UNkk uNomagugu Simelane, obeyibamba likaNdunankulu, neMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda bexoxa nabanye osomabhizinisi abebekhangisa ngemibukiso yabo kwiDurban Business Fair

Izithombe: Zithunyelwe

Bebebulala inyoka abantu emcimbini wokucija osomabhizinisi. INTATHELI YOMBELE iyabika

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi nabantu kwindumezulu yomcimbi ohlanganisa osomabhizinisi minyaka yonke eThekwini iDurban Business Fair (iDBF) e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (i-ICC) naseDurban Exhibition Centre, ephele ngeSonto.

Bangaphezu kuka-500 osomabhizinisi ababambe iqhaza embukisweni lapho bebekhangisa khona ngemisebenzi yabo kwathi abantu abathamele izigcawu zamabhizinisi ezihlukene nombukiso bangaphezu kuka-5 000.

Bekuwunyaka ka-24 ukhona lo mcimbi, obuyizinsuku eziyisithupha kanti bekungokokuqala uba khona bukhoma kusukela kwaphazamisa ukubheduka kweCOVID-19.

Ingqikithi yalo nyaka ibithi “Kuxhunyaniswa osomabhizinisi namathuba.” Abaxhasi beDBF bekuyi-Ithala, iW&RSETA, i-Edgars, iMac neRJ Relay Jeans.

I-DBF iqale ngezigcawu zokubhunga ngamabhizinisi lapho bekusina kudedelana khona izikhulumi eziqhamuka kuhulumeni nasembonini ezimele. Phakathi kwezihloko okuxoxwe ngazo ngezithinta indlela yokwenza kube lula ukusebenzisana nohulumeni, amathuba akhona embonini yezokwakha, izindlela zokukhuthaza abantu besifazane abangosomabhizinisi, intsha engosomabhizinisi kanjalo nokufundisa ngamathuba akhona embonini ye-retail neyobuciko.

UNksz uLondeka Dlamini, umqondisi we-Izinga Creatives, ngomunye wosomabhizinisi abachushise intsha kwiDBF Youth Connect

Ebusuku isigcawu bekungesabasiki bengqephu abakhangise ngemisiko yabo emisha kwiDurban Fashion Fair (iDFF), eyingxenye yeDBF.

Umbukiso uvulwe yiBamba likaNdunankulu uNkk uNomagugu Simelane neMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda.

UKaunda uthe imiphumela yalo mcimbi wosomabhizinisi owungqaphambili eThekwini iyabonakala uma kubhekwa okuzuzwe ngabebekhangisa ngemisebenzi yabo.

Uthe: “Kubavulela amathuba amaningi ngoba sinezigcawu zokucobelela ngolwazi ukuze bezokwazi ukuhlinzeka ngemikhiqizio nemisebenzi yabo. Abanye babo sebenamakhasimende kwamanye amazwe.”

UNksz uMartha Shingange, inhloko yezokukhangisa nokuxhumana eW&RSETA, uthe ukubambisana kwabo nomasipala kubalulekile ngoba umnotho waKwaZulu-Natali ungenye yemithathu emikhulu kunayo yonke ezweni futhi osomabhizinisi abasafufusa yibona abagcwele embonini yezitolo.

UNksz uMartha Shingange, inhloko yezokukhangisa nezokuxhumana yeW&RSETA

“Abanikazi bezitolo ezinkulu bahlanganisa ngaphansi kuka-20% wemboni. Siwuphiko lukahulumeni, kubalulekile ukuthi sifundise ngokuthi sesekana kanjani futhi sigqugquzele ukuzisebenza njengoba kukhona nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi. Thina sithi osomabhizinisi abancane bangosomabhizinisi abakhulu.

“Kulo nyaka kungokwesibili sibambe iqhaza. Saqala nge-Masterclass futhi sasho ukuthi sizobuya ngoba kuyasisebenzela. Angikaze ngiyibone into enje kwenye indawo ezweni futhi singathanda ukubona abanye omasipala benza into enjena,” kusho yena. 

Ezinye zezethameli kwiDBF e-Inkosi Albert Luthuli ICC

Omunye wosomabhizinisi abebekhangisa wuMnu uTshokolo Nong, umqondisi weNont Legal, inkampani yabameli egxile ekusizeni osomabhizinisi abasafufusa.

UNong, oneminyaka ewu-12 ezisebenza, uthe imibukiso enjengeDBF isiza ukukhangisa amabhizinisi abo nokuthi bathole amakhasimende amasha.

UNks uNobuhle Mlambo weSizakahle Co-operative uthe: “Nakuba kubalulekile ukudayisa kodwa kubalulekile nokuthi abantu bazi ngebhizinisi lakho, uphume uyobatshela ngokuthi uwubani futhi wenzani.”

UNks uNompilo Bekwa weVulindlela Bekwa Training Centre uthe: “Sizozikhangisa lapha ngoba sisebenza nezinkampani eziningi, okuyizona ezimise ibhizinisi lethu kule minyaka engaphezu kwewu-40 likhona. Ngizokwazisa abantu ukuthi nakuba sisebenza nezinkampani kodwa nabantu bebodwa siyabaqeqesha.”

Osomabhizinisi baphinde bazihlomulela ngemali batitilize imali ephakathi kukaR5 000 noR50 000 umuntu emunye kumaBusiness Excellence Awards namaDFF Awards.

Embukisweni bekukhona nalapho bekufundiswa khona ngezolimo, indawo yokudlala ojahidada neStreet Market, lapho abapheki bebedayisa khona ukudla neziphuzo okwehla esiphundu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page