Category: Ezinohlonze
Ongoti babheke ngabomvu udaba lwesibonelelo sikaR350 kwisabelomali saphakathi nonyaka. USLINDILE KHANYILE uyabika
NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.
Kuleli sonto eligqugquzela ukuhlelwa kwemali uSLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti abakucebisa ngokwenza loku kahle
NGOMSOMBULUKO izisebenzi zenye yezimboni ezinkulu eNingizimu Afrika, imboni yokusansimbi, ziqale isiteleka ngoba zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-8% ekubeni umqashi ubeke etafuleni u-4.4% kulo nyaka. Amalungu iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) athe azoteleka umqashi aze agobe uphondo njengoba ethe ngonyaka odlule azwelana naye ngesikhathi kungasebenzeki ngenxa yeCOVID-19.
Kuyathokozisa ukubona ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso
NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.
Lukhulu lubhekwe kuGodongwana onconywa wongoti ngokuba namava nesisoka. USLINDILE KHANYILE uyabika
UNGQONGQOSHE omusha womNyango wezeziMali unawo wonke amava adingekayo kumuntu ophethe lesi sikhundla. Uyaziqonda izimiso zomnotho kanjalo nemigomo yenhlangano ebusayo i-ANC.Kuphela nje osekuzocacisa ukuthi uyaphumelela yini wukuthi izomeseka yini inhlangano yakhe ezinqumweni azithathayo nokuthi unomgogodla kangakanani.
Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika
IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.
Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika
“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”
Osomabhizinisi basemalokishini abakhahlanyezwe yiCOVID-19 bathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. USLINDILE KHANYILE uyabika
OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.
Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili. Kodwa ngabe kusho ukuthini ngempela loku uma sikhuluma ngobudlelwano bokucathuliswa emsebenzini, phecelezi i-mentoring. USLINDILE KHANYILE uyabika
“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”
Ngonyaka odlule uNgqongqoshe wezeziMali ugqugquzele abantu ukuthi babheke ukuthi ngeke yini abasiza amabhizinisi aziwa ngenetwork marketing njengoba isimo somnotho sintengantenga emhlabeni jikelele. Ngabe leli bhizinisi abanye abalididanisa namabhanoyi liyasiza ngempela? USLINDILE KHANYILE uyabika
“UMA uthola ithuba lenetwork marketing oliqonda kahle, ngicela ulisebenzise mfowethu noma dadewethu. Kuzothatha iminyaka engaphezu kwemibili ukuthi noma yimuphi umnotho uvuseleleke. Inqwaba yemizi nezimoto kuzodliwa kanti iyodwa kuphela indlela esizophuma … Read More
Impicabadala ngobuthaphuthaphu bokuthengwa kwamaqembu kwiPSL, kuloba uSiyabonga Hadebe
NJENGOBA isikhathi siya sihamba, abantu abaningi bayambuleleka ngobudlelwano phakathi kwebhola nemigomongqangi yezomnotho. Lo budlelwano bungaba obuqondile noma obuphambene nehlombe kodwa abulawuleki. Ngenxa yaloko, noma ngabe uwusomnotho noma umbhali wezemidlalo, akulula ukuqonda noma ukuqagula ngezezimali ebholeni.
Sishintshile isithothobala esiyiKZN njengoba imboni yemidlalo yethelevishini namafilimu ivuke emaqandeni. ULANGA KHANYILE uyaloba
‘HEY’ wena, Durban
Ebhish’ Kumnand’ eThekwini…”
Laligqoma kanje elinye lamanoni eCJB, iqembu lomculo i-bubblegum, phakathi nama-’80s. Le ngoma ethi Durban eBeach (Kumnandi eThekwini) yayifakazela ukuthi ubumnandi bubuzwa eThekwini ngenxa yokuthi phakathi kwezinye izinto ligabe ngolwandle olucwebile.
Basebenzisa ubuchwepheshe ukuzama ukuvala igebe phakathi kwabafundi abadla izambane likapondo nabadla imbuya ngothi. USLINDILE KHANYILE uyabika
NGESIKHATHI izwe livaliwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19 igebe phakathi kwabafundi abami kahle nalabo abaswele lihlale obala njengoba kulabo abasezikoleni ezimi kahle kube lula ukuthi bashintshe indlela abafunda ngayo besebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje kanti kulabo abantulayo kube wumzukuzuku abaningi bagcina bengafundanga.
ICOVID-19 ishaye kwezwela emhlabeni, kwawa amabhizinisi kodwa futhi iwalethele amathuba amasha. UZANELE MTHETHWA uyabika
KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.























































