Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI siniphathele uBuselaphi Gxowa, onoxhaxha lwezindondo, osezungeze umhlaba waze wahlonishwa ngeziqu zobudokotela

Usemncane wawuphiwa imali?
Cha.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
Ngiqale ukuba ne-akhawunti ngo-1992 (kanti) ngayivula eStandard Bank.
Uma ucabanga imali ebuncaneni noma ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi imali iyingxenye yempilo. Kufanele uyinakekele ukuze ufeze izidingo zakho nezomndeni wakho.
Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ukusebenza ngiwunogada ngo-1992 ngihola uR500 ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Umholo wokuqala wonke ngawuphathisela umama ekhaya ngoba ngangazi ukuthi imali eyabantu abadala, hhayi izingane. Imali yayihambisana nencwadi engangicela ngayo kumama ukuthi angiphe imali yokuthenga ukudla lapho ngihlala khona. Nebala umama wangiphathisela uR50 engaphila ngawo inyanga yonke nencwadi ayebonga ngayo imali.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Into engiyenzile ngemali sengicula wukwakhela abasekhaya isithabathaba somuzi esinamagumbi ayisishiyagalombili senani likaR300 000, ngazakhela umuzi lapho ngendele khona ngoR200 000 futhi ngazithengela umuzi engihlala kuwo eGoli ngoR250 000.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza phambilini?
Ngangena “ebhanoyini” okuthiwa yiLuno Investment.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Yebo, iLuno Investment.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ngathola esokuthi kubalulekile uma usebenza ukuthi kube nento oyoyikhomba njalo oyithenge ngemali kunokujabulela izinto eziphelayo.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingawutshala ezinkampanini ezisemthethweni, kuthi ngenye ingxenye ngenze into engathuthukisa umphakathi walapho ngikhulele khona njengokuhlomisa (abantu) ngamakhono angabasiza empilweni.
Ungabeluleka uthini abanye abaculi ngokuphatha imali?
Ngingathi kubalulekile ukwenza into eyosiza nezizukulwane zabo njengokwakha nokufunda ukonga imali kunokuyimosha ezintweni ezingenakusasa, njengokuphuza utshwala ngemali ube ungakwazile ukwenza okuhle oyozibonga ngakho ngelinye ilanga.
