Izingqapheli zixwayisa ngokuthi abathengi basazodonsa kanzima njengoba nemalimboleko kubhekwe ukuthi inyuswe. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi amanani okudla nokubiza kwezinye izinto nokwehlisa amandla emali kuyeke ukuqonga, kanti kudingeka ukuthi abathengi bazibambe ziqine ngoba nophethroli kulindelwe ukuthi unyuke ngamawala ngenyanga ezayo, ngaphandle uma uhulumeni uzophinde ungenelele.
Basho ngazwi linye kanje ongoti bomnotho bephawula ngokufanele kulindelwe uma iBhange loMbuso selikhipha isinqumo ngemalimboleko kusasa. Bathe leli bhange lizonyusa imalimboleko ngo-50 basis points ngenxa yokwehla kwamandla emali.
Usomnotho we-Efficient Group uMnu uDawie Roodt uthe ukunyusa imalimboleko ngenye yezindlela zokuzama ukunqanda ukunyuka ngamawala kwamanani ezinto nokwehlisa amandla emali.

“Uma kunyuka imalimboleko kuyabiza ukuboleka imali. Loko kunciphisa ukuthenga izinto, nokuholela ekwehleni kwamanani empahla,” kusho yena.
U-Roodt uthe ukuba wumvakwezinye kweNingizimu Afrika nako kuzoba nesandla ekutheni ukunyuka kwamanani ezinto kuqhubeke isikhathi eside. “Sisalele emuva siyiNingizimu Afrika ngoba uma ubheka kade amandla emali eqalile ukwehla eMelika kodwa kithina kuphuzile. Cishe kusazothatha izinyanga ezine kuya kwezinhlanu ngaphambi kokuthi izinto zishintshe. Ngo-Ephreli noMeyi amanani kaphethroli abehlile (ngenxa kokungenelela kukahulumeni), ngakho ngenyanga ezayo uphethroli uzonyuka kakhulu ngaphandle uma kuzophinde kube nesinye isimemezelo (sikahulumeni).”
Ngo-Ephreli intela i-general fuel levy yehliswa ngoR1.50, nokunciphise intengo kaphethroli. Nokho le ntela kubhekwe ukuthi ibuyiswe ngenyanga ezayo.
UMnu u-Owen Nkomo, isikhulu esiphezulu seNkunzi Wealth Group, naye uthe imalimboleko izonyuka ngo-50 basis points. Nokho uthe loku akusho ukuthi abantu kufanele bayeke ukuboleka njengoba ethe kuya nokuthi yisiphi isizathu esenza abantu baboleke.

Uthe: “Le nto yokuthi ukunyuka kwemalimboleko kusho ukuthi abantu kufanele bayeke ukuboleka ayilona iqiniso. Uma uthatha isikweletu esihle njengokuthenga umuzi noma uboleka imali njengokuyifaka entweni owaziyo ukuthi izokubuyisela u-10%, ukuboleka imali ezala ngo-6% akuyona into embi. Amabhange asazoqhubeka aqinise isandla kodwa kuyasiza nokuthi kune-ratings agency esanda kushintsha indlela okufanele sibhekwe ngayo (ngabatshalimali) futhi cishe namanye azolandela.”
I-Moody’s, enye yezinkampani ezibuyekeza isimo somnotho emazweni nobungozi isanda kushintsha umbono wayo njengoba ithe isimo sisimeme, nokuwumbono ohlala kahle kubatshalimali.
Ngokusho kwePietermaritzburg Economic Justice & Dignity, inhlangano ebheka amanani okudla, amanani okudla anyuke ngo8.2% kusukela ngo-Ephreli wango-2021 kuya ku-Ephreli walo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Ukuthenga ukudla okwanele sekubiza okungenani uR4 542.93.
Le nhlangano ithe ukudla okunyuka kakhulu (okunyuke ngo-5% kuya phezulu) ngamafutha, amazambane, inyama yenkomo, ufishi, ispinashi, iklabishi, ufishi wethini, ubhanana, u-polony nojamu wamapentshisi.
IBhange loMbuso lizomemezela isinqumo salo ngo-3 ntambama.

