ifenisha lwavuseleleka khona,” kusho yena. Uthi wahlala lapho iminyaka emihlanu, efunda futhi ethekela ulwazi, ethola namava okwenza ifenisha.

Ngo-2019 waqala ibhizinisi lakhe, iKhwebula Arts. Uthi inhloso kwakuwukwakha ifenisha enobu-Afrika phakathi, into exhumanisa abantu nemvelaphi yabo. “Asenzi nje ifenisha, sakha into ehambisana nomuntu,” kuchaza yena.

UTwala uthi ufunde okuningi ngendlela, ezinye izinto wazifundisa kuYouTube, okubalwa kuzona ukusebenzisa i-software yeCAD neCAM. 

Amanani aseKhwebula Arts ayashiyana kuye ngokuthi ikhasimende lifuna into enjani. Uthi isitulo sakhe esishibhile siqala kuR4 850, kanti okunye kuyafika kuR128 400. 

Isitulo seKhwebula Arts

Ugabe ngokuthi izinga lomkhiqizo wabo liphezulu futhi aliguquki, ngoba basebenzisa izinto nemishini esezingeni eliphezulu.

Uthi uhambo lwakhe belungelula. “Ngangingenalwazi oluningi, ngenza amaphutha ngamanani futhi ngingalwenzanga kahle ucwaningo. Okunzima kakhulu ukukhulisa ibhizinisi wukuthola imali yokuthenga imishini, ukuqasha abantu abafanele nokuphatha amakhasimende,” kukhumbula uTwala. Namuhla iKhwebula Arts isiqashe izisebenzi eziyisikhombisa.

Isibuko seKhwebula Arts esidle ngobuciko bamaNdebele

Okujabulisa uTwala kakhulu akukhona nje ukwenza imali kuphela. “Ngijabulela inkululeko yokwenza into engiyicabangayo, ibe yinto ebonakalayo,” kusho yena.

Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi akufanele ulinde isikhathi esithile ukuze uqale. “Qala nje, uzofunda ngendlela. Futhi kubalulekile ukuphatha kahle imali yebhizinisi ngoba kubhekwa uma ufaka isicelo sosizo lwemali,” kusho yena.

Ufisa ukubona iKhwebula Arts yaziwa emhlabeni jikelele kanti uyaqhubeka nokusebenza kanzima ukufeza leso sifiso.

Facebook: Khwebula Arts 

Instagram: @khwebula

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page