Umsebenzi wokulungisa uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service olwaqalwa owayewuNgqongqoshe weziMali uMnu uTito Mboweni seluthela izithelo. Isithombe: Sithunyelwe

SIYABUYA ISITHUNZI SE-SARS

ETHULA iSabelomali sango-2021/22 owayewuNgqongqoshe weziMali ngaleso sikhathi uMnu uTito Mboweni wahlinzeka uphiko oluqoqa intela ngo-R3 billion ukuphucula ubuchwepheshe elibusebenzisayo ukuqoqa imininingwane yabakhokhintela futhi lukwazi ukubamba iqhaza emizamweni eyenziwa ngabalingani bayo emhlabeni. 

Ngaleso sikhathi uMboweni wathi: “I-SARS (iSouth African Revenue Service) esebenza kakhulu ngobuchwepheshe izonciphisa izindleko zokuhlonipha umthetho, yenze kube lula ukungamela intela futhi iphucule indlela eqoqa ngayo intela.”

Kuleli sonto iNingizimu Afrika ivune izithelo zalesi sinqumo njengoba iSARS imemezele ukuthi ubuchwepheshe besimanjemanje buyisize ukugwema umkhonyovu obuzodla u-R101bn ngonyaka wezimali wango-2023/24.

UKhomishana weSARS uMnu u-Edward Kieswetter uthe ngale kobuchwepheshe, okunye okubasizile wukwandisa isibalo sabantu abasebenza nabo abakwazile ukucubungilisisa izicelo zabantu abebefuna ukubuyiselwa imali. 

Abazama ukuntshontshela iSARS bakwenza kakhulu loku ngentela ebanjwa ezimpahleni i-value added tax (i-VAT). Kuthiwa yilabo abavolontiyayo ukubhalisela le ntela abamandla ekukhwabaniseni. 

Akusikho ukugwema umkhonyovu kuphela okube ngcono eSARS kodwa ngisho nokuthathela izinyathelo abantu abebenamacala kuphucukile futhi izinqumo eziningi ezikhishwe yinkantolo zivune lolu phiko.  

Uhulumeni wanquma ukutshala imali ekulungiseni isimo eSARS ngoba lolu phiko lungezinye zezinhlaka zikahulumeni ezacekeleka phansi ngesikhathi kunemizamo yokugwamanda amandla ombuso. Umbiko weKhomishini kaNugent waveza ukuthi izinto zonakala kangakanani eSARS ngesikhathi lolu phiko luholwa wuMnu uTom Moyane.

Ukuphelelwa yisithunzi kweSARS kwaba nomphumela omubi emalini engenayo ngoba kukhona ababebona ukuthi akusizi ukukhokha imali kumqoqintela ongathembekile.  

Nokho isimo siloku silunga kancane kancane, yize zisekhona ezinye izinselelo. Ukusebenza kahle kwezinhlaka ezengamele imali eNingizimu Afrika ngenye yezinto ezisizayo ukuvikela umnotho ngisho izinto zisuke zingahambi kahle kanti kumqoka ukuvikela isithunzi sazo njalo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/04/izinkampani-ezingenzi-nzuzo-zisetshenziswa-ukushushumbisa-imali/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page