Ukukhula komnotho weNingizimu Afrika kusezandleni zosomabhizinisi abancane kodwa kufanele banyuse amasokisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGENKATHI uNgqongqoshe wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uNkk uStella Ndabeni-Abrahams ethula inkulumo kwiProgressive Business Forum eNasrec, eGauteng, ngenyanga edlule wakhumbuza ababemlalele ukuthi umhlahlandlela wokuthuthukisa iNingizimu Afrika iNational Development Plan (iNDP) uthi phakathi kuka-60% no-80% wenani lomnotho uzoqhamuka emabhizinisini asafufusa.
UNkk uNdabeni-Abrahams wagcizelela nokuthi yile mboni okubhekwe nokuthi ibe yisixazululo senkinga yokuntuleka kwemisebenzi ezweni. Njengamanje isibalo sabantu abangasebenzi simi ku-32.9%, iningi labo okuyintsha.
“Iyakucacisa futhi iNDP ukuthi cishe u-90% wemisebenzi ewu-11 million okufanele kushaye u-2030 isidaliwe (manje esiwu-13m emva kweCOVID-19) kuzofanele iqhamuke emabhizinisini asafufusa. Ukuze sikufeze loku, kufanele kube nesibalo sezinkampani ezisafufusa ezingaphezu kokuphindiwe. Ngamanye amazwi kufanele kushaye u-2030 sesisungule ezinye izinkampani ezisafufusa eziwu-4m,” kwasho yena.
Yinselelo lena ebhekene nabafisa ukuqala amabhizinisi nabavele sebewasungulile. Njengamabhizinisi amakhulu, namabhizinisi amancane, kufanele abone amathuba futhi azame ukukhula kuwona lo mnotho okungabhekiwe lutho olutheni kuwona.
Ngokusho kweSabelomali esibheka iminyaka emithathu, umnotho kulindelwe ukuthi ukhule ngo-1.9% kulo nyaka, kuthi eminyakeni emithathu ezayo ukhule ngo-1.6%.
Yize kunjalo ongoti bathi zikhona izinto osomabhizinisi abancane abangazenza ukuze bandise amathuba okuthi baphumelele.
UMnu u-Owen Nkomo we-Inkunzi Wealth Group uthi kumqoka ukuthi amabhizinisi asafufusa alungise indlela aphatha ngayo amabhizinisi awo futhi abe namabhodi abaqondisi.
Uthi: “Awakuqaphelisise ukunakekela nokuhlonipha amakhasimende ngoba amabhizinisi abantu abamnyama yinto angayenzi leyo kodwa yiyona ndlela enkulu yokuthola amakhasimende. Awagade imali nezindleko. Awaphume emahhovisi asebenzele emakhaya noma emahhovisi owaqasha ngaleso sikhathi odinga ukuwasebenzisa ngaso.”

Enye yezinselelo ezinkulu ezibhekana namabhizinisi asafufusa wukushoda kwemali futhi kuba lukhuni ukuboleka imali ebhange. Nokho loku akusho ukuthi amabhizinisi amancane awakwazi ukuheha abatshalimali abangafaka imali emabhizinisi abo ukuwakhulisa.
Inhloko yokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane eFNB uNks uHeather Lowe uthi imvamisa abantu abafuna ukuheha abatshalimali bacabanga ukuthi kuphelela ekubhaliseleni nokuthi inkampani ibe ne-akhawunti yasebhange, kanti lokho yisiqalo.
Uthi ziningi izindlela abatshalimali abafaka ngayo imali kepha kuyahluka kuye nokuthi ibhizinisi likusiphi isigaba.
UNks uLowe uthi kuyadingeka ukuthi abanikazi bebhizinisi bakwazi ukutshengisa ukuthi imali abazoyithola kubatshalimali izosetshenziswa kanjani, izolikhulisa kanjani ibhizinisi nokuthi izokhokhwa kanjani.

“Kufanele ubatshengise abazokuxhasa izinto ezizokukhulisa. Abatshalimali kufanele bakuqonde okudayisayo, imakethe oyidayiselayo, inkampani yakho, oncintisana nabo nezinto okulindelwe ukuthi zithinte konke loku. Isibonelo wukuthi ibhizinisi lakho kufanele libe nomkhiqizo noma umsebenzi eliwudayisayo ofunwayo yimakethe. Kufanele libe nendlela elibonakala ngayo nelenza ihluke kwencintisana nalo. Ukuzihlukanisa ngamanani owabizayo kukodwa akwanele futhi ngeke kukukhulise,” kusho yena.
Uthi kubalulekile ukukhombisa ukuthi uyayiqonda imakethe okuyo, ukuthi inkulu kangakanani. “Ishintsha kanjani? Kwenzakalani kuyona? Uyayiqonda indlela amakhasimende enza ngayo nendlela athenga ngayo? Ukushintsha kwezinto embonini kuzolithinta kanjani ibhizinisi lakho?”
UNks uLowe wengeze ngokuthi kumqoka nokuthi yini ezokwenza inkampani yakho iphumelele. Obani abaphathi bayo, isebenza kanjani futhi kufanele uchaze nendlela izimali ezisebenza neziphathwa ngayo nokuthi yini emise ibhizinisi lakho futhi ezolikhulisa.
“Uma usukuchazile loku, kufanele uchaze ukuthi izinto zizoshintsha kanjani uma uyithola imali. Yiliphi icebo onalo lokukhula. Uzozikhangisa kanjani nokuthi yikuphi ozokwenza ukufeza izinjongo ozibekele zona. Kufanele uchaze nokuthi imali udinga malini, uzoyisebenzisa kanjani futhi uzoyikhokha kanjani,” kusho yena.
UNks uLowe uthe ngisho kungathiwa isicelo sakho sokuthola imali asiphumeleli kodwa ukwenza wonke lo msebenzi kuzokusiza ubone ukuthi ibhizinisi lakho limi kuphi, lidinga ini nokuthi yikuphi okungalisiza lisimame.

