Kuxwayiswa amakhasimende ngomasingcwabisane iMagoda Funerals
INTATHELI YOMBELE
UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uxwayisa umphakathi ukuthi uqaphele uma uthatha umasingcwabisane weMagoda Funeral Parlour.
I-FSCA ithe ithole isikhalo esithi kungenzeka ukuthi iMagoda Funeral Parlour idayisa omasingcwabisane ngaphandle kokusebenzisana nenkampani egxile emshwalenseni wesikhathi eside, okudingekayo ngokomthetho ukuvikela imali yamakhasimende.
Lo mlawuli uthe uzamile ukuya lapho lo masingcwabisane usebenzela khona kodwa ufike khona wathola ukuthi yindawo yokuhlala futhi abantu ebaficile bebengazi ukuthi yindawo okufanele ngabe kusebenzela umasingcwabisane kuyona.
Enye yezindlela abathengi abangabheka ngayo ukuthi inkampani abasebenzisana nayo igunyaziwe yini ukuhlinzeka ngemali ngokusemthethweni wukushayela inombolo yamahhala ethi 0800 110 443.
Khonamanjalo, umqoqintela iSouth African Revenue Service (iSARS) ibambisene namaphoyisa bathole incwadi ebagunyaza ukuthi bagasele emzini kasomabhizinisi waseThekwini uNksz uShauwn Mkhize nabanye osomabhizinisi badle izimpahla ngenxa yamacala athinta ukungayikhokhi intela.
Kunezinsolo ezithi uNksz uMkhize ukweleta iSARS intela ewuR37 million.
I-SARS ithe lesi sinqumo seNkantolo ePhakeme eThekwini simqoka emizamweni yayo yokwenza kube nzima futhi kumbe eqolo kubantu abenza ngamabomu ukungayikhokhi intela.
Yengeze ngokuthi lesi sinqumo siphume emva kophenyo obeseludonsile embonini yokwakha.
- Lolu lwazi lucashunwe kwiFSCA neSARS