Basebenzisa uthando lwezolimo nemfundo ukufukula abalimi abasafufusa nokulwa nokuntuleka kwemisebenzi entsheni. USLINDILE KHANYILE uyabika
SESIPHELILE isikhathi sokuthi abantu abamnyama beloku bengabalimi abancane abalimela ukuzidlela bona nokudayisa endaweni into engatheni kodwa kumele nabo babeyingxenye yabalimi abakhulu ababamba iqhaza elibonakalayo.
Isho kanjena intsha eseka lo mbono wayo ngezenzo eMpumalanga Kapa lapho isebenzisa khona lolu thando lezolimo nemfundo ukufukula abalimi abasafufusa kulesi sifundazwe ibe futhi ilwa impi yokuntuleka kwemisebenzi entsheni.
Le ntsha, eholwa wuMnu uSinelizwi Fakade, ingabalimi kwayona uqobo njengoba ingakunqeni ukufingqa imikhono, ingene emasimini.
UFakade, oneminyaka ewu-29, uwumlimi ogxile emkhiqizweni wombila. Ngonyaka odlule usungule inhlangano engenzi inzuzo, Ukhanyo Farmer Development nawusihlalo wayo.
Ukhanyo luqale ngentsha ewu-18 esigogodile kwezolimo ezikhungweni zemfundo ephakeme nesebenzisa ulwazi eluthole esikoleni ukucathulisa abalimi abasafufusa ezigodini ezehlukene esifundazweni ukuze bakhulise umsebenzi wabo.
“Inhloso ukuthi bagcine sebekhulile njengabalimi bakwazi ukudayisa, bafunda izindlela ezinohlonze zokulima, sisiza ukudlulisa amakhono kanjalo nokuthi uyithola kanjani imakethe ozoyidayisela.

“Kusukela saqala kuze kube yimanje sesisize abalimi abawu-700. Sisebenza nabalimi okungaba wumuntu onohektha eliwu-0.5, kuze kuze kufike konamahektha awu-35. Laba abanamahektha awu-35 kuya phezulu, yibo abagxile ekudayiseleni imakethe enkulu,” kuchaza yena.
UFakade, odabuka e-Upper Tabase, eMthatha, ukhule nomfowabo nodadewabo bekhuliswa wunina owuthisha. Ukukhulela emakhaya kulinywa futhi kukhona nemfuyo kanjalo nokubona abanye emndenini ababewosomabhizinisi, yikona okutshale uthando lwezolimo kuyena.
Nokuthola ithuba lokufunda nasezikoleni ezifana neWeston Agricultural College eMooi River KwaZulu-Natali, isikole esigxile kwezolimo, kube nesandla; njengoba ethe uma ephothula u-matric wayokwenza i-Diploma kwezoLimo eCedara eMgungundlovu.
Emva kwaloko wenze iBTech kwi-Agricultural Management eNelson Mandela Bay University ngaphambi kokwenza i-Honours kuwo lo mkhakha e-UKZN; wagcina ethole i-Master’s kuwona.
“Ibalulekile into esiyikhulumayo ngezolimo uma abantu sebeqede isikole. Kubalulekile ukuthi intsha isheshe yazi ngezolimo, izimisele kodwa futhi ikuqonde ukuthi akuyona imboni yokwenza imali masinyane,” kusho uFakade.
Uke wasebenza eGrain SA, lapho ebehola khona uhlelo olufana nalolu aselwenza kuKhanyo, nalapho basebenza khona nabalimi abawu-3000 nentsha ewu-18. Uthi ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya ngenye yezinto azithandayo.
UNksz uSiposetu Jilata, naye oneminyaka ewu-29, uwunobhala wo-Ukhanyo kanti ungomunye wabantu asebehlomulile kulolu hlelo. Uphothule izifundo zakhe zeBachelor of Agricultural Economics eFort Hare University ngonyaka odlule.
Uthi kumele abantu baqonde ukuthi yonke into incike kwezolimo futhi nomnotho udinga ezolimo ezihamba kahle ukuze uthuthuke.
“Mina ngibhekelela yonke into ehhovisi futhi kungumsebenzi wami nokufaka izicelo zokuthi sithole (usizo) lwemali kanjalo nokukhangisa ngomsebenzi wethu nokubhekelela izinkontileka esizisayinayo.
“Ngiyaziqhenya ngokuthi siyintsha sesenze into ebonakalayo kanje ngoba besibuye siphele umoya abantu bengasithembi ukuthi ngempela singayenza le nto esikhuluma ngayo,” kusho uNksz uJilata.

Uthe isifiso sabo ukuthi lolu hlelo balwethule nakwezinye izifundazwe ngoba inkinga yentsha engasebenzi nabalimi abasafufusa abadinga ukuxhaswa ikhona yonke indawo.
“Njengamanje sisebenza nentsha esiphothulile ezikhungweni zemfundo ephakeme ewu-36. Cabanga ukuthi ingakanani esingasebenza nayo uma singadlulela nakwezinye izifundazwe,” kusho yena.
UNkk uVeliswa Ngedle uwumlimi ocathuliswa wUkhanyo kanti uthi emva kweminyaka emihlanu aqala ukuba ngumlimi, yima eqala ukuyibona kahle into ayenzayo njengoba esengene kulolu hlelo.
“Ziningi izinto esizifundayo njengokuthi uhlolwa kanjani umhlabathi, ukusebenzisa umanyolo ofanele, ukunakekela imbewu, ngisho nokuqonda ukuthi isimo sezulu siba namuphi umthelela ezitshalweni zakho nokuyizinto ebesingazazi. Sengiyaqonda nanohlangothi lwamabhizinisi manje njengoba ngesivuno sami kulokhu ungenile uR40 000 kwathi uR30 000 kwaba yinzuzo yami sengikhokhele izindleko,” kusho yena.

UNkk uNgedle, ozinze eMhlakulo kuTsolo, uthe manje asekufisa wukuthi athole umhlaba omkhulu kunalona ongamahektha amathathu awulimayo njengamanje.
“Sengiyazi manje ukuthi kukhona engiyokushiyela abantwana bami futhi ngiyajabula ngoba ukhona oyedwa kubona osengenile kwezolimo, okumanje wenza izifundo zezolimo,” kusho uNkk uNgedle.
UFakade, onamahektha awu-1 200 lapho elima khona izinhlobo zezitshalo eziphuma embileni nokudla kwezilwane akudayisela enye yamakoporasi eKapa.
Usebenza nonina nomfowabo kanti manje uthi usacwaninga eyokutshala umthunzi wezinkukhu ukuze ezoba nokunye akutshalile ngale kombila.