Bawa bevuka abalimi abaphokophele ukwakhela izizukulwane ifa laphakade. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UMLIMI uNksz uSimphiwe Mnisi nabazali bakhe bagqugquzelwe yisifiso sokwakha umcebo abazowushiyela abantwana babo nezizukulwane ezizayo.
Ukufunda ukubekezela kumise iJGS Unathi Farming & Projects kusukela yaqala kanti indondakazi kaNksz uMnisi eneminyaka eyisikhombisa isivele isebhizinisini ukuze ngelinye ilanga ithathe izintambo.
UNksz uMnisi utshele i-Vutivi Business News ukuthi ulima umhlaba ongamahekthare awu-4.5 ophakathi kwaKwaThema naseTsakane, Ekurhuleni, eGauteng. Baqale umsebenzi ngo-2012 emva kokuthi uyise esebenzise imali yakhe yempeshini yeminyaka esebenza ezimayini. Nakuba beqale eminyakeni eyishumi edlule, kodwa ibhizinisi selike lama kabili lingasebenzi. Kepha uNksz uMnisi uthi isifiso somndeni wakhe sokwakhela izizukulwane umcebo yisona esibenze baphokophela.
“Ipulazi siliqale ngokudayisa amaveji, nebesiwadayisela izitolo zendawo. Kepha amanzi abebiza, ngakho sasesinquma ukufuya izinkukhu,” kusho yena.

Kuthe besanda kuqala ukufuya izinkukhu baphoqeka ukuthi bavale ibhizinisi ngenxa yokuswela ulwazi lokuphatha imali. “Elinye lamaphutha amakhulu esiwenzile wukuphila ngenzalo, kunokuyonga nokugcina amabhuku emali. Loku kusilimazile kakhulu ngoba besingakwazi ukukhula.”
Emva kokufunda izifundo eziningi uNksz uMnisi uthe bavuke bazithatha baqala kabusha. Makhathaleni kuhlasele iCOVID-19, nokophoqe ukuthi bavale njengenqwaba yamanye amabhizinisi.
Emva kokuxegiswa kokuvala izwe, lo mndeni uphinde waqala phansi. “Kulokhu abazali bami banqume ukudedela izintambo kimina, ngase nginquma ukuzibambela ngoba ngaphambi kwaloko besengineminyaka cishe ewu-20 ngisebenza embonini yezinkampani ezingenzi inzuzo. UmNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya usisizile ngezinkukhu eziwu-500 nokudla kwazo,” kusho yena.

Manje ipulazi selikhiqiza amaqanda nezinkukhu kanti liqashe izisebenzi ezinhlanu. Kunabantu abayisikhombisa abadayisa amaqanda emva kokuwathenga kubona. Lidayisela amanye amagaraji ase-Engen Ekurhuleni, ibhusha lendawo iPlus Butcher nezipaza zendawo.
UNksz uMnisi ukholwa wukuthi njengoba indodakazi yakhe isenkampani yiyona nto enkulu asebeyizuzile ngoba kuyahambisana nokufeza iphupho labo.
“Inhloso yethu wukugcina sesiyipulazi elikhulu eminyakeni ewu-10 ezayo kanti kungijabulisile uma indodakazi yami u-Unathi isiqala iba yingxenye yebhizinisi ngokuthi kube khona izinto eziphakamisayo nangokulekelela ngeminye imisebenzi. Nakuba emncane kodwa uyaliqonda ibhizinisi futhi sizibophezele ekukukhuthazeni lokho,” kuphetha uNksz uMnisi.
Facebook: Simphiwe Pretty Historymaker Mnisi
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

