THOKOLA THEMBA…
KUNEZINTO ezintathu ezinhle ezenzekile kuleli sonto neziletha ithemba ngemizamo yokulungisa isimo somnotho sezwe. Lezi yizimemezelo ezenziwe mayelana nokuvala izikhala ezinhlakeni nasemabhizinisini kahulumeni.
Kuqale uMengameli uCyril Ramaphosa wamemezela ukuthi uselule inkontileka kaKhomishana weSouth African Revenue Service (iSARS) uMnu u-Edward Kieswetter ngeminyaka emibili.
Loku kuzosiza ikakhulukazi njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke ngoba kusho ukuthi lolu phiko olumqoka kangaka emnothweni wezwe ngeke luphazamiseke ngoba kushintsha uhulumeni.
Kuzo zonke lezi zimemezelo cishe esikhulu kunazo zonke nesitshengisa ukuthi ukuzinikela ngempela ekuguquleni izinto ngesokubekwa kukaNks uMichelle Phillips abeyisikhulu esiphezulu seTransnet ngokugcwele, ngemva kokubamba kulesi sikhundla izinyanga eziyisithupha.
UNks uPhillips ngomunye wabantu abanamava futhi abayazi njengoba bezazi le nkampani kahulumeni yezokuthutha. Uneminyaka ewu-21 afika kuyo kanti useke waphatha izikhundla eziningi.
Sekubikwe kakhulu ngomonakalo odalwe wukungasebenzi kahle kweTransnet emnothweni njengoba kumanje imali ezongeniswa wuhulumeni izoshoda ngo-R56 billion ngoba inzuzo yezimayini iphazanyiswe wukungasebenzi kahle kwezitimela zale nkampani eyengamele namachweba.
Eminyakeni ewu-17 edlule iTransnet ibingelinye lamabhizinisi kahulumeni ayesebenza kahle futhi kwakwaziwa ukuthi asikho isidingo sokuthi uhulumeni uwatakule. Izitimela namachweba kwakusebenza ngendlela efanele.
Kepha inqola yaqala ukuphuma esipolweni cishe eminyakeni eyishumi edlule kanti enye yezinto ebe nesandla ekuweni kwawo yinkohlakalo eyenzeka ngesikhathi kuthengwa amaguzu ngo-R54bn.
UNks uPhillips uyawazi wonke umonakalo owenzekile, uyazazi zonke izisebenzi, uyawazi wonke amakhasimende nomlando wale nkampani, nokuzomsiza ukuthi angaloku echitha isikhathi esafunda abantu nezinto.
Ngeke futhi adinge ukuloku elanda ochwepheshe bangaphandle abazoqhamuka namaqhinga angathi shu.
Esinye isimemezelo esibe sihle ngesokuqokwa kukaMnu uXolile Sizani abeyisikhulu esiphezulu sePetroSA. Besekuphele unyaka kwahamba owayeyisikhulu esiphezulu kule nkampani kawoyela kahulumeni. Kwake kwanovalo lokuthi kuzofakwa umuntu igama lakhe elinogcobho kulesi sikhundla kodwa izinto zibuye zalungiseka, kwenziwa okufanele.
Sengathi ungaqhubeka lo mgqigqo wokulungisa izinto.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/29/kwethulwe-abaholi-abasha-ukubuyisela-inqola-esipolweni-etransnet/