Inkundla yokonga iStash by Liberty yenza ukonga kubelula, kubesengathi wumdlalo, ngokuthi abantu abongayo baloku benyusa imali kancane, kancane. Isithombe: Sithunyelwe

Isabelomali sizosiza abatshala imali okungabanjwa ntela kuyona

YINTATHELI YE-LIBERTY

ABANTU baseNingizimu Afrika abahlela ukwandisa imali abayongayo bathole izindaba ezimnandi kwiSabelomali salo nyaka.

Uhulumeni umemezele ukuthi imali engongiwa ngabantu kuma-akhawunti okonga angakhokhiswa ntela izonyuka isuka kuR36 000 iya kuR46 000 kodwa imali abavumeleke ukuyonga impilo yabo yonke kulezi zikhwama ezingakhokhisi ntela isami kuR500 000.

Lolu shintsho luzonika abatshalimali ithuba lokunyusa imali abayongayo ngaphandle kokukhokha intela futhi kwandise nenzalo abazoyithola.

Inhloko yohlelo lobuchwepheshe lokutshala imali engenantela kancane, kancane iStash by Liberty uMnu uGlenn Grimley ithi ukunyuka kwemali etshalwa ngonyaka kukhombisa ukubaluleka kwezikhwama zokulondoloza imali ezingakhokhisi ntela ukukhuthaza ukonga imali isikhathi eside.

“I-tax-fee investment yenziwe ngendlela esiza abantu ukuthi bazakhele umcebo ngokonga isikhathi eside nangaphandle kokukhokha intela. Uma inzalo yanda ayincishiswa yintela futhi ukonga isikhathi eside kuyona kunemiphumela ebonakalayo,” kusho yena.

Igqugquzela isiko lokonga

Ama-akhawunti okonga angakhokhiswa intela afika ngo-2015 ukukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babenesiko lokonga nokutshala imali ngaso sonke isikhathi. Nakuba kunjalo kodwa kusekhona abantu abangalithathi ithuba lokonga imali ebekiwe ngonyaka.

Njengoba imali eyongiwayo isinyuke yafinyelela kuR46 000 ngonyaka, abatshalimali bazokwazi ukukhulisa imali.

“Uma umuntu efaka le mali enyusiwe njalo ngonyaka angafinyelela kwewuR500 000 okufanele ayonge impilo yakhe yonke eminyakeni ewu-11. Ukonga njalo kuyasiza

ukukhulisa imali okungabanjwa ntela kuyona,” kusho uGrimley.

Yenza ukulondoloza imali kufinyelele kuwo wonke umuntu

Esinye isithiyo ebesivimbela abantu ukonga bekuyimicikilisho yokonga ngendlela endala, ikakhulu kubantu abasebasha ezimakethe zezimali.

Izinkundla zobuchwepheshe zokonga ziyasiza ukunciphisa izithiyo ngokwenza ukonga kubelula nakubantu abafuna ukonga imali encane.

U-Grimley ubalule ukuthi ubuchwepheshe buneqhaza elibalulekile ukusiza abantu bonge futhi babenemikhuba emihle ethinta imali.

“Izinkundla zokonga ngobuchwepheshe zenza ukonga kubelula futhi kungathusi.

Uhlelo olusebenza ngobuchwepheshe lokonga, lubonisa abantu ukuthi bongelani futhi lwenza kubelula ukuthi bonge isikhathi eside futhi bazibekele ukuthi bazokonga isikhathi eside.”

Inkundla yokonga efana neStash, uma senza isibonelo ngale nkundla yenza ukonga

kubelula, kubesengathi wumdlalo, iyabasiza nokuthi baloku benyusa kancane, kancane imali abayongayo ibe ibagqugquzela ukuthi babenesiko lokonga.

Ithuba lesikhathi eside

Ukunyuka kwemali eyongiwa ngonyaka ezinhlelweni ezingakhokhiswa ntela kukhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ukukhuthaza abantu ukuthi bonge.

Nakuba ukutshala imali kuma-akhawunti okungabanjwa ntela kuwona kungenzelwanga isikhathi esifishane kodwa ayasiza ukubayingxenye yezinhlelo zesikhathi eside sokonga, ikakhulu uma kukhulunywa ngokonga njalo isikhathi eside.

“Ukonga imali kwi-akhawunti okungabanjwa ntela kuyona yindlela elula yokonga

nokukhulisa imali isikhathi eside. Ukunyusa imali abantu abavumeleke ukuyonga kulolu hlobo lwesikhwama kunika abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokukhulisa imali yabo,” kusho uGrimley.

Abantu kufanele babheke isimo sabo sezimali bese bethinta abaluleki bezimali lapho kudingeka khona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page