UGodongwana uxwayisa ngomphumela wemiholo yezisebenzi zikahulumeni emnothweni wezwe. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki. 

Kukhona okusina kubajeqeza abangafuni ukuphendula ngemali yeCOVID-19. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNYANGO wokuQasha neziSebenzi uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ukuthi uzomisa ukusebenza kwama-akhawunti azo asebhange futhi udle izimpahla zazo uma ziqhubeka zinqaba ukusebenzisana nabacwaningimabhuku abajutshwe ohlelweni “iFollow the money”. 

Ibhange loMbuso lethule imali entsha edle ngezimpawu zokuphepha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.

Ifakelwa izibuko eyamaqhinga okudoba izivakashi nemali e-uShaka Marine World. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOCWANINGO olwenziwayo ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani i-uShaka Marine World ukuze idobe izivakashi ezingaphezu kwenazo njengoba isezinhlelweni zokuvuselela ukusebenza kwayo emva kokuphazanyiswa iCOVID-19. 

Basadonsa kanzima abathengi kodwa likhona ithemba ngamanani okudla. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUQHUBEKILE ukunyuka kokwehla kwamandla emali ngoMashi kwafinyelela ku-7.1%, kusuka ku-7.0% ngoFebhuwari. Kanti ukunswinyeka kwabathengi kubonakele njengoba nokudayiswa kwezinto kwehlile, obesekungokwesithathu izinyanga zilandelana

Inxanxathela yezitolo zezimpahla ezinamagama iletha ithemba ngomnotho waKwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUVULWE ngokusemthethweni i-Oceans Mall inxanxathela yezitolo edle ngamagama ezimpahla zokugqoka zomntakabani eziqalayo ukufika eThekwini, KwaZulu-Natali, okubhekwe ukuthi kulekelele ukuvuselela umnotho walesi sifundazwe.  

Ibhange iqhamuke nesinye isixazululo ekushodeni kukagesi. USLINDILE KHANYILE uyabika

INSELELO kagesi isivule amathuba emabhizinisini amancane namakhulu. Kuleli sonto elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika iFNB limemezele ukuthi selibolekise ngemali ecela kuR1 billion ngohlelo lwayo i-ecoEnergy home loan, eyalwethula ngo-2021 lwabantu abasuke bezofaka ingqalasizinda yokudonsa ugesi ongaphehlwa ngamalahle.

Amehlo athe njo kuNgqongqoshe obheke umNyango kaGesi, umnotho uthwele kanzima nezikhamuzi zikhala mihla namalanga. INTATHELI YOMBELE iyabika

EKUGCINENI ngemva kokwethembisa ukubeka ungqongqoshe omusha ozolungisa inkinga kagesi egubuzele izwe nekhinyabeza umnotho nekhalisa izakhamuzi, umengameli uCyril Ramaphosa ugcine eqoke uDkt uKgosientsho Ramokgopa abewuNgqongqoshe kaGesi izolo ebusuku. 

Ukukhula komnotho weNingizimu Afrika kusezandleni zosomabhizinisi abancane kodwa kufanele banyuse amasokisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGENKATHI uNgqongqoshe wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uNkk uStella Ndabeni-Abrahams ethula inkulumo kwiProgressive Business Forum eNasrec, eGauteng, ngenyanga edlule wakhumbuza ababemlalele ukuthi umhlahlandlela wokuthuthukisa iNingizimu Afrika iNational Development Plan (iNDP) uthi phakathi kuka-60% no-80% wenani lomnotho uzoqhamuka emabhizinisini asafufusa.

Uhulumeni usuphumele obala ngokuthi iNingizimu Afrika ingabalwa namazwe okulula ukushushumbisa imali kuwona. INTATHELI YOMBELE iyabika.

UHULUMENI uphasise imithetho emibili ukulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zamaphekula i-General Laws (Anti-Money Laundering and Combating Terrorism Financing) Amendment Bill ne-Protection of Constitutional Democracy Against Terrorist and Related Activities Amendment Bill.

Banxusa uRamaphosa ukuthi abe nomgogodla kanti abanye bathi abanathemba elitheni ebuholini obusha. USLINDILE KHANYILE uyabika

INHLANGANO yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) ihalalisele ubuholi obusha benhlangano ephethe izwe i-ANC, yathi kuyancomeka kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane abakhethiwe.

