Umphathi wophiko oluqoqa intela uMnu u-Edward Kieswetter uthi kufanele izinhlaka zikahulumeni zibambisane kangcono ukuze iNingizimu Afrika iphume kwi-grey list. Isithombe: Sithunyelwe

‘Izinkampani ezingenzi nzuzo zisetshenziswa ukushushumbisa imali’

WUSLINDILE KHANYILE 

KUZOBA nzima ukuthi iNingizimu Afrika iphume ohlwini lwamazwe okuthiwa awanayo imithetho eqine ngokwanele ukulwa nokushushumbisa imali nabantu abaxhasa ubushokobezi, phecelezi i-grey list, uma uhulumeni ungabambisani ekulweni nobugebengu.

Usho kanje uKhomishana wophiko oluqopa intela iSouth African Revenue Service (iSARS) uMnu u-Edward Kieswetter kuleli sonto. 

Lo mphathi uthe kufanele kuliwe nesihlava sobugebengu esiqeda ithemba emphakathini. U-Kieswetter uthe enye yezinselelo ezikhona wukusetshenziswa kwezinkampani ezingenzi inzuzo, phecelezi ama-non-profit organisation, ukushushumbisa imali.  “Uma iNingizimu Afrika ingeke ikwazi ukutshengisa ukuthi iyakwazi ukulwa nokuxhasa izenzo zobushokobezi… izinkampani ezingenzi nzuzo ziyasetshenziswa ukushushumbisa imali. Siyabelana ngolwazi nezinhlaka zomthetho futhi siyaphucula imibiko ethinta imali kodwa kufanele senze okuthe xaxa ukulwa nalesi sihlava esiqeda ithemba emphakathini.

“Okubuhlungu kakhulu wukuthi kunezisebenzi zikahulumeni ezenza ukuthi kwenzeke lobu bugebengu futhi kukhona nabanye ongoti nabo abanesandla. Sifuna ukubona kwanda abantu abashushiswayo. Uma singabambisani sonke siwuhulumeni, ngeke siphume kwi-grey list,” kusho yena.

INingizimu Afrika ingene kwi-grey list ngonyaka odlule ngoba iFinancial Action Task Force kunezinto eyayikhale ngazo ngemithetho okufanele yenze izwe lilwe nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zokushokobezi.  

Embikweni oshicilelwe ngoFebhuwari kuvele ukuthi leli zwe selizilungisile izinto ezinhlanu kweziwu-22 okufanele ukuze liphume kulolu hlu.  

UmNyango weziMali wathi ukholwa wukuthi izinto eziwu-17 ezisele kuzoshaya uJanuwari wango-2025 sezilungisiwe, okusho ukuthi izwe lizophuma kwi-grey list.

U-Kieswetter uthe ezinye yezinto abazoziphakamisa wukuthi kufanele wonke umuntu abe nenombolo eyodwa aziwa ngayo uma enza noma yini nohulumeni esebenzisa ubuchwepheshe. Uthe futhi bafisa ukuthi umuntu abe nenombolo eyodwa yentela kungakhathalekile ukuthi yintela eqondene naye siqu noma eyenkampani yakhe. 

U-Kieswetter ufisa ukuthi kubenenombolo eyodwa yentela yomuntu nenkampani yakhe

 U-Kieswetter nethimba lakhe bathule imininingwane yemali engenile kuhulumeni ngonyaka wezimali wango-2023/24 futhi babuyekeza ukusebenza kweSARS kule minyaka ewu-30 kusukela kwabanohulumeni wentando yabantu.

Uthe kusukela ngo-1994 kuze kube yilo nyaka, uhulumeni ungenise u-R21.5 trillion.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/13/umnotho-waseningizimu-afrika-uzulelwa-ngamanqe-ngengozi-entsha-uslindile-khanyile-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page