UMnu uNhlanhla Nene

OwayewuNgqongqoshe wezeZimali eNingizimu Afrika, uMnu uNhlanhla Nene, uthi buningi ubuthaka obuvezwe wukuqubuka kweCOVID-19 nokuzomele kulungiswe ukuze kufukulwe umnotho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ININGIZIMU Afrika kumele ibuyekeze indlela ephatha ngayo ezolimo ngoba yimboni emqoka engasiza ukuxazulula inqwaba yezinkinga ezikhungethe umnotho wakuleli owe bhu phansi ngenxa yeCOVID-19.

Loku kushiwo nguMnu uNhlanhla Nene owayewuNgqongqoshe wezeziMali kuleli.

UNene, ongumlimi futhi onesitolo esidayisa izinto zokulekelela abalimi, uthe lolu bhubhane lutshengisile ukuthi ezolimo zibaluleke kangakanani kanti uma zihamba kahle akusoze kwashoda ukudla futhi ngeke kube bikho muntu ohluphekayo.

“Ngokutshala izitshalo ezimbalwa nesivuno esincane okwazi ukusithola ukwazi ukuziphilisa wena (ungabhuqwa) yindlala, okokuqala lokho.

“Okwesibili, thina siyananelana ngokwesiNtu; uma omunye etshale amazambane, omunye utshala amathanga, otshale amathanga upha onamazambane nonamazambane aphe onamathanga; sonke sigcine sidle ukudla okuphelele.  “Ngaphezu kwaloko okutshalile ozokudla nozokupha omakhelwane bese loko okusalile ukwazi ukukufaka emakethe. Ngisho uhlupheka, uyakwazi ukuzinakekela uma ulima. Iyasiza futhi nasekuthuthukisweni komnotho ngoba imikhiqizo iphakela ezinye izimboni,” kusho yena. 

Iyaqina imizamo yokuvuselela umnotho wakuleli, obuvele untengantenga singakahlaseli lesi sifo, kanti manje isimo sesimanzonzo.

Izolo uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi kusukela ngoMsombuluko kuzokwehlelwa esigabeni sokuqala sokuvulwa kwezwe, nokuzosho ukuvulwa kwemikhakha ebisavaliwe noma ebingakahwebi ngokugcwele njengozokuvakasha. Isibalo sabantu emicimbini sesinyusiwe kusukela kubantu abawu-50, kuya kwabawu-500; kuye nokuthi hlobo luni lomcimbi.

Ngale kwepulazi elingamahekthare awu-22, lapho efuye khona izinkukhu, ekhiqiza amaqanda futhi etshale izithelo, uNene unesitolo eMbewini esiseMdlovana.

Isitolo sidayisa yonke into edingwa ngabalimi, ukudla kwemfuyo, imbewu, amakhemikhali nomanyolo. Kulesi sitolo, aqale kuso ngoNovemba nyakenye, udayisela  abalimi abasafufusa kakhulu kodwa akhona namakhasimende ambalwa ayizinkampani ezinkulu. 

Bashaywa wuvalo uma kuqala iCOVID-19 kodwa kuphenduke isibusiso ngoba ezolimo ngenye yezimboni ezingazange zivalwe futhi nabantu bashintshe indlela abaphila ngayo basukumela ukuzitshalela ukudla kwabo.

Ngesonto eledlule izibalo ezibheka ukukhiqizwa kwempahla ezweni (i-GDP) ziveze ukuthi ngaphandle kwemboni yezolimo, imikhizo yayo enyuke ngo-15.1 % ngekota yesibili, zonke ezinye zishayekile njengoba abantu bebevaleleke emakhaya.

Ngokusho kweNational Development Plan (i-NDP) kungashaya u-2030 le mboni isisungule imisebenzi eyisigidi.

UNene uthe kumele kusizwe abalimi abamnyama bangagcini ngokufufusa kodwa bakwazi nokubamba iqhaza uma umkhiqizo usuvuniwe.

“Kade ngixoxa nomunye umlimi osafufusa engitshela ukuthi useyahluleka wukumelana nomthamo wamaqanda afunwa wumphakathi awudayiselayo.

Ngithe kuyena sekuyisikhathi-ke manje sokuthi athole indlela yokuwukhulisa umkhiqizo wakhe …athole abanye abadayisa amaqanda azobambisana nabo ukuze ezoba namaqanda enele,” kweluleka uNene.

Nokho uxwayise ngokuthi ukuzama ukukhulisa abalimi abancane akusho ukubafunza imali kuphela kepha okumqoka wukucobelela ngolwazi. Uthe ukugijimisa imali phambili ngaphandle kokubaxhasa kube nesandla ekutheni uhlelo lokubuyiselwa komhlaba kubantu lungatheli zithelo.

Uyenaba ngalokhu kwi-podcast ongaliyilalela lana

Ngale kwepulazi nesitolo sakhe, uNene umatasa ngomsebenzi wokwelekelela izinkampani ezinkulu. Uyilungu lebhodi iGrobank, okuyibhange eligxile kwezolimo; uwuSihlalo we-Empact, inkonyane yaseThebe futhi uwusihlalo we-Arise, inkampani yaseNetherlands ehlinzeka ngemali.

Uthe enye imboni okumele kulungiswe kuyona ngeyezokuxhumana, nathe ukuvalwa kwezwe kukucacise bha ubuthaka bengqalasizinda yazo njengoba kuphoqe ukuthi abantu abaningi bathembele kuyona ukuqhubeka nomsebenzi.

“Kusikhombisile ukuthi sidinga ukuphucula ingqalasizinda yethu njengezwe ngoba ubuthola ukuthi nithi nisemhlanganweni niphazamiseke ngenxa yomthamo omkhulu wabantu abasuke beyisebenzisa,” kusho uNene.

Inhlangano eyenza ucwaningo, i-Eunomix, ngesonto ledlule ikhiphe umbiko oxwayise ngokuthi iNingizimu Afrika ibheke eweni okungenzeka  kuqambe kushaya unyaka ka-2030 seliphonseke kulona uma lingashintshi ukwenza.

UNene akavumelani nalo mbono njengoba ethe ukuqagula kuya nokuthi umuntu izinto uzibuka ngaliphi iso. Mlalele ezikhulumela lana

  • Kusasa sizoxoxa noNene ngokusula kwakhe njengoNgqongqoshe wezeZimali futhi uzozwa nombono wakhe ngesiphakamiso somshwalense wezempilo, i-NHI.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page