Kuqiniswa izinhlelo zokulwa nobugebengu ukukhulisa umnotho. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNOTHO awukwazi ukukhula uma kudlange ubugebengu, okungakho kumqoka ukulwa nalesi sihlava. Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngenkathi ethula iSabelomali iMedium Term Budget Policy Statement izolo.
Ungqongqoshe uthe kuzoqashwa amaphoyisa amasha awu-15 000 eminyakeni emithathu ezayo.
“Ubugebengu yindaba yezokuphepha, umnotho nenhlalakahle. Indawo ephephile imqoka ukuze abantu babambe iqhaza emnothweni futhi bahlale kahle, loku kwenza ukulwa nobugebengu ingxenye emqoka yokukhulisa umnotho,” kusho yena.
Sekuyizinyanga kukhulunywa ngengozi efufusayo njengoba iNingizimu Afrika isengozini yokufakwa ohlwini i-grey list yiFinancial Action Task Force, inhlangano elwa nokushushumbisa imali emhlabeni. Le nhlangano ikhiphe uhla lwezinto eziwu-40 okufanele leli zwe lizifeze ukugwema ukufakwa kulolu hlu.
UGodongwana ephawula ngalokhu, uthe: “Senza konke okusemandleni ethu ukugwema ukufakwa kwi-grey list. Sesethule imithethosivivinyo emibili okufanele iqinise umthetho wethu okufanele iphasiswe ekupheleni konyaka.”
Isinqumo sokuthi izwe lizofakwa yini kwi-grey list sizokwenziwa ngoFebhuwari ngonyaka ozayo. Ngokombiko wocwaningo olusanda kwenziwa yiBusiness Leadership South Africa, awu-85% amathuba okuthi iNingizimu Afrika ifakwe kulolu hlu.
Enaba ngezinye izinhlelo zokulwa nobugebengu uthe uPhiko lokuShushisa ezweni selivule amacala awu-26, liphenya izinsolo eziwu-89 futhi bawu-165 abasolwa asebevele enkantolo ngezinsolo ezihlobene nokugwamanda amandla ombuso.
Kukhona asebedliwelwe izimpahla zenani eliwuR12.9 billion okusolwa ukuthi zatholakala ngobugebengu kanti ezenani likaR2.9bn sezibuyiselwe ezinkampanini ezithintekayo.
Kunezinkontileka zenani eliwuR62.1bn okuqulwa amacala azo kanti uphiko oluqoqa intela seluqoqe uR4.8bn wentela ebingakhokhwa kanti kumanje iphenya amacala awu-222.


