‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’
WUSLINDILE KHANYILE
UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.
UMboweni, oshone ngoMgqibelo ebusuku emva kokugula isikhashana, wabawumphathi weBhange loMbuso wokuqala omnyama phakathi kwango-1999 no-2009.
Bonke ababhonge emswanini ngaye babaza amagalelo akhe ngesikhathi kusalwelwa inkululeko yezwe nokuthi ngisho sekuphethe uhulumeni wentando yabantu uqhubekile nokulwela umuntu omnyama njengoba ephathe ngobuqotho kwaze kwabasekugcineni.
IBhange loMbuso lithe kulahlekelwe iNingizimu Afrika, izwekazi i-Afrika nomphakathi wonke wezomnotho emhlabeni njengoba ebambe iqhaza ekuguquleni izinto kwezomnotho ngomsebenzi wakhe.
Umsebenzi avelela kakhulu kuwo yilowo wokubawumphathi weBhange loMbuso. “Yingesikhathi lapho iBhange loMbuso (sokubusa kukaMboweni) lethula khona izithangami nabezindaba ezenziwa bukhoma ukumemezela izinqumo zekomiti elinquma ngemalimboleko iMonetary Policy Committee ukuze wonke umuntu abone okwenzekayo. Wethula futhi ama-Monetary Policy Forum ezifundazweni ezweni lonke ukunika abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuxhumana ngqo nezikhulu zeBhange loMbuso.
“Kungesikhathi futhi kuhola yena futhi lapho kwethulwa khona isinqumo sokuthi kufanele indlela okulawulwa ngayo amanani namandla emali ibe phakathi kuka-3% no-6%,” kusho iBhange loMbuso.
Leli bhange liqhube lathi uMboweni nguye owaqala umsebenzi wokuthi izinto ziqale ukwenziwa ngendlela yesimanje, okufaka izindlela okukhokhwa ngazo nokuqinisa indlela eliphethwe ngayo.
UMboweni akaqalanga ngokugxila ekusimamiseni umnotho. Umsebenzi wakhe wokuqala ngesikhathi sekubusa uhulumeni wentando yabantu kwaba owokuphucula indlela izisebenzi eziphathwa ngayo nokuqinisekisa ukuthi imithetho iyazivikela njengoba ayewungqongqoshe woMnyango wemiSebenzi ngo-1994 kuya ngo-1999.
“Ubambe iqhaza elikhulu ekuhlanganiseni imigomo yezisebenzi ngesikhathi esimqoka sokushintsha kwezinto ukuqinisekisa ukuthi amalungelo nesithunzi sezisebenzi sivikelekile kuhulumeni wentando yabantu. Njengomunye wongqongqoshe bokuqala emva kokuphela kobandlululo, uDkt uMboweni ulekelele ukuqeda imithetho nemigomo eyayiqhamuke nobandlululo,” kusho iPhalamende.
Uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) luthe izinto zaqala ukuphucuka kulona ngesikhathi uMboweni ephethe iBhange loMbuso eseka uMnu uPravin Gordhan owayewukhomishana, oshone ngenyanga edlule, noMnu uTrevor Manuel owayengungqongqoshe wezezimali ngaleso sikhathi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/13/ugalagala-lukangongqoshe-alusekho-emhlabeni/
I-SARS ithe sikho esinye isikhathi kuhulumeni lapho izinto zazisimeme khona ukudlula leso, nokwakumqoka ekwakheni nasekuqiniseni izinhlaka zentando yabantu ezinjengeSars neBhange loMbuso.
UKhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter uncome uMboweni ngokuba ngomunye wabaholi ababebancane kodwa abakubeka eqhulwini ukulwa nobandlululo, impi eyayibonakala ingeke inqobeke.
“Ubuholi bakhe ngesikhathi ewungqongqoshe weziMali kwakuyisikhathi esimqoka emlandweni weSars emva kokucekelwa phansi kwezinhlaka zayo ngenhloso yenkohlakalo. WuNgqongqoshe uMboweni owaphakamisa kumengameli ukuthi angiqoke ngibewukhomishana elandela isiphakamiso esasenziwe yikomiti
“Kusukela ngo-2019, ngisebenze noMboweni ngesikhathi siqala uhambo lokuvuselela iSars emva kokugwamandwa kwamandla ombuso. Ubengazibophezele nje ekuvuseleleni iSars kuphela kodwa nasekutheni iphinde ibewuphiko wonke umuntu aziqhenyayo ngayo,” kusho uKieswetter.
Umsebenzi wokugcina kaMboweni kuhulumeni owokuba ngungqongqoshe womNyango weziMali ngo-2018 kuya ngo-2021. Lesi yisikhathi lapho umnotho uthwale kanzima kakhulu ngenxa yezinselelo ze-COVID-19 ezaphoqa ukuthi izwe livaliwe. Yingalesi sikhathi okwakudingeka ukuthi iNingizimu Afrika ithole imali yokuthenga umgomo walesi sifo futhi yisona okwethulwa ngaso isibonelelo esiwuR350 ukulekelela abantu abangatholi sibonelelo futhi abangasebenzi, esisaqhubeka namanje.
UNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe: “Silahlekelwe yinkunzi, injulalwazi, (umuntu) obekhuthele futhi ngaphezu kwako konke obethanda izwe lakhe. Ngiswele amazwi futhi kubuhlungu. Sizwelana nabebesondelene kakhulu naye.”
UMboweni wayenguthumbu ezinganeni ezintathu kanti wazalwa mhlaka-16 kuMashi ngo-1959 eTzaneen, eLimpopo, lapho akhulele khona.
Wafunda e-University of the North ngo-1978 kuya ngo-1980, lapho wayenza khona i-BCom ngaphambi kokuya ekudingisweni.
Yingesikhathi eseLesotho lapho abayilungu le-ANC futhi wathola khona i-Bachelor of Economics and Political Science eNational University of Lesotho ngo-1985. Ngo-1987 wathola i-Master’s in Development Economics e-University of East Anglia eNgilandi.
Ushona nje ubewusihlalo we-African Center for Economic Transformation (i-ACET) futhi ubehlala kumabhodi ezinkampani ezihlukene.
Ngesikhathi ephethe iBhange loMbuso waqokwa wabayi-Honorary Professor of Economics yi-Unisa ngo-2000 kuya ngo-2003. INyuvesi yakwaZulu-Natali yamhlonipha ngeziqu zobudokotela kwi-Economics kanti ngo-2002 wayenguShansela waseNorth-West University.
Phakathi kwango-2003 nango-2005, iStellenbosch University yamqoka wabawu-Professor Extraordinary in Economics.