Abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokusebenza nohulumeni kwiDurban Business Fair. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUCETSHISWE osomabhizinisi abebehambele iDurban Business Fair (iDBF) ngezindlela ezilula zokusebenzisana nohulumeni ngosuku lokuqala lwalo mbukiso wosomabhizinisi oba khona minyaka yonke eThekwini, KwaZulu-Natali.
Usuku lokuqala lweDBF yalo nyaka beluyizolo e-Inkosi Albert Luthuli ICC. Lona wunyaka wesi-24 ikhona. Ingqikithi yosuku ibithi “Conducting Business with Government Made Easy”, okusho ukwenza lula ukusebenzisana nohulumeni.
Inhloso bekuwukuchaza imigudu elandelwayo uma kusetshenzwa nohulumeni, ikakhulukazi amabhizinisi abantu besifazane, intsha, abaphila nokukhubazeka amasosha angomakadebona. Bawu-500 abebekhona ngosuku lokuqala.
USomlomo woMkhandlu uMnu uThabani Nyawose wethule inkulumo ebigxile ekuthuthukiseni amabhizisinisi asemalokishini nasemakhaya.
“Loku kuhambisana nohlelo lwethu lokuguqula umnotho oluthi umasipala kufanele okungenani uthenge u30% wezimpahla emabhizinisi abesifazane, intsha, abaphila nokukhubazeka namasosha angomakadebona omzabalazo. Kunohlelo lweMeya olunezinjongo eziyishumi olusetshenziswayo ukuhlela ikusasa labantu baseThekwini.
“Enye yezinto ezisekhaleni lwalolu hlelo yisikhwama i-Enterprise Development Fund, esasethula ngo-Okthoba wango-2021 kanti umasipala wazibophezela ukusisungula ngoR50 million,” kusho yena.
UNyawose uthe kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asafufusa asebenzisana nohulumeni ayakhokhelwa ngezinsuku eziwu-30, wengeza ngokuthi loku yiyona ndlela yokuqinisekisa ukuthi la mabhizinisi awawi.
“Kumele sonke sikuqonde ukuthi ukuhluleka ukukhokhela amabhizinisi ngesikhathi kuwaphazamisa kanjani amabhizinisi. Siyabagqugquzela abangakhokheliwe emva kwezinsuku eziwu-30 ukuthi baye esikhungweni sethu esiku-127 Johannes Nkosi Street.”
Bekukhona nezikhulumi ezicebise osomabhizinisi okubalwa kuzona iphini lenhloko yemigomo oPhikweni lokuThenga iziMpahla kuMasipala waseThekwini uNks uZandile Sithole, ophethe eSEFA KwaZulu-Natali uMnu uThula Mkhwanazi nomengameli weBlack Business Federation uMnu uMalusi Zondo, umsunguli weMcKenzie Jama uNks uCarol Jama nemenenja yeKZN Wholesale & Retail SETA uMnu uPeter Cleopas.
Bakhulume ngezinselelo osomabhizinisi ababhekana nazo ngokulandela imicikilisho elandelwayo ukuze ungene kwiCentral Supplier Database neSupplier Self Service esanda kwethulwa, ukuthola usizo lwemali nolokuqeqesha amathwasa.
Osomabhizinisi bathole ithuba lokubuza imibuzo ngezinselelo nezinkinga ababhekana nazo.

Lo mcimbi uyizinsuku eziyisithupha njengoba uzophela ngeSonto. Kukhona nezinye izingxoxo zosomabhizinisi ezihleliwe njengeDurban Fashion Fair, iDBF Excellence Awards, umcimbi wasebusuku lapho isikhulumi sosuku kuzobe kuyiSilo uMisizulu kaZwelithini, iWomen Economic Empowerment, iYouth Business Connect, imibukiso neDBF Street Market.