Ziningi izinto ezithwalise kanzima imboni yezimali – umbiko weBhange loMbuso. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKWEHLA kwamandla emali okuhambisana nokunyuka mawala kwemalimboleko ekubeni umnotho ungakhuli emhlabeni, ugesi ocikizelayo, imiphumela ehambisana nokufakwa kwi-grey list nokungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yizinto ezibeka imboni yezimali engozini enkulu ezweni.

Ukuphucula indlela okusetshenziswa imali kahulumeni ngayo sekufanele kubonakale kwizidingo zomphakathi, kusho umcwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOMEHLUKO omuhle endleleni okuphathwe ngayo imali kahulumeni ngonyaka wezimali u-2021/22 njengoba yandile iminyango kahulumeni ethole imibiko yezimali emihle. Nokho kusadingeka ukuthi kuqiniswe isandla ekuqikeleleni ukuthi loku kuholela ekuphuculeni indlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.

Abalawuli bayayibambezela imboni yobuchwepheshe, kusho izikhulumi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE abalawuli bemboni yobuchwepheshe bashintshe indlela abenza ngayo izinto ukuze bayeke ukubambezela izinto ezintsha ezizothuthukisa imboni ne-Afrika. Leli yikhwelo elihlatshwe yizikhulumi kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre kusukela mhla ka-7 kuya mhla ka-10 Novemba 2022.

Izosala ngaphandle i-Afrika kwezobuchwepheshe uma kungandiswa abantu abakwazi ukudonsa umoya nge-internet. USLINDILE KHANYILE uyabika

BANINGI abantu abanamaselula e-Afrika kodwa lokho kukodwa akusho ukuthi kuzokwenza bakwazi ukubamba iqhaza futhi bahlomule emathubeni azoqhamuka ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe besimanje iFourth Industrial Revolution.

Kuhamba kahle ngesikhwama sempesheni sikahulumeni kodwa kufanele umnotho ukhule ukuze kuqhubeke. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISIKHWAMA sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) sikwazile ukumelana nezinselelo ezihlasele umnotho waseNingizimu Afrika sakhula ngo-9.6% safinyelela kuR2.3 trillion ngonyaka wezimali ka-2021/22.

Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.

Bebebulala inyoka abantu emcimbini wokucija osomabhizinisi. INTATHELI YOMBELE iyabika

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi nabantu kwindumezulu yomcimbi ohlanganisa osomabhizinisi minyaka yonke eThekwini iDurban Business Fair (iDBF) e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (i-ICC) naseDurban Exhibition Centre, ephele ngeSonto.

Abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokusebenza nohulumeni kwiDurban Business Fair. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUCETSHISWE osomabhizinisi abebehambele iDurban Business Fair (iDBF) ngezindlela ezilula zokusebenzisana nohulumeni ngosuku lokuqala lwalo mbukiso wosomabhizinisi oba khona minyaka yonke eThekwini, KwaZulu-Natali.

Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

‘Luyatotoba usizo olunikwa abakhahlanyezwa yizikhukhula kanti uhulumeni awufundanga lutho enhlekeleleni yeCOVID-19.’ USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.

Imizamo emisha yokugqugquzela ukuthi abantu bakuhlelele kahle ukuthatha umhlalaphansi ukuze bangahlupheki. USLINDILE KHANYILE uyabika

YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.

Abamabhizinisi behlukene ngemibono ngokudingeka kwenziwe ukulungisa i-Eskom. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINHLANGANO zosomabhizinisi aziboni ngaso linye ngesimemezelo esisanda kwenziwa wumengameli wezwe mayelana nemizamo eyenziwayo ukuxazulula inkinga yokucima ugesi osekuneminyaka ewu-14 ikhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika.

Nakuba kusekuningi okunye okudinga ukulungiswa ngezitimela kepha kuntwela ezansi eTransnet. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUBUKEKA sengathi seziqala ukulunga izinto enkampanini kahulumeni ethutha izimpahla ngamachweba, izitimela namapayipi iTransnet. Kuleli sonto le nkampani yethule umbiko wayo wonyaka wezimali ophele mhla ka 31 ngoMashi 2022, lapho imemezele khona ukuthi yenze inzuzo ewuR5 billion.

