UNksz uThando Magane owumlimi nomfuyi uthi nakule ndima kuyaqhethwa ehhovisi

Izithombe: Zithunyelwe

UKUBA wumlimi akusho ukuba wu‘mangcola’ futhi akusho ukusebenza ensimini kuphela. UNksz uThando Magane uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngale ndima

USESUNGULE isikole sokuqeqesha abalimi, iFresh Nest Farmers’Academy, ngoba efuna abalimi bagweme amaphutha awenza ngesikhathi esanda kuqala ukuba wumlimi.

Lesi sikole siseBenoni, eGauteng. Abazoqeqeshwa kusona bazofunda ulwazi olusencwadini, baphinde bathole ithuba lokukwenza abebekufunda ngoba kukhona nepulazi futhi bazophuma nesitifiketi ngoba izifundo ziphasiswe yi-AgriSeta. Leli pulazi lizokhiqiza izikhukhu eziwu-8 000 ngesonto.

UNksz uThando Magane, odabuka eLimpopo kodwa oseneminyaka ezinze KwaZulu-Natali, uwumlimi ogxile ezinkukhwini nasekudayiseni amaqanda. Uqale ukuba wumlimi ngo-2013 emva kokuyeka ukusebenza ebhange kanti unepulazi eHillcrest, phakathi kwaseThekwini naseMgungundlovu, elikhiqiza izikhukhu eziwu-5 000 ngesonto.

Useneminyaka emithathu ecushisha abalimi ngezinto ezihlukene njengokuthi anakekelwa kanjani amachwane, ukutshala ngamathanela nokunye okuningi. Uba nezigcawu zokucobelela ngolwazi, kanti nosuke efuna ukufunda yedwa uyalithola ithuba.

Ukusukumela indaba yokuba wumlimi ukuqale ngoba ezama ukuzithuthukisa emva kokuthuthela KwaZulu-Natali, kwazise wayekude nasekhaya.

“Ngaqala ngavolontiya kwelinye ipulazi kwase kuthi ngo-2013 ngaqala ukusebenza njengomlimi. Akekho owayengangazi ngoba ngangingomunye wabambalwa abamnyama, abancane futhi izinto zazihamba kahle.

“Kwangingena ekhanda ukuthi izinto zihamba kahle, ngaqala ngangawunaka umsebenzi nokwenza ukuthi izinkukhu zami zife kanti kuzothi kusenjalo kwafika ne-bird flu yaqedela,” kusho yena.

Eseqedile ukuzidabukela, wavuka wazithatha wagcina esedayisa ummbila kodwa waqhubeka eqhukuluza kwaze kwabe uyakwazi ukuboleka imali ebhange ukuze abuyele epulazini.

“Impilo yashintsha kakhulu kunengasengiyijwayele ngesikhathi ngiwile futhi ngangiyibona nemali iphela masinyane ngoba ngase ngiphila ngalena engangiyongile. Kwakungelula ukudayisa ummbila ngoba kwakufanele ngivuke ngo-3 (entathakusa) ngiyowulanda eBhamshela (KwaMaphumulo) bese ngiwuhambisa komama ababethenga kimina, nakhona esasingekho isiqiniseko sokuthi bazowuthenga wonke,” kukhumbula uNksz Magane.

Waqhubeka nanokusiza abantu ababefuna lapho bezodayisa khona umkhiqizo wabo futhi wayedayisa nasemholweni.

“Sengiyazi manje ukuthi kufanele ebhizinisi lakho uhlale ukhumbula ukuthi nawe uyisisebenzi ungazitsheli ukuthi ungumphathi,” kweluleka yena.

Nakuba ukuphathwa kwepulazi kuyinto okudingeke ukuthi ayifunde esewumlimi kodwa ukhule ekhaya kutshalwa njengoba uninakhulu noyise babelima. Uthe kubo kumbalwa ababekuthenga esitolo ngoba okuningi kwakuphuma ensimini.

“Ngaleso sikhathi ngangingawuthandi umsebenzi ohambisana nokuba sensimini ngoba ngangiyingane ngifuna ukuzidlalela. Kodwa ngangihlale nginayo intshisekelo yokwazi ukuthi izinto zenziwa kanjani njengotshwala (besiNtu),” kusho uNksz Magane.

Enye into egqugquzela uNksz Magane wukufuna ukudoba intsha kwezolimo ukuze izobona ukuthi yimboni enkulu kangakanani futhi enamathuba amaningi kanjani.

“Intsha kumele yazi ukuthi yonke into iqala kwezolimo futhi akuwona umsebenzi wabantu abangcolile. Inkinga wukuthi intsha ifuna imali esheshayo futhi ayizimisele ukuyisebenzela, iyonanto-ke okumele siyilungise leyo.

“Mina ngizinikele ekutheni abantu babone ukuthi ukuba wumlimi wumsebenzi omnandi futhi nawo uyakuhlalisa edeskini uthole isicucu njengeminye imisebenzi. UThando (ukhiqiza) izinkukhu kodwa angifani nezinkukhu,” usho kanje ngeqholo.

Uthe yize imali idingeka ebhizinisini kodwa kuyabalimaza abalimi abasuke bengenalo ulwazi olwanele ukuvele banikwe izindodla zemali bengakwazi ukuyiphatha. Unxuse uhulumeni ukuthi anganiki noma yimuphi umlimi imali, zizwele wena kwi-podcast echaza ngaloku.

UNksz Magane udayisela izitolo ezinkulu zokudla njengo-Pick n Pay, uSpar neJwayelani.

Useqeqeshe abalimi abangu-180 kanti ukuqeqeshwa kubiza phakathi kukaR750 noR1 500 kuye ngesikhathi. 

Facebook: Thando Koko FreshNest farmer

Twitter: FreshNet farmer

Instagram: thandomag

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page