Umnotho ukhulile ngekota yokuqala kodwa osomnotho bathi impi yaseMiddle East izohlehlisela izinto emuva ngekota yesibili. Isithombe: yiPixabay

Impi yaseMiddle East iphazamisa ukukhula komnotho

WUSLINDILE KHANYILE

IZIBALO ngesimo somnotho ngekota yokuqala yonyaka zibezinhle njengoba ziveze ukuthi umnotho ukhule ngo-0,5% kodwa osomnotho sebexwayisile ngokuthi sezivele zikhona izimpawu zokuthi ikota yesibili ayizukuhamba kahle, okubangelwa kakhulu yimpi equbuke eMiddle East.

Kuleli sonto, iStatistics South Africa ithe umnotho usukhule amakota ayisithupha elandelana kanti izimboni ezinebesandla kakhulu kuloko eyezimali, ezolimo, ezohwebo nezokuthutha.

Kusizile nokwehla kwezimpahla ezithengwa kwamanye amazwe nokunyuka kokuthenga kwabantu nohulumeni nezimpahla ezidayiselwa amanye amazwe.

“Imboni yezimali iyona enyuke kakhulu ngokukhula ngo-0,9% futhi yafaka u-0,2 percentage point ekukhuleni komnotho. Ezolimo, ezohwebo, ezokuthutha nezokuxhumana nazo zikhule kahle. Ezolimo zikhule amakota ayisithupha elandelana ngo-3,9%,” kusho iStats SA.

Nomkhiqizo wezimayini unyuke kakhulu, ikakhulu iplatinum, igolide, ichromium ore namadayimane. Kodwa kubhede izinto kwezokukhiqiza njengoba zinciphe ngo-0,8%, nobesekungokwesibili amakota elandelana okubangelwe kakhulu yimikhiqizo kawoyela namakhemikhali, okusansimbi, okokhuni, iphepha nezokushicilela.

Bezingconywana izimboni zamagilasi, izimoto, imishini kagesi nemboni yezindwangu nezimpahla zokugqoka kodwa bekunganele ukushintsha izinto.

“Imali yabathengi ikhule ngo-0,1%, okuyikona okuphansi kakhulu kumakota ayisishiyagalombil. Izidingo ezifana namanzi nogesi nezokuthutha yizona ezisetshenziswe kakhulu. Abathengi basebenzise imali encane ekudleni, eziphuzweni ezingenatshwala nezinotswala nogwayi.

“Loku kuyahambisana nokungakhuli kwezitolo kanti nemali esetshenziswe ezindaweni zokudlela nasemahhotela yehlile,” kuchaza iStats SA.

Usomnotho waseStandard Bank uNks uShireen Darmalingam uthe babheke ukuthi izinto zehle ngekota yesibili ngenxa yempi yaseMiddle East nanokunyuka kwamanani kawoyela.

Uthe livele selehlile ithemba kosomabhizinisi kanti nabathengi bebevele bedonsa kanzima ungakanyuki uphethroli kanti kulindeleke ukuthi izinto zibezimbi kakhulu ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli nemalimboleko.

FUNDA NALAPHA: Kungani iBhange lomBuso linyusa imalimboleko, kuloba uJabulani Sikhakhane

Nokho, uthe imibandela yezohwebo nezinguquko ezinqala ezenziwayo emnothweni ulindele ukuthi zisize ukudambisa umonakalo odalwa yimpi yaseMiddle East.

Uthe basabheke ukuthi umnotho uzokhula ngo-2% ngokuhamba kwesikhathi.

NeStats SA ixwayise ngempi yaseMiddle East, ethi kuholele ekunyukeni mawala kwamanani kaphethroli ngo-Ephreli. Izibalo zekota yesibili zizoshicilelwa ngomhlaka-8 Septhemba.

Usomnotho ozimele uMnu uJohn Loos uthe into esaloku ikhalisa ngomnotho wukuthi imali etshalwayo emnothweni isaloku iphansi, wathi yiyonanto okufanele ishintshe kakhulu uma uzokhula umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page