Ezolimo zibe wumpheme wokuphephela kwabebengawutholi umsebenzi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside izelamani zifuna umsebenzi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Bekuthi noma zizama ukuqala amabhizinisi ehlukene kungalungi. Kuze kwasiza ukuhlangana kwazo nomngani wazo wakudala eziqale ibhizinisi lezolimo naye.

Wengamele udedangendlale wepulazi oqeqeshelwe ezolimo nosimamayo kule ndima. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.

Zigila izimanga izelamani ezangena kwezolimo zizolekelela unina. Manje sezidayisela isikhondlakhondla sesitolo ubisi. Esinye sazo sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA unina ewa evuka ekhulisa inkampani yezolimo ayiqale ngo-2005 kukhuthaze izelamani zaseFree State zaze zafisa ukufaka isandla ukumlekelela ukudlondlobalisa umsebenzi.

Ukungawutholi umsebenzi awufundele kube yisibusiso. Ungene kwezolimo kanti useziphilisa ngokukhiqiza amaveji. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI lentsha yakuleli ufunde waphothula iziqu kodwa akangawuthola umsebenzi. Impilo ibe nzima ezama indlela yokuziphilisa, waze wasizwa wumcabango wokungena kwezolimo. Manje uyasimama kule ndima njengoba esenenkampani ekhiqiza amaveji.

Bafundisa ngemvelo nezolimo, basize nabantu bashaywe wumoya epulazini labo. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside benentshisekeko yokuhlanganisa abantu babafundise ngokubaluleka kwemvelo nezolimo. Bagcine befeza lelo phupho labo leminyaka ngenkathi bethenga umuzi osepulazini ngo-2014, okuyiwona abawusebenzisa njengendawo egcina amagugu emvelo.

Uthando lwezolimo lwenze washiya phansi izifundo ze-PR waqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULISWA wuninakhulu owumlimi kutshale imbewu yothando lwezolimo kuyena. Nokho kuthe ekhula wathi ukuluziba, wagxila ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakwithelevishini, nokwenza wanquma ukwenza izifundo ze-public relations ngemva kokukuphothula umatikuletsheni.

Ukuthola abaSamariya abalungileyo ezinkundleni zokuxhumana kumsizile wavuselela ibhizinisi lakhe umlimi osafufusa owacishe waphonsa ithawula evuka imfuyo yakhe ilele izigingqane. Uxoxe noZANELE MTHETHWA

WACISHE wadikibala waphelelwa wumdlandla webhizinisi umlimi osemncane osezakhele udumo ngokudayisa izinkukhu. UNksz uSne Ngubane usephenduke iqhawekazi nesibonelo entsheni yangakubo eKuthukuzeni, eManguzi.

Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

LANGA limbe esafunda isikole samabanga aphezulu eduze kwalapho ayefunda khona kwakwakhiwa inxanxathela yezitolo entsha eduze omfula.

Uthando lwemvelo nesayensi seluzale ibhizinisi lezolimo elihlukile ezinsizweni ezimbili ezingabalimi nezigabe ngeziqu zalo mkhakha. Baxoxe noMbele

BADLE umhlanganiso bebhincisela nxanye amaqembu abalimi abasafufusa awu-69 emazweni awu-23. OMnu uNgwako Sekhula noMokgalakgathe Tladi bahlomule ngoR15 000 kanti bazocijwa kulo mkhakha ngaphansi kohlelo i-Entrepreneurs Futures Network.

Bavuke bazithatha abadilizwa kwaRainbow Chicken njengoba sebengabalimi bezinkukhu ezithi bona. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabo

KUGCWALISEKE isisho esithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye ezisebenzini ezadilizwa kwaRainbow Chicken eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini. Kwaqhuma isililo nxa zonke ngenkathi kudilizwa izisebenzi ezingaphezu kuka-100 kule nkampani, kwalala ikati eziko emindenini eminingi.

