I-ESKOM izoba seqhulwini ngenkathi kwethula iSabelomali. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUBHEKWE isisombululo esizolungisa inkinga yokucinywa kukagesi uma uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana esethula iSabelomali esisuke sibheka iminyaka emithathu ezayo iMedium Term Budget Policy Statement kusasa.
Basho kanje osomnotho abaphawule ngokungalindelwa kule nkulumo kangqongqoshe. Bonke bavumelana ngo-elethu ukuthi into edingwa wumnotho kakhulu ngalesi sikhathi isixazululo sakwa-Eskom abathi yiyona nto eseqhulwini ezintweni ezibeka umnotho waseNingizimu Afrika engozini.
Ekuqaleni kwenyanga kwethulwe ibhodi elisha e-Eskom eliholwa wuMnu uMpho Makwana, owusihlalo walo.
Uzokwethula iSabelomali nje uGodongwana, ugesi kuleli sonto ucinywe ngokwesigaba sesine.
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule kudingeka isisombululo esiphuthumayo ukulungisa inkinga ye-Eskom. Uthe: “Ngiphoxekile ngaleli bhodi elisha e-Eskom ngoba ababashintshile abaphathi bale nkampani, osekucacile ukuthi bayahluleka ukulungisa inkinga kagesi. Sidinga umnyakazo ophuthumayo ukulungisa inkinga kagesi.”
USolwazi uBonke Dumisa, owusomnotho ozimele, uthe ulindele ukuthi uGodongwana amemezele ezinye izigidi ngezigidi zamarandi okuzophinde kuzanywe ngazo ukutakula le nkampani kagesi.
“Kufanele kulungiswe inkinga ye-Eskom ngoba ubulala umnotho. Uma ingalungiswa umnotho uzoqhubeka ufadalale,” kusho yena.

Ukucinywa kukagesi kwaqala ngo-2008 kanti kuze kube manje asikaze sitholakale isisombululo. Kwakhiwa iziteshi ezimbili ezintsha zikagesi iKusile neMedupi ngoba kuthiwa kuzosiza ukwandisa izindawo eziphehla ugesi kodwa kuze kube namhlanje azikaze zisebenze ngokupheleleyo. Kunaloko i-Eskom inesikweletu esicela kuR400 billion.
UGqubule uthi lesi sabelomali sizoveza ukuthi uhulumeni ungenise imali engaphezu kwayeyilinganisile ngoFebhuwari ngenxa yokuthi amanani okumbiwa phansi asaqhubeka nokuqonga.
“Ngikholwa wukuthi le mali ethe xaxa akufanele uhulumeni ayisebenzisele ukukhokha izikweletu kodwa kunaloko kufanele ayitshale kubantu nakwingqalasizinda. Kusukela ngo-2018 kukhulunywa kuthiwa kuzotshalwa imali kwingqalasizinda kodwa nanamhlanje akukaze kutshalwe ngisho isenti leli,” kukhala uGqubule.
Uthe uthemba ukuthi uhulumeni uzomemezela nokuthi uzosiza abantu ngomholo wenyanga okungenani owuR660 ngenyanga ukuze abantu abantulayo basizakale njengoba nezindleko zempilo ziloku zikhuphuka.
UDumisa uthe uGodongwana unenselelo yokubhalansisa izidingo zabafuna kunyuswe imiholo ekubeni imali ingekho nesexwayiso seBhange loMbuso sokuthi uma kuqhutshekwa kukhushulwa isikweletu sezwe, azokwehla amandla emali, nokuzophoqa ukuthi lilokhu liqhubekile nokunyusa imalimboleko.
“Njengamanje abantu bathenga idola kunokuthenga igolide. Kodwa inkinga yethu wukuthi sinabantu abampongolozayo kodwa bebe bengazi lutho (befuna nezinto) uhulumeni angenawo amandla azo,” kusho uDumisa.

