Zimbili izinto eziseqhulwini emsebenzini wakhe. Okokuqala wukuqeda igama elithi abalimi abasafufusa kuthi okwesibili kube wukukhiqiza abalimi asebesimeme. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UQASHELWE ukusebenza nabalimi abasafufusa njengoba kumele abatholele amathuba nezinye izinto ezingabasiza. Kodwa isifiso sakhe esikhulu wukuthi mhlazane eshiya kulo msebenzi kube wukuthi akasekho umlimi okuthiwa usafufusa ngoba lokhu kubuye kusetshenziswe ngisho kungafanele.
UNksz uLindelwa Ndaba, i-development officer eKwaZulu-Natal Agricultural Union (iKwanalu), uthi uphokophele izinto ezimbili kulo msebenzi.
“Sinabalimi asebenalo ulwazi futhi asebekwazi ukufinyelela ezimakethe kodwa basabizwa ngabalimi abafufusayo; okokuqala nje wukususa lelo gama. Okwesibili wukuthi ngisuse lo muntu lo abambiza ngomlimi ofufusayo, ngimshiye esewumlimi ofana nawo wonke umuntu,” kusho yena.
Uthi uphiko akulona lwenzelwe ukusiza abalimi bakhule bazi ukuthi ezolimo akusikho ukudla kuphela kodwa yibhizinisi umuntu angaphila ngalo, akwazi ukuthenga indlu nemoto njengawo wonke umuntu osebenza noma kuphi.
“Umsebenzi wami wukuthi sishintshe umqondo abalimi abanawo noma kulabo asebenawo umbono sibasize, sibatshengise ukuthi indlela ihanjwa kanjani nokuthi sikwazi ukubasiza ngezinsizakusebenza kuthi uma sikhuluma nabantu (abadayisa izinsizakusebenza), sibasize bathole isaphulelo njengamalungu eKwanalu,” kusho uNksz uNdaba.
Uthi basiza bonke abalima izindawo ezincane noma kungathiwa abasafufusi, laba ngabalimi abalima umhlaba osuka kwihekthare eliwu-0.5 kuze kufike ku-10.
UNksz uNdaba uthi abalimi babo bayawuhlonipha umsebenzi kodwa bayasidinga leso sandla esizohlale sibagqugquzela sibafundise.
Mlalele eluleka abalimi ngokudinga ukuthi bakuphucule.
UNksz Ndaba uzalelwe futhi wakhulela eWoodford, eBergville, maphakathi neKwaZulu-Natali. Ekhula wayefisa ukuba wudokotela kodwa ngokuhamba kwesikhathi uthi wabona ukuthi kungaphileka ngezolimo nokwenza wagcina esekhethe ukwenza iziqu zeDiploma in Agriculture eCedara. Wabe esezilamanisa ngeBTech in Agricultural Management e-Unisa.
Ukukhula ekhaya belima yikho okwatshala imbewu yalo mkhakha nakuba ethi eqala kwakungemnandi. Kodwa nokubona ukuthi esinye isivuno siyadayiseka ngoba akusiwo wonke umuntu otshalayo kwamkhuthaza ngoba waqala lapho ukubona kuthi kanti kungaba nayibhizinisi njengoba kubo babedayisa nezinkukhu. Muzwe elanda ngaloku.
BeyiKwanalu okunye abakwenzayo wukuba wumxhumanisi wabalimi nohulumeni nokubasiza bakwazi ukuthola imali abangaxhaswa ngayo.
Mayelana nokubambisana nohulumeni, uNksz uNdaba uthi kuningi okuhle uhulumeni abenzela kona kodwa wathi kungakuhle kakhulu uma kungaqale kuxoxwe kuqala ngaphambi kokuthi kwethulwe izinhlelo ezithile ngoba kokunye uhulumeni wethula izinhlelo osuke ucabanga ukuthi abalimi bayazidinga kanti abazidingi.
Ngaphambi kokufika eKwanalu, uNksz uNdaba ubesebenzela iLima Foundation, inhlangano engenzi inzuzo ebhekele ukuthuthukisa ezolimo kanti uke wasebenza nakwiPax, inhlangano ethuthukisa amakhono entsha nabesifazane kwezolimo.