Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

LANGA limbe esafunda isikole samabanga aphezulu eduze kwalapho ayefunda khona kwakwakhiwa inxanxathela yezitolo entsha eduze omfula.
Uthisha wakhe we-geography wabaxoxela ukuthi akulungile kangakanani ukuthi kwakhiwe endaweni efana nalena ngoba kulimaza imvelo. Wengeza ngokuthi unjiniyela obhekelela imvelo bekungamele asiphasise isicelo sokwakhiwa kwale ndawo ngenxa yobucayi bemvelo yakhona.
Akazange awakhohlwe amazwi kathisha wakhe njengoba atshala uthando lokunakekela imvelo nalusebenzisayo manje emsebenzini wakhe wokusebenza nabalimi njengososayensi womhlabathi ogxile kwezolimo.
UNksz uPalesa Motaung, uyi-operations manager e-AgriKool, umsebenzi asanda kuwuqala. I-AgriKool yinkampani elekelela abalimi bathole amakhasimende futhi isiza abadayisa emigwaqweni nabamasuphamakethe amakhulu ukuthi bathole umkhiqizio wamaveji nezithelo zonke izinsuku.
UNksz uMotaung, oneminyaka ewu-32, uthi ukuthola amaveji nezithelo zonke izinsuku akulula. Amakhasimende abo athumela i-oda ngoWhatsApp bese bona belanda umkhiqizo kubalimi abathenga kubona ekuseni, bawahambisele.
Okwamanje basebenzela eMgungundlovu kuphela kanti izitolo ezinkulu abazidayiselayo wuBoxer, uSupersave noFarmFresh. Banezingxoxo zokunabela ePinetown naseThekwini.
“Sisebenzisana nabalimi abakhulu nabancane ngoba senzela ukuthi umkhiqizo (sihlale) sinawo futhi kokunye umlimi umkhiqizo wakhe uyaye ungavumi kahle.
“Njengoba kusebusika nje, lesi yisona sikhathi abalimi abancane abavuna ngaso. Nakuba sisebenzisana nabo bonke abalimi kodwa sibhekelela kakhulu laba abancane,” kusho yena.
Ukwenza izinto zibe lula enkampanini yabo, amakhasimende abo ayakwazi ukuthenga ngesikweletu kanti imigomo nemibandela yaloko iyashiyana ngokwenhlobo yekhasimende.
Le nkampani isungulwe wuMnu uZamokuhle Thwala ngo-2017. UThwala, oneziqu i-BSc Agricultural Engineering yase-University of KwaZulu-Natal, waqala ebambisene nabangani bakhe behlanganisa imali ukuze baboleke abalimi abasafufusa imali yokukhulisa umsebenzi. Loku bagcine sebekwenza nanabanye abantu besebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Ngezimpelasonto i-AgriKool ibinemakethe eMgungundlovu, lapho ibigqugquzela khona umphakathi ukuthi uthenge kubadayisi basemgwaqweni.

UNksz uMotaung uthi into abantu okumele bayikhumbule wukuthi likhulu iqhaza elibanjwa ngabathengi basemgwaqweni.
“Egoli u-90% wamavegi nezithelo odayiswa ezimakethe zakhona uthengwa ngabadayisi basemgwaqweni. Kwezinye izimakethe lesi sibalo siwu-40% kuya ku-50%. Bangosomabhizinisi abancane futhi bakha namathuba emisebenzi bese kuthi u-70% wabantu abahola kancane wona uthembele kubona ukuthenga ukudla,” kusho yena.
Uthi ukuba nemakethe ngezimpelasonto ngenye yezindlela ethe xaxa abasiza ngayo amakhasimende. Banabadayisi abacela ku-30 kodwa bawu-10 abathenga zonke izinsuku. Nokho uthi balindele ukuthi lesi sibalo sinyuke emva kwemakethe yangoMgqibelo. Abalimi abakhulu abasebenzisana nabo bayisihlanu.
I-AgriKool iqashe abantu abane ngokugcwele nababili abayitoho, isibalo athi sizonyuka njengoba kukhona izinhlelo abanazo zokunabela kwezinye izindawo futhi kukhona namanye amasuphamakethe abaxoxisana nawo.
Ezinye futhi izinhlelo le nkampani ezogxila kuzona ngezokulekelela abalimi baphucule indlela abalima ngayo, nokungenye yezinto uNksz Motaung awungoti kuzona njengoba eneziqu i-MSc Soil Science zase-University of Pretoria.
“INingizimu Afrika ayinawo umhlaba omkhulu ongalimeka njengoba kuwu-13% kuphela umhlaba wayo olimekayo. Enye inkinga wukuthi siyizwe elingelinye lalawo antula amanzi njengoba sikleliswe namazwe awu-30 ome kakhulu emhlabeni. Thina sithola imvula ewu-400mm ngonyaka kanti ngokujwayelekile emhlabeni imvula enayo ngonyaka iwu-800mm. Kulawo manzi ashodayo, abalimi abakhulu basebenzisa u-68% wamanzi. Uma ngithi abalimi abakhulu, ngikhuluma ngedlanzana labalimi abamhlophe.
“Udinga ugesi ukuze ukwazi ukuphampa amanzi uzokwazi ukuchelela kahle nokwenza izindleko zikagesi zigcine seziphezulu. Kukhona nokuguquguka kwesimo sezulu okwenza kube lukhuni ukwazi ukuthi isimo sezulu sizoba njani. Ukushisa kakhulu kuyinkinga nokubanda kakhulu kuyahlupha ezitshalweni,” kusho uNksz uMotaung.
Uzimisele ukusebenzisa ukuqonda kwakhe imvelo, umhlabathi nezolimo e-AgriKool ukusiza abalimi abasafufusa balime kangcono ukuze bezovuna umkhiqizo ongcono.
Facebook: AgriKool
Instagram: @agrikool