Owaziwa ngamava kwezamabhizinisi uthembisa uku‘takula’ uKhongolose KwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKHULUMA izinto ezingayisa izwe phambili usomabhizinisi osenqume ukungena ngokugcwele kwezombusazwe. Kepha mukhulu umsebenzi ohlalele uMnu uSandile Zungu ngoba inhlangano ebusayo i-ANC ingcole kusuka phezulu.

Kuphenywa isikhwama sempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators. INTATHELI YOMBELE iyabika

INKAMPANI yabantu abamnyama enkulu kunazo zonke ezilawula izikhwama zempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators ithi izothathela inhlangano elawula le mboni iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) izinyathelo zomthetho.

Sekuphase izicelo zomshwalense zikaR24bn zokukhokhela umonakalo wokutapa ngoJulayi. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMSHWALENSE kahulumeni ohlinzekela izibhicongo iSouth African Special Risk Insurance Association (iSasria) usukhokhe uR24 billion, okuwu-80% wezicelo ezafakwa ngamakhasimende okwacekelwa phansi izimpahla zabo ngenkathi kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule.

Osomabhizinisi abashayeka kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule sebevuke bazithatha. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI acekelwa phansi ngenkathi kutatshwa izinto okwaqubuka ngoJulayi ngonyaka odlule asevuke qingqo. Nokho abanikazi bawo basazikhotha amanxeba futhi banovalo ngokuthi emva kwaso sonke lesi sikhathi kodwa akekho oseboshiwe futhi washushiswa.

Osomabhizinisi bancoma iTransnet ngomsebenzi wayo wokuvuselela ingqalasizinda. INTATHELI YOMBELE iyabika

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan usencome umsebenzi owenziwe yiTransnet ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi emzileni emqoka wokuthutha izimpahla phakathi kwaseThekwini naseGauteng.

ITheku nemizamo yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula emnothweni. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMASIPALA waseThekwini wethule isabelomali sango-2022/23 esibuyekeziwe uchaza ukuthi umi kuphi ngesicelo sesibonelelo osifake emNyangweni wezeziMali sokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi, ezidale umonakalo olinganiselwa kuR5.8 billion.

Kunzima nxazonke kuhulumeni ngokungenelela odabeni lwentela kaphethroli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGENZEKA uhulumeni ugcine ungakwazanga ukuphinde ubuyisele intela kaphethroli i-general fuel levy njengoba izinkomba ziveza ukuthi isimo somnotho sisazoba nzima futhi namanani kawoyela eqhubeka nokudla amagalani njengoba izolo ebemi ku$122.08 umphongolo.

Abasafufusa bakhala ngomasipala abathi ubaphuca isinkwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa baKwaMhlabuyalingana, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, bakhala ngomasipala ngokubabulala ngendlala njengoba bethi baxoshwe emakethe asebeneminyaka besebenzela kuyona. Basola omunye wabaphathi bakamasipala abathi usanda kuqashwa kanti uzenzela umathanda.

Iseyinde indlela okusafanele ihanjwe yiNingizimu Afrika ukuthuthukisa asafufusa ngobuchwepheshe kodwa sekuntwela ezansi. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI amancane asengozini yokuwa noma kuzoncipha inzuzo ayenzayo uma engayisukumeli indaba yokuguqula indlela asebenza ngayo ukuze ahambisane nobuchwepheshe besimanje kanti loku kubeka imisebenzi engcupheni.

Izingqapheli zixwayisa ngokuthi abathengi basazodonsa kanzima njengoba nemalimboleko kubhekwe ukuthi inyuswe. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi amanani okudla nokubiza kwezinye izinto, okudalwa wukwehla kwamandla emali kuyeke ukuqonga, kanti kudingeka ukuthi abathengi bazibambe ziqine ngoba nophethroli kulindelwe ukuthi unyuke ngamawala ngenyanga ezayo, ngaphandle uma uhulumeni uzophinde ungenelele.

Inyunyana ishaya amakhala ngesinqumo seBhange loMbuso nge-Ubank. USLINDILE KHANYILE uyabika

I-NATIONAL Union of Mineworkers (iNUM), engabanye babanikazi be-Ubank, ithi isinqumo seBhange loMbuso sokufaka leli bhange ngaphansi komlawuli yiqhinga lokuphoqa ukuthi ivume ukuthengwa yi-African Bank, nethi ifuna ukukhokha “utiki” owuR100 million ukulithenga lonke leli bhange.

