Uhulumeni usubheka inkampani ezimele ukuhlenga iPosi
WUBONISWA MOHALE
ZIYAQHUBEKA izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi iSouth African Post Office (iSapo) ayivali njengoba ungqongqoshe womNyango wokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi ethi zihamba kahle izingxoxo zabo nezinkampani abangasebenzisana nazo embonini ezimele.
“Sibheka embonini ezimele ukuthi isilekelele ukutakula iSapo. Sifuna ibe yinkampani eyenza inzuzo ibe isebenzela abantu baseNingizimu Afrika. I-Sapo yinkampani ebalulekile futhi ezokwazi ukulungiseka uma kunezinhlelo ezicacile zokungenisa imali ikakhulu manje njengoba sekusebenza ubuchwepheshe,” kusho yena.
Unobhala weCommunication Workers Union (iCWU), enamalungu amaningi asebenza eSapo, uMnu uMandla Mzileni uthe yize behambisana nezinhlelo zokuhlenga le nkampani kodwa abakuboni kuwumqondo omuhle ukufaka imboni ezimele kuyo.
“Besinomhlangano nongqongqoshe (uMalatsi) emasontweni amabili edlule simchazela ngezinhlelo zethu ezingahlenga iSapo. Kufanele ibeyinkampani esebenzisa ubuchwepheshe bayo ukwenza izidingo zabantu basezweni.
“Le nkampani kahulumeni ibalulekile ngoba isondeza izinsiza kubantu abasezindaweni ezisemakhaya. Ikwazi ukubasiza ngezinsiza zokubhenka njengoba nePostbank isanda kuthola imvume ezoyisiza ukuncintisana namabhange amakhulu,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Izinyunyana zigxeka abafuna ukuvala iSouth African Post Office
Uthe ingqalasizinda yaseSapo ewu-58% isezindaweni ezisemakhaya futhi abantu bakhona bayalubona usizo lwayo njengoba ibasiza ukubeka imali, ukulanda imithi, ukuthumela izimpahla nokunye okuningi.
“Imboni ezimele idiliza izisebenzi sibonile eTelkom isibalo sezisebenzi isaphethwe wuhulumeni besiwu-50 000 siya kweziwu-8 000 ngaphansi kwemboni ezimele. ISapo izokwazi ukungenisa inzuzo uma unohlelo oluqondile lokuhambisana nobuchwepheshe besimanje ukuletha izinsiza kubantu. Sifuna ibe yisizinda sobuchwepheshe futhi isize abantu ngezinsiza zasebhange njengoba iPostbank isebenzisana amagatsha ayo.”
Uthe iCWU ayiyifuni imboni ezimele eSapo kodwa ifuna abaphethe le nkampani kahulumeni bezenezinhlelo ezicacile ezihambisana nesikhathi samanje ukuze uhulumeni ubone ukuthi uzokwazi ukwenza inzuzo.
Ebuzwa ukuthi njengoba ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana engawukhiphanga uR3.8 billion wokuhlenga iSapo, yini engenziwa ngaphandle kokuya embonini ezimele?
Uthe akusikona ukuthi uGodongwana akafuni ukuyikhipha le mali kodwa ufuna kubenohlelo lwebhizinisi oluzokhombisa ukuthi iSapo izoyingenisa kanjani imali.
“Yingakho kubalulekile ukuthi iSapo iphucule ubuchwepheshe bayo, ihambise izimpahla ukuze kubuye wonke umsebenzi ebiwenza osuwenziwa yimboni ezimele. Sidinga kuhlengeke imisebenzi ewu-7 000 esasele eSapo,” kusho yena.

