Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika
ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.
Ukuthuthuka kobuchwepheshe kusho ukuthi nezigebengu ezibusebenzisayo ziyathuthuthuka. Yazi izindlela ongazivikela ngazo, kuloba uSiyabonga Mabuza
ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.
Sidinga uhlelo lokuvikela ofakazi abaveza inkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibiloku isebenzisa izincomo zeKhomishini kaZondo ukubheka izindlela nezinhlaka ezingasiza ukugwema inkohlakalo ngomuso nokweseka ezinye izinhlaka ukuthi ziqhube umsebenzi wazo. Enye yezinto esicabanga ukuziphakamisa yindlela engcono yokuvikela ofakazi okuyibona abaqhumbuza ithumba ngezenzo zenkohlakalo.
Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.
Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika
YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.
Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE
EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.
Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More
Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.


























