Isimo sakhe sokuzalwa, imfundo yakhe, isimo sakhe sempilo konke bekungenza kube lula ukuthi ahlale phansi dekle, atamuze umbuso noma abheke izindaba zakhe. Kodwa umntanenkosi usekhaleni lokuthuthukisa umphakathi wasemakhaya. Uxoxe noLANGA KHANYILE

KUNESISHO sesiNtu esithi ukuzalelwa emqubeni, okusho ukuba nenhlanhla yokuzalelwa ebukhosini noma ebugwilini. Yingakho izingane zezigwili noma abantwana basebukhosini zidume ngokuthi izinto zazo zilula, okwazo nje wukulindela ukudlula kwabazali, zidle ifa bese zitamuza ubumnandi.

Ukudeleleka komlimi ngenxa yeminyaka yakhe nomzimba wakhe akumvimbanga ukuthi afake isivuno sakhe ezitolo ezinkulu. Manje lezi zitolo ezaqala ngokumeya sezidla entendeni yesandla sakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More

Ukuphinda umatikuletsheni kahlanu nokufelwa yimfuyo akumthenanga amandla umlimi omncane osehlabane ngethuba lokukhiqizela uSPAR wangakubo. Uxoxe noNOKWANDA NCWANE

EKHULA wayefisa ukuba wusomabhizinisi kodwa wayengazitsheli ukuthi lelo bhizinisi lingaba semkhakheni wezolimo. Kodwa namhlanje uMnu uMpho Mangquzana usengomunye wabalimi abasebancane kodwa osekucacile ukuthi banekusasa eliqhakazile.

Abazinwebele ingadi ngesikhathi izwe livaliwe sebevele bavunywa yibhizinisi lezolimo elichumayo. Baxoxe noZIMBILI VILAKAZI

UMNDENI wakwaMsomi eMzinyathi, eThekwini, osungene shi kwezolimo ufisa ukwandisa amakhasimende. Lo mndeni ovele unebhizinisi lendawo yokulala nelokupheka ukudla okuvuthiwe emicimbini usuwengeze ngebhizinisi lokulima ngonyaka odlule nothi nalo liyawuvuma ngendlela emangalisayo.

Nakuba abaThwa bekhule betshala i-rooibos futhi benolwazi olunzulu ngaleli tiye elidume umhlaba wonke kodwa insila yobandlululo ibavalele ngaphandle. Nokho bakhona abalimi abasafufusa abazamayo ukukuguqula loku. UGUGULETHU KHUMALO uyabika ngokulwela igugu labo

EKHULA, eseyibhungu, eCederberg, eNtshonalanga Kapa, nedume njengekomkhulu letiye i-rooibos emhlabeni, ayikho enye into ayeyazi futhi eyithanda njengaleli tiye uMnu uBarend Salomo.

Uneminyaka emine eqalile kwezolimo kodwa ugila izimanga. Uwola imiklomelo, ungafunga ukuthi selokhu kwathi nhlo, yiyona nto ayenzayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngezindlela ezintsha zokulima ezisebenzisa ubuchwepheshe

WAYENGAKAZE aziphuphe ewumlimi futhi wayengazitsheli ukuthi yimboni umuntu ofana naye angangena kuyona ngoba wayecabanga ukuthi ngeyabantu abacebile futhi abakhule vele emakubo kunamapulazi.

Ukubuyiselwa umhlaba akusho ukuthi uzokwazi ukuwusebenza uma ungenalo ulwazi nemali. Yileli gebe iVumelana ezama ukulivala. Isikhulu esiphezulu sayo sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngomsebenzi wayo

KUBALISWA mihla namalanga ngokuthi lubheda kangakanani uhlelo lokubuyiselwa komhlaba njengoba kukhona amanye amapulazi athi uma esebuyiselwe emiphakathini eyayiphucwe umhlaba agcine esephenduke umhume wabaphangi ngoba engasetshenziswa.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page