Imininingwane yosizo lwemali kosomabhizinisi abakhahlanyezwe yizinhlekelele ezihlasela zilandelana. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMNYANGO wezeziMali umemezele imininingwane yesikhwama sokulekelela osomabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, udlame olwabheduka ngoJulayi ngo-2021 KwaZulu-Natali naseGauteng nezikhukhula ezisanda kuba khona.

Ongoti bathi akufundiswe abantu ngenkanankana yokuguquguquka kwesimo sezulu ukuhlenga impilo, umnotho nemisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZODINGEKA zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zibambisane ukuphucula impilo yabantu ngezidingo ezihlukene ukunciphisa ingozi yezikhukhula ngoba asikho isisombululo esisodwa futhi abantu ngeke bayeke ukufudukela emadolobheni ngoba bebheka amathuba angcono emisebenzi.

Usengozini umnotho waseThekwini ngoba isenkulu ingozi yezikhukhula ngaphandle uma kutholakala isisombululo ngokushesha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZOTHATHA izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umnotho waseThekwini usebenze ngendlela obusebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kwezikhukhula ezibhoke ngesonto eledlule. Loku kulindeleke ukuthi kwehlise umnotho wedolobha ngo-1.8% njengoba idolobha lilahlekelwa wuR28 million ngosuku ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi ungakabalwa umonakalo owenzeke kwingqalasizinda.

Abalimi baxwayisa ngengozi uma ingasheshi ukulunga ingqalasizinda elinyazwe yizikhukhula. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUMQOKA ukuthi kusheshiswe ukulungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi KwaZulu-Natali ukuze kuzophinde kuqhubeke kahle ukuthutha izimpahla eNingizimu Afrika ngoba uma kungenzeki loku kungagcina sekunomphumela omubi emnothweni, ikakhulukazi kwezolimo.

Kukhuthazwe osomabhizinisi ukuthi babheke amathuba embonini ye-Halal bangagcini ngemikhiqizo yokudla kuphela. INTATHELI yoMBELE iyabika

UKWAKHA amathuba emisebenzi entsheni, ukufukula umnotho waseNingizimu Afrika nokulwa nobubha ngezinye zezinto ezigcizelelwe yizikhulumi ebezisengqungqutheleni yokuhweba nokutshala imali iKwaZulu-Natal Trade & Investment Indaba and World Halal Day ebiseThekwini.

Sigxile ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi entsheni iSabelomali saKwaZulu-Natali. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

YIZE umnotho waKwaZulu-Natali ukhombisa izimpawu zokusimama ngokuphelele kodwa amathuba emisebenzi esifundazweni aphansi kakhulu. Isibalo sabantu abaqashiwe sehle ngo-5.1% ngekota yesithathu yango-2021. Intsha yiyona eshayeke kakhulu, njengoba isibalo sentsha engasebenzi siku-59.3%.

Yiphupho nje elingeke lifezeke ukulawula intengo kaphethroli, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE uyabika

AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).

UGodongwana nemizamo yokulekelela izakhamuzi ukuthi zingaklinywa yizindleko zempilo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzobhunga ngendlela okuklanywa ngayo inani likaphethroli ukubheka ukuthi ayikho yini indlela yokulibuyekeza. Loku ngeminye yemizamo ezokwenziwa ukuzama ukunciphisela abantu izindleko zempilo eziqonga mihla namalanga.

Liyadlondlobala ibhizinisi lokuthunga bomama abasizwe yiTransnet. INTATHELI yoMBELE iyabika

NGOKOMKHANKASO wayo wokusiza abantu besifazane baselokishini abadinga ukulekelelwa ngamakhono abo, iTransnet Port Terminal (iTPT) inikele nge-container nemishini eyisishiyagalombili enhlanganweni yomfelandawonye wokuthunga yaseChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali.

BAHLEKA bodwa osomabhizinisi abebekhangisa embukisweni okhuthaza ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika. Abanye babo baxoxe noSLINDILE KHANYILE

BABONA kuzovuleka eminye iminyango yokukhula abanye bosomabhizinisi abebekhangise ngemikhiqizo yabo embukisweni ogqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika. I-Intra African Trade Fair (i-IATF) ebise-Inkosi Albert Luthuli ICC eThekwini, eGauteng, nephele ngeSonto.

Kuthiwa zinhle izinhlelo zokwethula ugesi ongaphehlwa ngamalahle inqobo nje uma zizovikela imisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page