Kubhokile ukwebiwa kwemfuyo kwezinye izifundazwe

Izithombe: wuGoogle nesithunyelwe

Amasela ahlehlisela emuva abafuyi abasafufusa. UTEBOGO MOKWENA uyabika

ABAFUYI abasafufusa, izinhlangano zabalimi bathwele kanzima ngenxa yokuntshontshelwa imfuyo kanzima bayavumelana ukuthi loku kunomphumela omubi. 

Omunye umfuyi usephakamise ukuthi amaphoyisa asungule ithimba elizophenya ngokwebiwa kwemfuyo. Nakuba izibalo zobugebengu ezweni zitshengisa ukuthi kwehlile ukwebiwa kwemfuyo ngo-4.5% kepha ziveza ukuthi kunyukile eLimpopo, eGauteng naseNorth West.

Ngokusho kwamaphoyisa ukwebiwa kwemfuyo eGauteng kunyuke ngo-16.9%, eLimpopo kunyuke ngo-28.7% kwathi eNorth West kwanyuka ngo-10%. 

Usihlalo weSA Farmers’ Development Association uDkt uSiyabonga Madlala uthi lezi zibalo azibathusi. “Maningi amacala okweba abikwe enhlanganweni yethu, loku kufaka izinga eliphezulu lokweba, ukulimaza abantu, kuphazamise nemisebenzi yasemapulazini nempilo.

“Abalimi abasafufusa bafuyela ukudayisa nokondla imindeni yabo. Ngisho kwebiwe umhlambi wemfuyo owodwa kunomphumela omubi kubalimi abasafufusa, nokuyisikhathi esinzima njengoba ukuthutha imfuyo kuvaliwe ngenxa yamatele.”

UDkt uMadlala weSA Farmers’ Development Association

UDkt uMadlala uthe ezokuphepha yizindleko ezibizayo abalimi abasafufusa abangakwazi ukuzimela.

Uqhube wathi kunzima ukulandelela imfuyo eyebiwe ngoba izigebengu zisebenzisa indlela “yokubamba imfuyo ziyihlinze”, okusho ukuthi ziqinisekisa ukuthi imvu entshontshiwe isuke isilenga ebhusha lingakashoni ngisho ilanga. “Amasela emfuyo afika ehlomile, ngakho ayingozi.” 

UMnu uPheladi Matsole, onepulazi eFree State, usanda kuntshontshelwa imfuyo, nakuba esifundazweni sakhe kwehle ngo-9.8% ukwebiwa kwemfuyo. 

Utshele iVutivi ukuthi izinkomo eziwu-14 nezingulube ezimithi eziwu-14 zebiwa epulazini lakhe ezinyangeni ezimbili ezedlule. 

Uthe inkomo cishe ibiza uR13 500, okusho ukuthi walahlekelwa yizinkomo zikaR189 000. Ingulube Ibiza u-R3 500, okuchaza ukuthi walahlekelwa yizingulube zikaR49 000 kodwa ngoba zazimithi kusho ukuthi inani lazo lingaphezu kwaloko.

“Lolu daba lusaphenywa kodwa ayikaze ibuye imfuyo yami. Amaphoyisa kumele asungule ithimba elizobhekana nomsebenzi wokuphenya ubugebengu obunje, yilapho-ke ayokwazi khona ukuhlomela ukuphenya ukwebiwa kwemfuyo, njengoba ekwazi ukusungula amanye amathimba abhekene nokuxazulula amacala athinta obunye ubugebengu obuyinkinga ezweni,” kusho uMatsole.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page