Bavulela abantu abamnyama iminyango abanenkampani eqeqesha abashayeli bamabhanoyi. INTATHELI YOMBELE iyabika

NGENKATHI uNkk uLiana Mongetane-Petersen engena endimeni yamabhanoyi, wafica kugcwele amadoda abelungu. Loku akumthenanga amandla njengoba akhetha ukuba nento azozihlukanisa ngayo ngokungagcini ngokuba Wumshayeli wamabhanoyi kuphela kodwa ngokuphinde abewumqeqeshi kule mboni.

Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.

Ukuthuthuka kobuchwepheshe kusho ukuthi nezigebengu ezibusebenzisayo ziyathuthuthuka. Yazi izindlela ongazivikela ngazo, kuloba uSiyabonga Mabuza

ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.

Othanda ukuzilawula, abantu besifazane nokuqoqa intsha wenza ifenisha yasendlini ngezinto ezilahliwe. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUTHANDA ukuba yisosha elizikhuzayo, ivuso lokuqasha abantu besifazane nokunqanda intsha yangakubo ukuthi ingangeni ezintweni ezibhedayo kwenza ukuthi asungule inkampani ekhiqiza ifenisha ngokuvuselela amathayi amadala namapulangwe.

Ngempelasonto kungcwatshwe umsunguli weKaMavuso Group, ingwazi yentatheli, umlobi neciko. Ngonyaka odlule waxoxa noMbele ngohambo lwakhe. Namhlanje siphinda sishicilela ingxoxo yakhe ukumkhumbula. UZIMBILI MAZIBUKO waxoxa naye

UTHANDO ngomlando wabantu base-Afrika nobuciko sekumvulele iminyango eminingi namathuba ebhizinisi umbhali, usomabhizinisi nentatheli esimnkantshubomvu.

Iciko elisebenzisa izihlahla ezingewona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika lifukula umphakathi, lethule uhulumeni umthwalo emahlombe. Lixoxe noSANDILE GWALA

UYICIKO elikholelwa wukuthi kubalulekile ukuvuselela impahla ebisithathwa njengemfucuza bese isetshenziswe kabusha. Uthi ukwenza loku kungalondoloza imvelo kuhlomule izizukulwane ezizayo.

Bebebulala inyoka abantu emcimbini wokucija osomabhizinisi. INTATHELI YOMBELE iyabika

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi nabantu kwindumezulu yomcimbi ohlanganisa osomabhizinisi minyaka yonke eThekwini iDurban Business Fair (iDBF) e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (i-ICC) naseDurban Exhibition Centre, ephele ngeSonto.

Oqale ecija ngokunakekela impilo ugcine engene ekukhiqizeni ukudla okunqanda izifo ezingamahlalakhona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UPHOKOPHELE ukulwa nezifo ezingamahlalakhona, ikakhulukazi esikashukela. Le ntshisekelo imenze waqala ukufundisa ngokunakekela impilo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukufaka isandla ekusizeni abantu ukuthi bazinqande ngokukhiqiza ukudla okuzosiza ukwenza loku.

Abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokusebenza nohulumeni kwiDurban Business Fair. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUCETSHISWE osomabhizinisi abebehambele iDurban Business Fair (iDBF) ngezindlela ezilula zokusebenzisana nohulumeni ngosuku lokuqala lwalo mbukiso wosomabhizinisi oba khona minyaka yonke eThekwini, KwaZulu-Natali.

Abasafufusa babonga ithuba lokukhangisa nokuthola amakhasimende amasha. UNQOBILE NDLOVU noSANDILE GWALA bayabika

OSOMABHIZINISI besifazane bathole ithuba elingandele bani lokukhangisa ngemikhiqizo kwi-African Women in Leadership International Conference (i-AWLO) eRadisson Blu Hotel eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngesonto elidlule.

Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.

Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA

NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.

Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika

UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.

Yize sekwashaywa umthetho okufanele ngabe usiza abadayisi bezindlu abasafufusa kodwa bathi basathwele kanzima. UTEBOGO MOKWENA uyabika

SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselikhuni ukuthola amakhasimende.

‘Luyatotoba usizo olunikwa abakhahlanyezwa yizikhukhula kanti uhulumeni awufundanga lutho enhlekeleleni yeCOVID-19.’ USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.

Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.

Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE

EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.

Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More

Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.

Imizamo emisha yokugqugquzela ukuthi abantu bakuhlelele kahle ukuthatha umhlalaphansi ukuze bangahlupheki. USLINDILE KHANYILE uyabika

YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.

Podcasts

Inqolobane