Bahlinzeka osomabhizinisi asafufusa ngobuchwepheshe obusha ukwandisa amathuba omsebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

UBUCHWEPHESHE besimanje buvule amathuba emisebenzi emisha, ikakhulukazi entsheni njengoba kuyiyo ebusebenzisa kakhulu. Eminye yale misebenzi ethinta ukuhlanganisa izindaba ezihlukene imvamisa ezisatshalaliswa ngezinkundla zokuxhumana.
Baningi abaziphilisa ngale misebenzi njengoba kungasadingeki ukuthi umuntu ofisa ukuba wumsakazi kufanele aze aqashwe wumsakazo njengoba engazenzela i-podcast. Nofisa ukusebenza kwithelevishini angasebenzisa inkundla efana ne-YouTube.
Yilabo somabhizinisi i-OPPO okungenye yezinkampani ezikhiqiza amaselula ethi iphokophele ukubenzela izinto lula ngokuphucula imikhiqizo yabo, ikakhulukazi amaselula.
Ngale kokweseka osomabhizinisi, le nkampani eneminyaka emibili ifikile eNingizimu Afrika, ithi izimisele nokwandisa amathuba emisebenzi, okungenye yezinselelo izwe elibhekene nazo.
UMnu uLiam Faurie, inhloko ye-OPPO eNingizimu Afrika, uthi bayaziqhenya ngokuthi imikhiqizo yabo isithengwe ngabantu abangaphezu kuka-500 000.
“Sikholwa wukuthi ngo-2023 bazofinyelela esigidini. Siyaqhubeka nokutshala imali eNingizimu Afrika nokwakha amathuba emisebenzi sisebenzisa ubuciko bobuchwepheshe.
“Sesisungule imisebenzi engaphezu kuka-500 futhi sisazoqhubeka sivule amanye amathuba, sikwenza nangakho ukubambisana nabanye abantu njengoba senzile ngobudlelwano esinabo ne-Orlando Pirates, iSA Fashion Week neCape Town School of Photography,” kusho yena.
Enye yezinkinga ezinkulu ezibhekene neNingizimu Afrika wukuntuleka kwemisebenzi. Ngokwezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa ngoLwesithathu, isibalo sabantu abaqashiwe – ingabalwa imboni yezolimo – sinciphe ngo-119 000 safinyelela ku-9.9 million ngekota yesibili yango-2022. Uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, isibalo sabantu abaqashwe ngokugcwele sehle ngo-80 000 kodwa esabayitoho sinyuke ngo-154 000.
Kuleli sonto i-OPPO South Africa yethule amaselula ayo amasha iReno 8 neReno8 Pro. U-Faurie uthi ngala maselula babheke kakhulu osomabhizinisi abasafufusa abathembele ebuchwephesheni ukusebenza.

“Inekhamera enkulu kanti uma usudinga ukuyiguqula noma ukuyisebenzisa ngenye indlela, yinto eyenzeka masinyane. Osomabhizinisi ngabantu abahlale bephuthuma, enye into esiyibhekile yindlela yokubongela isikhathi yingakho i-battery kuthatha imizuzu ewu-11 ukuthi ikhuphuke ifinyelele ku-50% uma ibisiphelile kanti ukuze igcwale mfi kuthatha imizuzu ewu-35.
“Sizama nokuthi ubuchwepheshe bethu kube wukuthi wonke umuntu uyakwazi ukubusebenzisa, ikakhulukazi osomabhizinisi abadinga nokuthi bakwazi ukusebenzisa ucingo lwabo ukukhokhela izinto. Onke amaselula ethu anesikubiza nge-near field communication kanti aqala kuR3 000 kuya kuR20 000.”
U-Faurie uyavuma ukuthi kunezinselelo ezikhona eNingizimu Afrika ezenza ubuchwepheshe bungafinyeleli kuwona wonke umuntu kanti namanani awo akuwona wonke umuntu onamandla awo.
Uthi yingakho ezinye zezinto abazenzayo kuwunikela ngakhompyutha emiphakathini ehlwempu njengoba benza ngeNelson Mandela Day.

