Kusinda kwehlela kumshwalense wezempilo waseposini ngenxa yezinkinga zemali zale nkampani. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMSHWALENSE wezempilo wezisebenzi zaseposini iMEDiPOS uthi uma kuqhubeka bengakhokhelwa imali ngesikhathi noma ephelele le nkampani isengozini yokuwa.
I-MEDiPOS iwumshwalense wezisebenzi zaseposini kuphela. Inamalungu awu-11 000 kodwa abantu abakhaviwe bawu-22 000.
Isikhulu esiphezulu seMEDiPOS uNks uThabisiwe Mlotshwa uthi ngezinye izinyanga umqashi wamalungu ayo iSouth African Post Office (iSAPO) ubakhokhela uR12 million kuphela ngenyanga esikhundleni sikaR50m okufanele ngabe bayawuthola. Ngezinye izinyanga abayitholi nhlobo imali nokuyinto ebe mandla kusukela ngo-Ephreli wango-2020.
“Uma iSAPO iqhubeka, (cishe) kungafanele kuthi phakathi nonyaka ozayo sibe siqala sisonga izinto. Omunye umphumela wokwenzekayo wukuthi amalungu eMEDiPOS azoqhubeka anyuselwe imali ayikhokhayo kungenasidingo. Mhlawumbe ngabe imali asiyinyusanga ngo-4%, mhlawumbe ngabe kwaba wu-2% noma ngabe asiyinyusanga nhlobo,” kusho yena.
Umdonsiswano phakathi kweMEDiPOS neSAPO ube sematheni ekuqaleni kwale nyanga njengoba lo mshwalense unqume ukukumisa ukukhokhela izindleko zezempilo zezisebenzi zaseposini ngoba ukhala ngemali oyikweletwa yile nkampani.
IMEDiPOS igcine ithathela iSAPO izinyathelo zomthetho iyivimba ukuthi isebenzise ibhange layo kuze kube iyayikhokhela. Kuthe uma isiyikhokhele uR60m nawo obusashoda ngoR8.4m yase iwuvuselela umshwalense.
“Imali okufanele siyibeke ewugadingozi ibisinciphe kakhulu, ngakho bekufanele siqinise isandla ukuze iSAPO izobona ukuthi umphumela wokungakhokhi yini. Siwazisile amalungu ethu ukuthi kungenzeka sithathe lesi sinqumo kodwa sizithole sesingasalwi nomqashi kuphela kodwa bese silwa nanamalungu ethu abevutha ngoba bekubonakala ukuthi imali ibanjwe emholweni yawo, nobekwenza angaqondi ukuthi kungani sibumisile ubulungu bawo.
“Eminyakeni embalwa edlule iSAPO yavulela eminye imishwalense iDiscovery Health, iBonitas neSizwe Hosmed futhi bona ibiqhubeka ibakhokhela zinyanga zonke. Besiloku siyibuza leyo nto, basiphendule ngokuthi babakhokhela ngoba bayimishwalense enamalungu amancane kunathi, ngakho akuyona imali enkulu abayikhokhayo. Asikwazi ukukhuluma unomphelo,” kusho uNks uMlotshwa.
Uthi ngaphambi kwale nkinga imali esemgodleni abagade ngayo ingozi ibicela kuR700m kanti i-solvency ratio (indlela okukalwa ngayo ukuthi inkampani ingakwazi kangakanani ukukhokhela izikweletu zayo) ibiwu-95%. Kodwa imali asebesele nayo iwuR250m kanti i-solvency ratio yabo isiyehlele ku-35%.
Umthetho olawula imishwalense yezempilo eNingizimu Afrika uthi lezi zinkampani kufanele zibe ne-solvency ratio ewu-25%.
UNks uMlothwa uthi enye into ebhebhethekise ukungezwani phakathi kwabo nabaseposini wukuthi iSAPO icele le nkampani ukuthi isule isikweletu sikaR600m, nokuyisicelo abathi sichithwe ngamalungu ayo emhlanganweni wangoJuni lapho kwavotwa khona.
Uthi sebeke bazama ukucela uhulumeni ukuthi ungenelele njengoba ethi babhalela umNyango wezokuXhumana nobuChwepheshe, okuyiwona oqondene neposi, ngaphambi kokumisa ubulungu nomNyango wezeziMali. Bazama nebhodi elawula iSAPO, nabathi yabaphindisela ezikhulwini zale nkampani.
Iziphendulela, iSAPO ithi ayazi ngezinsolo zokuthi idicilela phansi isithunzi seMEDiPOS futhi ayikho into engenza benze njalo.
Okhulumela iSAPO, uMnu uJohan Kruger, uthi yonke imali okufanele bayikhokhe ngo-2022 bayikhokhile, lena yimali eqhamuka ezisebenzini nekhokhwa wumqashi.
Uthi ngo-2021 bebeyikhokha yonke imali ebikhokhwa yizisebenzi kodwa bebengayikhokhi iphelele imali okufanele ikhokhwe wumqashi ngenxa yezinkinga zemali ababhekene nazo. “Ngo-2020 uma kucaca ukuthi ngeke sikwazi ukukhokhela umshwalense wezempilo kahle, izikhulu zaxoxisana neMEDiPOS ngoba yona iwumshwalense wangaphakathi kuphela futhi yayinanemali ebhekile emgodleni wayo. Sasingeke sikwazi ukukwenza loku nalezi zinkampani zangaphandle, yingakho abaseposini bakhokhela lezi zinkampani ezincane imali eyayingenkulu kangako,” kusho yena.

U-Kruger uthi yiqiniso ukuthi bayicela iMEDiPOS ukuthi isicishe isikweletu esidala nokuthi le nkampani yathi lesi yisinqumo okuzofanele sensiwe ngamalungu ayo.
“Okumangazayo wukuthi ababekhona kulowo mhlangano bathi into okwathiwa abayivotele wukuthi kufanele yini lesi sinqumo sibekwe ezithebeni ukuthi sivotelwe yiwo wonke amalungu eMEDiPOS. Ukuthi sicishwe isikweletu na, yivoti elingavulwanga lelo. Sisakholwa ukuthi yisinqumo lesi okufanele senziwe yiwo wonke amalungu eMEDiPOS.”
Mayelana nesicelo sokuthi izisebenzi ziyikhokhele ngqo iMEDiPOS imali, uKruger uthe kukhona obekubanqinda phambilini ukuthi benze loku kodwa baphezu kwezinhlelo zokukulungisa ukuze kwenzeke.

