UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wamemezela i-Bounce back Scheme kaR15 billion

Isithombe: wuGoogle

Osomabhizinisi basenqena ukuboleka imali yokuvuselela amabhizinisi ehlinzekwe wuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

BASAQHUBEKA osomabhizinisi ukudonsa izinyawo ukuboleka imali ehlinzekwe uhulumeni esebenzisa amabhange ukuvuselela amabhizinisi abo, i-Bounce Back Scheme.

Ngaphandle kweFNB nokuyilona kuphela ibhange eliyingxenye yalolu hlelo, amanye amabhange athi nakuloku alikho isasasa emakhasimendeni alo.

Isikhulu esiphezulu seFNB Commercial Transact Pillar uMnu uDaniel Kaan sithe kusukela ngoJuni sebebolekise ngoR69 million ngaphansi kwalolu hlelo.

“Nakuba abantu babephuthuma ngesikhathi se-Loan Guarantee Scheme yokuqala ngenxa yezingozi ezazingaziwa ezazihambisana nobhubhane kodwa kuloku sibona amakhasimende ethu engatatazeli. Nokho liyanyuka isasasa futhi sizoqhubeka siwalekelele amakhasimende ethu lapho edinga khona,” kusho yena.

Okhulumela i-Absa uthe abayona ingxenye yalolu hlelo kuloku kodwa uthe bayasebenzisana nomNyango wezeziMali nezinye izinhlangano ukubheka indlela efanele abangasiza ngayo amakhasimende abo. Uthe njengoba umnotho uvuleka, isimo somnotho esikhona, amakhasimende abo awekho klamuklamu ukuboleka imali.

“Eminyakeni emibili edlule kunezinto ezithile esizethulile ukweseka nokweluleka amakhasimende ethu ngesikhathi kuneCOVID-19 nekhefu lokuthi bakhokhe (yenani likaR28bn) nokusize amakhasimende nezidingo zawo zemali ngesikhathi izwe livaliwe kanjalo neCovid-19 Loan Guarantee Scheme nokusize amakhasimende amaningi.”

NeNedbank ithe abakabi yingxenye yalolu hlelo njengoba isabuyekeza ukuthi amakhasimende ayo analo yini isasasa. I-Standard Bank ayiyiphendulanga imibuzo ethunyelelwe yona.

I-Bounce Back Scheme wuhlelo olwamenyezelwa wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana  okuhloswe ngalo ukusiza osomabhizinisi bavuselele amabhizinisi akhahlanyezwe wubhubhane iCOVID-19, udlame lapho kwakutatshwa khona izimpahla nezikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli.

Kulokhu uhulumeni uhlinzeke uR15bn kanti osomabhizinisi bangayiboleka emabhange noma ezikhungweni zikahulumeni ezilekelela ngemali. Uhulumeni uzothwala izindleko eziwu-20% wokuqala ozocwila.

Ababolekisa ngemali abavumelekile ukweqa ku-6.5%. Izinkampani ezivumeleke ukuboleka ezingenisa imali engeqi kuR100m ngonyaka kanti imali ezingayiboleka iphakathi kukaR10 000 noR10m.

Ngo-2020 kwakuhlinzekwe uR200bn kodwa wuR18bn kuphela owabolekwa njengoba kwavela ukuthi osomabhizinisi abanamdlandla wokwandisa izikweletu zabo ekubeni umnotho uvaliwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page