Kukhuthazwe abantu ukuthi basukumele ukuzilimela ukuze bezodla ukudla okunomsoco. Omunye umlimi uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABALIMI abatshalela ukuziphilisa bona nemindeni yabo bangasiza ukulwa nesihlava sokushoda kokudla ezindaweni ezisemakhaya nasemalokishini.
Zisho kanje izikhulumi ebezisengxoxweni ebihlelwe wuphiko lwezokuxhumana lukahulumeni iGovernment Communication and Information System.
Abebekhona kule ngxoxo wumNyango wezoLimo, ukuBuyisa umHlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya, iStatistics South Africa, izinkampani ezizimele ne-Agri SA.
Umlimi otshalela ukuziphilisa yena nomndeni wakhe uNks uLerato Senakhomo utshele i-Vutivi Business News ukuthi umndeni wakhe waqala ukulima amaveji nokufuya ngoba ubona kushoda ukudla ezindaweni zasemakhaya eGauteng.
Abazali bakhe basungule iSenakhomo Farming ngo-2007 Ekurhuleni, eGauteng. Babuye bathuthela eThokoza, khona eGauteng, emva kokuthola umhlaba emNyangweni wezoLimo, ukuBuyisa umHlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya.
ISenakhomo Farming ifuye izinkomo, izimbuzi neziklabhu, itshale ummbila, i-soya nespinashi. Badayisela abangeyona ingxenye yomnotho omkhulu nezakhamuzi zasemalokishini nezindawo ezihlwempu Ekurhuleni.
“Ukuqala ngokuzitshalela wena kungasiza ngoba awudingi umhlaba omkhulu ukukwenza. Ngingakuphakamisa ukuthi intsha iqale ukuzitshalela ngoba ngesikhathi silima kuyanda ukudla esikukhiqizayo. Uma inganda intsha elimayo, kungasiza ukwandisa abantu abathola ukudla okunomsoco, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya,” kusho uNks uSenakhomo.
Umqondisi woPhiko lokuThuthukisa abaLimi abaSafufusa emNyangweni wezoLimo, ukuBuyisa uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya uDkt uJemina Moeng uthe izinselelo ezidalwe wukuguquguquka kwesimo sezulu zinciphise imizi elimayo. Nokho ugqugquzele abantu ukuthi basukume bazitshalele bona.
Uthe imiphakathi eminingi iyanqena ukungena kwezolimo. “Yebo, abanawo umhlaba nezinye izinsiza ezinjengamanzi kodwa ingadi egcekeni lakho, kungaba iselokishini noma eSandton, izokusiza ngamaveji. Awudingi umhlaba omkhulu, egcekeni lakho lapho singakweseka khona, ungakwazi ukuhlinzeka umndeni wakho ngokudla.
“Ingozi enkulu ngeyabantu abangafuni ukuzikhiqizela ukudla ngoba bencamela ukukuthenga kanti ukuthi udla ukudla onomsoco kangakanani kuya nokuthi unemali engakanani.
Ngokusho kweStatistics South Africa, cishe u-23.6% wabantu eNingizimu Afrika washoda ngokudla ngandlela thize ngo-2020 kanti u-14.9% wona weswela ukudla kakhulu ngesikhathi kubheduke iCOVID-19.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivi.co.za


