Ushintshe unyawo ethola indlela yokuthunga ehlukile
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
WENZE okuvamile kubathungi nabasiki bengqephu umthungi waseGqeberha, eMpumalanga Kapa eqala ibhizinisi lokuthunga ngezimpahla zokugqoka ezijwayelekile ngo-2018.
Kepha kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi uNksz uSandiswa Mntwini, umsunguli we-Asante Sana Designs, wazihlupha ngolwazi aluthekele kuYouTube lokwenza okuhlukile, okuholele ekutheni athole ulwazi lokuthunga ngezintambo nelala.
I-Asante Sana Designs ithunga izikhwama, omata bokuhlobisa nobhasikidi. Ibhizinisi uliqambe ngendokazi yakhe u-Asantesana, okusho ukuthi “ngiyabonga kakhulu” ngesiSwahili.
“Bengifuna ukwehluka kwabanye abasiki bengqephu nabathungi, ngabona kwiYouTube bethunga le misiko esengiyenza manje. Ngayithanda indlela abenza ngayo ngoba yehlukile, ngazicija ngolwazi lokuyenza khona kuYouTube ngoba ngifuna ukuchuma ngendlela ehlukile kule ndima,” kusho yena.

Esinye sezikhwama ezenziwa yi-Asante Sana Designs
Uqale ibhizinisi ngo-R9 000 athenga ngawo uhlobo lomshini okwazi ukuthunga izinto azenzayo. Izimpahla zakhe zibiza kusuka kuR200 kuya kuR1 500.
“Ngasizwa yimali engayibuyiselwa yiSARS ukuthenga lowo mshini nokunye okwakudingeka. Ngokujwayelekile ngithatha amahora amabili kuya kwamathathu ukwenza umkhiqizo ngamunye ngiwuqede,” kulanda yena.

Imihlobiso ye-Asante Sana Designs iphaphamisa itafula lifane nelamakhosi
Uvame ukuthola amakhasimende amaningi eGqeberha naseTshwane, eGauteng.
Nakuba kuhamba kahle ebhizinisini kodwa zikhona izinselelo abhekana nazo. “Kubuye kubize ukuhambisa izimpahla zamakhasimende akude kakhulu nalapha engihlala khona nokuthi okwamanje konke ngikwenza ngephakethe lami… kusenzima ukuthola usizo lwemali yokufukula ibhizinisi lami.”
UNksz uMntwini, oyi-tax practitioner nomeluleki wezimali ozimele, ukhuthalele imfundo. Une-BCom Accounting yaseNelson Mandela University nePost-graduate Diploma in Financial Planning yaseStellenbosch University. UNksz uMntwini uthi ukufunda kuyamsiza ebhizinisini. Muzwe enaba:
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uNksz uMntwini uthi ufuna ukuthenga eminye imishini yokuthunga, athole indawo yokusebenzela njengoba okwamanje esasebenzela ekhaya bese eqasha izisebenzi ukuphuthumisa umsebenzi.
- Facebook: Asante Sana Designs
- Instagram: asantesana_bagandbaskets