UMnu uSiphosihle Maseko, umlimi waseKeiskammahoek, eMpumalanga Kapa

Izithombe: Zithunyelwe

Uvuna okuhle kodwa owangena kwezolimo engakaze azicabange. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAYEFISA ukuba wudokotela ohlola izidumbu kodwa akawatholanga amamaki anele kuMatikuletsheni. Kwaba yiseluleko sikaninakhulu esamkhomba kwezolimo, umkhakha ayengawucabangi nhlobo kanti uzothola ubizo lwakhe. 

UMnu uSiphosihle Maseko, waseKeiskammahoek, eMpumalanga Kapa, namhlanje uwumlimi odayisa amaklabishi angu-2 000 ngesonto futhi oqashe abantu abawu-120 abayitoho. Utshala ummbila, i-butternut no-beetroot.

Wenze i-National Diploma in Agricultural Management eNelson Mandela University ophikweni oluseGeorge. Emva kokuphothula izifundo, uke wasebenzela abanye abantu kodwa izinto zangahlangana ngendlela ayecabanga ngayo waze wagcina eyekile. 

Uthi: “Ukufundela ezolimo kwakungesiyona ngisho into yesibili ezintweni engangazicabanga. Kwaba wugogo owathi ake ngizame ngakuzona ngibone. Uma ngiyeka ukusebenza ngibe nenhlanhla yokuthi ekhaya bekuvele kunomhlaba ongasetshenziswa base benginikeza amahekthare awu-10. Ngiqale ngatshala iklabishi.”

Uqale ukuzisebenza eminyakeni emibili ebambisene nabazala bakhe kodwa okuthe ngokuhamba kwesikhathi wagcina esesele yedwa. 

Udedangendlale uMaseko atshale iklabishi kuwona

“Kumnandi ukuzisebenza. Yilapho uzifunda khona ukuthi yikuphi lapho umandla khona futhi yikuphi lapho ubuthaka khona. Ibhizinisi liyehla liyenyuka. Njengamanje nje iklabishi lithe chithi saka, nokusho ukuthi izinto zizothi ukutotoba kancane kuze kube wuNovemba. Kepha-ke ngizoba matasa ngezinye izinto ngoba sengizotshala ummbila ne-butternut.”

UMaseko uthi izinselelo eziningi ezihambisana nomsebenzi uyakwazi ukuzibekezela kodwa kukhona angakwazi ukuzilawula, ikakhulukazi ezidalwa yisimo sezulu. 

Ngasekupheleni konyaka odlule isichotho sacekela phansi amahekthare amane ombila ayesezowuvuna. Nangasekuqaleni konyaka amaqhwagi acekele phansi amaklabishi awu-3 000.

Ukhuthaza intsha ukuthi isondele kwezolimo njengoba ethi maningi amathuba akhona futhi nemali ikhona. Mlalele echaza. 

UMaseko uyafisa ukuthi uhulumeni alekelele abalimi ngokwandisa amakhasimende azothenga kubona njengoba ethe akulula ukungena ezitolo ezinkulu zokudla. 

Esinye isifiso sakhe wukuba ne-drone, nathi ingenza umehluko emsebenzini wakhe futh imongele nesikhathi.

Nombila uyamvuma uMaseko

“Ingasisiza kakhulu ukubheka kahle izinambuzane ngoba kufanele ubhekisise yonke into uqinisekise ukuthi awushiyi lutho, nokuyinto ethatha isikhathi eside futhi ezinye izindawo azibonakali kahle. Kepha i-drone ibona yonke into, iyaqopha futhi iyashesha ngoba njengamanje kuthatha ihora lonke ukubheka nokufutha ihekthare elilodwa.”

UMaseko uthe manje usebenzela ukuthi athole umhlaba omkhulu kunawusebenzisayo ukukhulisa umsebenzi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page