Kuyathokozisa ukubona ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.

Olunye usizo emabhizinisini akhahlanyezwe yizibhelu. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNYANGO wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usuhlanganise usizo olunhlobonhlobo lokulekelela osomabhizinisi abathinteke ngenxa yezibhelu ezihlasele KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo zaseGauteng ngenyanga edlule.

Kunezigidi zokuvuselela umnotho kodwa umphakathi kumele ukuqonde ukuthi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kwenza izwe ligidagide ndawonye. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzohlinzeka ngoR38.5 billion amabhizinisi nezakhamuzi ngezindlela ezihlukene ngenxa yezibhelu zokutapa ezibheduke KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo zeGauteng emasontweni amathathu edlule.

Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.

Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika

“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”

Izibhelu nokutapa kushabalalise amabhizinisi abadayisi basemgwaqweni asekhulise, afundisa izizukulwana. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMUNYE wabadayisi basemgwaqweni onetafula esangweni lokuphuma eSiyaya, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, useneminyaka ecela ku-35 ondla umndeni wakhe ngalo njengoba edayisa amaveji kulona.

Ziseningi izinselelo ezinqinda ukukhula kwabalimi abamnyama njengokungatholi amatayitela ngesikhathi nokungaxhaswa ngendlela efanele uma sebebuyiselwe umhlaba. USILINDILE NYATHIKAZI uyabika

YIZE umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya usubuyisele u-50% womhlaba kahulumeni ukuthi ulinywe kodwa ukwesekwa kwabalimi abasha nokudluliselwa komhlaba ngokupheleyo kusazoba yizinto ezisazomhlupha ungqongqoshe walo mnyango.

Kwabaningi imali yomqashi iphela endleleni. Kwabangasebenzi ukunqena amehlo abantu akulibeki ibhodwe eziko. Ikhona imali ekudayiseni nasekuphanteni. UZANELE MTHETHWA uyabika

INGOMA yomculi wekwaito osashona uMandoza eyashisa izikhotha ngama-’90s yayithi “Uzoyithola kanjani uhlel’ ekhoneni”. Yize le ngoma yayidle nangesigubhu esisukumisa ngisho nesinedolo, umyalezo wayo wawucace bha futhi unesifundo.

Uhlelo lokusimamisa umnotho wasemalokishini nokuthi ‘zidle ekhaya’ luyaqhubeka. UMasipala uvule indawo yezigidigidi edayisa izinsimbi zezimoto nezindawo zabahwebi eMlaza

OHLELWENI oluyingqophamlando ezweni lokuthi kube nendawo yokuphucula indawo yokusebenzela yabahwebi abancane akade benamatafula ludle imali ewu-R22 million, kuyaqhutshekwa nokusimamisa umnotho wasemalokishini, njengoba kuvulwe indawo yabo eZimbuzini, eMlaza, eThekwini.

Idinga ukufakelwa izibuko eyezithuthi zomphakathi ezisebenza ngobuchwepheshe besimanjemanje. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNINGI osekushintshile ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe emhlabeni. Enye yazo yindlela umphakathi othuthwa ngayo njengoba sekwaba khona izimoto umuntu azibiza “ngokugingqa isithupha” kwi-internet bese ifika qathatha lapho ekhona izomlanda, phelecezi ama-e-hailer.

IKhomishini yokuNcintisana ithi kuningi okudinga ukuguqulwa endleleni okuthuthwa ngayo umphakathi ukuze kuhlomule abagibeli. USLINDILE KHANYILE uyabika

INHLANGANO yamatekisi ezweni iSouth African National Taxi Council (iSANTACO) ithi imipumela yocwaningo obelwenziwa yiKhomishini yokuNcintisana ngemboni yokuthutha umphakathi ifakazela into esineminyaka ikhala ngayo futhi ithemba ukuthi kuloku uhulumeni uzolalela bese uthatha izinyathelo ezifanele.

