Isikhulu esiphezulu sesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni iGEPF uMnu uMusa Mabesa

Izithombe: Zithunyelwe

Kuhamba kahle ngesikhwama sempesheni sikahulumeni kodwa kufanele umnotho ukhule ukuze kuqhubeke. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISIKHWAMA sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) sikwazile ukumelana nezinselelo ezihlasele umnotho waseNingizimu Afrika sakhula ngo-9.6% safinyelela kuR2.3 trillion ngonyaka wezimali ka-2021/22.

Nokho lesi sikhwama ngeke sikwazi ukuqhubeka nokukhula uma umnotho ulokhu untenga ngoba sithembele kuwona.

Sisho kanje isikhulu esiphezulu seGEPF uMnu uMusa Mabesa izolo ngesikhathi sethula umbiko wezimali wonyaka ophele ngoMashi. 

UMabesa ugcizelele okushiwo uSihlalo omusha webhodi leGEPF uMnu uDondo Mogajane naye othe ukusebenza kahle komnotho wezwe kusho ukusebenza kahle kwalesi sikhwama esinamalungu awu-1.26 million. 

Izinselelo abakhuluma ngazo ukucinywa kukagesi, iCOVID-19, udlame olwaqubuka ngoJulayi ngonyaka odlule, ukuntuleka kwemisebenzi, ububha nempi phakathi kweRussia ne-Ukraine.

Baxwayisa kangaka nje ngokwenzeka emnothweni yingenxa yokuthi u-90% wemali yalesi sikhwama utshalwe kuleli zwe besekuthi u-10% wona utshalwe emazweni angaphandle. 

“Izikweletu zesikhwama zihambisana nerandi, sincike kakhulu erandini futhi sizibophezele emnothweni wakuleli zwe. Uma (umnotho) uhluleka, neGEPF iyahluleka,” kusho uMabesa.

Umnotho waseNingizimu Afrika ulindeleke ukuthi ukhule ngo 1.9% kulo nyaka kanti kule emithathu ezayo uzokhula ngo-1.6%.

UMabesa uthe basangayikhuphula imali abayitshale kwamanye amazwe baze bafinyelele ku-15% njengokusho komthetho olawula iGEPF kodwa kuzoya namathuba akhona. 

Inhloko yokutshala imali eGEPF uMnu uSifiso Sibiya ithe maningi amathuba akhona eNingizimu Afrika njengoba iyizwe elithuthukayo. Uthe nendlela abazama ngayo ukunciphisa ingozi ehambisana nokutshala imali isebenzisa amandla erandi nangenxa yezikweletu zabo.

Inhloko yokutshala imali eGEPF uMnu uSifiso Sibiya

UMabesa uthe imali abayikhokhile ngalo nyaka wezimali iwuR136 billion kanti engenile ngenxa yendlela abatshale ngayo iwuR255.7bn. Imali ekhokhwe yizisebenzi ikhuphuke ngo-0.53% yafinyelela kuR81.99bn.

Kuphothulwe izicelo eziwu-33 627 zabathathe umhlalaphansi kanti abasulile bawu-30 659.

Imali ekhokhwe ngoba kukhona amalungu ashonile iwuR14.8 bn kanti ikhokhelwe abantu abawu-11 776. Imali ekhishelwe imingcwabo iwuR550.1m emva kwezicelo eziwu-37 798 kwathi imali ekhokhelwe izintandane yaba uR551m.

Kukhona uR2.1 bn okufanele utholwe abantu abawu-21 000 othathwa njengemali abanikazi bayo abangazifakile izicelo zokuyithola. Kule mali u-2% imali okusukela ku-2014 kanti u-80% kule minyaka emithathu edlule.

UMabesa uthe nakuba beyihlanganisa yonke le mali kodwa akuyona yonke engakhokheliwe abanikazi bayo ngoba abanikazi bayo bengatholakali.

Kokunye yingenxa yeminingwane yasebhange engaphelele, inkinga nabaqoqi bentela nemibango ngokufanele bakhokhelwe.

Enye indaba esegudwini ezimpeshenini yisiphakamiso sokuthi izikhwama zempesheni zihlukaniswe kabili ukuze kube khona ingxenye abanikazi bemali abayongayo nabangakwazi ukucaphuna kuyona ngaphambi kokuthatha umhlaphansi.

Inhloso yalesi siphakamiso ukwandisa isibalo sabantu okuthi uma kufika isikhathi sokuthatha umhlalaphansi bebe bekulungele. Izibalo ziveza ukuthi u-10% kuphela wabantu baseNingizimu Afrika oficwa yisikhathi somhlalaphansi usihlelele kahle.

USibiya uthe okwamanje amalungu eGEPF awangeni kulokhu ngoba lesi sikhwama asilawulwa iPension Funds Act. Nokho uthe zikhona izingxoxo zokusibheka lesi siphakamiso nokuthi sizoba namuphi umphumela kubona.

Mayelana nemali yalesi sikhwama eyacwila ngesikhathi kuwa iSteinhoff, uSibiya uthe ikhona imali le nkampani esibanxephezele ngayo kodwa wathi ngeke akwazi ukudalula ukuthi yimalini.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page