Osomabhizinisi basemalokishini abakhahlanyezwe yiCOVID-19 bathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.

Isabelomali saKwaZulu-Natali sigxile ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda, ukulwa neCOVID-19 nokweseka izinkampani ezisafufusa. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.

Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili. Kodwa ngabe kusho ukuthini ngempela loku uma sikhuluma ngobudlelwano bokucathuliswa emsebenzini, phecelezi i-mentoring. USLINDILE KHANYILE uyabika

“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”

Kuhle ugawule ubheke indlela oziphatha ngayo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kungakuphuthisela noma kukuqedele umsebenzi. UZANELE MTHETHWA uyabika

OKWAKOBANI ukulahlekelwa yithuba obukade ulithandazela lomsebenzi noma lebhizinisi? Phezu kokubamba umoya nokucela ukuthi abakini bakubheke kodwa ukuphunyuke kanjalo umsebenzi ngenxa yezono zakudala. Yiloku kanye okwehlele unobuhle obengomunye wabangenele umncintiswano kaMiss SA ngonyaka odlule.

iNingizimu Afrika ilahlekelwa wuR14.5 billion ngonyaka ngemboni katshwala nogwayi engekho emthethweni, nokudlangile ngenxa yeCOVID-19. Uma kunganqandwa, ziningi izinkampani ezisemthethweni ezizowa. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUDINGEKA ubuholi obunomgogodla futhi obengakhohlakele, ingalo yomthetho eqinile nomphakathi ongazibandakanyi nobugebengu ukulwa nokudlondlobala kwemboni yokudayiswa kwezimpahla ngokungemthetho kanjalo nempahla ewumkokotelo eNingizimu Afrika.

Sikhona ngempela isidingo sokutatazeliswa yimigomo nemibandela emisha ezokwethulwa wuWhatsApp? USLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti bezokuchwepheshe ngalesi siphithiphithi

BEKUPHITHIZELA kuWhatsApp nakwezinye izinkundla zokuxhumana ngendaba ebisegudwini yokuthi le nkampani “isizofunda futhi ilalele imiyalezo yethu”, “izontshontsha imininingwane yethu yasebhange” futhi “izobona yonke into esiyenzayo ocingweni”.

Abangcwabi ngenye yezimboni ezimatasa kakhulu njengoba abantu bebhubha ngapha nangapha ngenxa yeCOVID-19 kodwa le ndlela imali engena ngayo ngalesi sikhathi ayibajabulisi neze ngoba nabo ibalethele olunye utaku. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabanye babo

KUSUKELA kuqale le nyanga abangcwabi bakhala isililo esifanayo ngokucinana kotshumo ngenxa yemingcwabo eminingi. Ngaphezu kokushoda kwemigodi, kuke kwashoda ngisho amabhokisi kanti njengoba esetholakala nje, asemba eqolo.

Ngonyaka odlule uNgqongqoshe wezeziMali ugqugquzele abantu ukuthi babheke ukuthi ngeke yini abasiza amabhizinisi aziwa ngenetwork marketing njengoba isimo somnotho sintengantenga emhlabeni jikelele. Ngabe leli bhizinisi abanye abalididanisa namabhanoyi liyasiza ngempela? USLINDILE KHANYILE uyabika

“UMA uthola ithuba lenetwork marketing oliqonda kahle, ngicela ulisebenzise mfowethu noma dadewethu. Kuzothatha iminyaka engaphezu kwemibili ukuthi noma yimuphi umnotho uvuseleleke. Inqwaba yemizi nezimoto kuzodliwa kanti iyodwa kuphela indlela esizophuma … Read More

Ukuphatha imali yabakhokhi bentela komasipala akuwona umdlalo futhi kudinga abantu abazoba nesibindi sokunqaba ukwenziswa okuphambene nomthetho. USLINDILE KHANYILE uyabika

ABANTU abaphatha izimali zikahulumeni kumele bafundiswe ukuzethemba ukuze bezoba nesibindi sokunqaba ukwenziswa okuphambene nomthetho kungakhathaleki ukuthi wubani osuke ebafaka ingcindezi.

SEKUYIVELA kancane ukubona amabhizinisi aphethwe yimindeni ethize ezindaweni zabantu abamnyama njengakudala kodwa loko akusho ukuthi ayisekho imindeni enamabhizinisi. Zithini izinselelo ezibhekana nalolu hlobo lwamabhizinisi ngalesi sikhathi, USLINDILE KHANYILE uyabika

NGESIKHATHI uNkk uNkateko Mabindisa enquma ukuthi uzojoyina umyeni wakhe ebhizinisini labangcwabi, elase lineminyaka likhona, wayengazi ukuthi uzosukela isidleke sezinyosi esizobatinyela size sibaxoshele nezisebenzi ezazibona ukuthi indlela “entsha” enza ngayo ngeke ziyimele.

Kumele kuthuthukiswe ingqalasizinda e-Afrika futhi kubuyekezwe indlela ezokuthutha umphakathi ezihlelwe ngayo ukuze zibe nomthelela omuhle kwezomnotho. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZIKHUNGO ezibhekelele ukuxhasa amabhizinisi ngemali kumele zibe yingxenye yesisombululo sokuthuthukisa ezokuthuthwa komphakathi eNingizimu Afrika.

Sishintshile isithothobala esiyiKZN njengoba imboni yemidlalo yethelevishini namafilimu ivuke emaqandeni. ULANGA KHANYILE uyaloba

‘HEY’ wena, Durban
Ebhish’ Kumnand’ eThekwini…”
Laligqoma kanje elinye lamanoni eCJB, iqembu lomculo i-bubblegum, phakathi nama-’80s. Le ngoma ethi Durban eBeach (Kumnandi eThekwini) yayifakazela ukuthi ubumnandi bubuzwa eThekwini ngenxa yokuthi phakathi kwezinye izinto ligabe ngolwandle olucwebile.

Basebenzisa ubuchwepheshe ukuzama ukuvala igebe phakathi kwabafundi abadla izambane likapondo nabadla imbuya ngothi. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGESIKHATHI izwe livaliwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19 igebe phakathi kwabafundi abami kahle nalabo abaswele lihlale obala njengoba kulabo abasezikoleni ezimi kahle kube lula ukuthi bashintshe indlela abafunda ngayo besebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje kanti kulabo abantulayo kube wumzukuzuku abaningi bagcina bengafundanga.

Namhlanje kuvulwa imingcele eNingizimu Afrika emva kokuvalwa izinyanga eziyisithupha ngenxa yeCOVID-19. Loku kubhekwe ukuthi kuqale kuvuselele imboni yezokuvakasha neyemicimbi ethembele kakhulu ekuhambeni kwabantu ngokukhululeka. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGENYANGA edlule olunye udaba olube sematheni wukuvalwa komgwaqo u-N2 eThekwini ngamaciko ayebhikishela ukuthi uhulumeni uvule ukuba khona kwemicimbi ngoba efa yindlala.

Indlela ibuzwa kwabaphambili. Khohlwani wukugabisa ngezinto eziwubukhazikhazi, osomabhizinisi abadala bagcwalise lesi saga ngenkathi beluleka intsha engosomabhizinisi. UZANELE MTHETHWA uyabika

USOMABHIZINISI owusondonzima emikhakheni wokudidiyela izinhlelo zethelevishini weluleke intsha ukuthi ingenzi amaphutha enziwa yibona ngoba bephushwa yingcindezi yokufuna udumo.

ICOVID-19 ishaye kwezwela emhlabeni, kwawa amabhizinisi kodwa futhi iwalethele amathuba amasha. UZANELE MTHETHWA uyabika

KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page