KWAKUNGENELE ukuqhamuka emndenini owenza izitini ukuqinisekisa ukuthi ukhiqiza izitini ezisezingeni phezulu. Isifiso sakhe sokwenza imizi yaselokishini ibemihle njengeyaselungwini yisona esimgqugquzela zonke izinsuku.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa.
USEPHOXEKE kaningana usomabhizinisi kodwa kukho konke lokhu kuphoxeka ubethola isifundo, nokumsizile njengoba imikhiqizo yenkampani yakhe isitholakala nakwamanye amazwe aseNingizimu ye-Afrika.
USIZO oluhlinzekwa wuhulumeni ukutakula amabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, udlame olwabheduka ngoJulayi wango-2021 nezikhukhula ezisanda kuhlasela KwaZulu-Natali ngeke lusize ngalutho futhi lufike emva kwendaba.
KUYISHWA ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwemibili kwahlasela iCOVID-19 wuhhafu kuphela wabantu abadala abagonywe ngokugcwele. Loku sekuzohlupha thina manje njengoba kuqina ukuhlasela kwaleli gciwane okwesihlanu.
KULE ngosi ngithanda sibheke lento encomekayo engiyibona yenzeka eNingizimu Afrika. Uma uqaphelisisa uzobona ukuthi ayanda ama-brand amasha asungulwa ngabantu abamnyama kanti nabantu bakithi sebethanda ukuthenga ama brand asungulwe ngabakubo kunakwamanye amazwe.
WAYAZI ukuthi ngelinye ilanga uyoba nebhizinisi nokungakho engapholisanga maseko ngokuliqala njengoba kwathi eqeda enyuvesi lase likhona.
Usemncane wawuphiwa imali?
Eyi, cha.
UMNYANGO wezeziMali umemezele imininingwane yesikhwama sokulekelela osomabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, udlame olwabheduka ngoJulayi ngo-2021 KwaZulu-Natali naseGauteng nezikhukhula ezisanda kuba khona.
KUZODINGEKA zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zibambisane ukuphucula impilo yabantu ngezidingo ezihlukene ukunciphisa ingozi yezikhukhula ngoba asikho isisombululo esisodwa futhi abantu ngeke bayeke ukufudukela emadolobheni ngoba bebheka amathuba angcono emisebenzi.
NGESIKHATHI esabamba amatoho wayehlala efuletheni nowesifazane owayenengane eyayihlushwa yisikhumba ine-eczema. Wayinika umuthi wokugcoba ayezihlanganisele wona ngezithako zemvelo wathi akawuzame abone ukuthi ngeke yini wayisiza ingane.
NGENKATHI abangani ababili baseGoli, eGauteng, beqala ipulazi labo lezinkukhu iTwin Chicks bakwenza begqugquzelwa wukufuna ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane ezilandelayo zingantuli imali.
KUNINGI osomabhizinisi ababhekene nako: ukubhebhetheka kweCOVID-19okusha, ukucisha kukagesi okuqhubekayo, impi ephazamisa ukuhwebelana emhlabeni nesimo sezulu esibi esidala umonakalo; njengezikhukhula ezenzeke KwaZulu-Natali.
KULELI sonto ngifisa sibheke izinto ezenzeke emasontweni amabili edlule lapho sibone khona izikhukhula zenza umonakalo ongakaze ubonakale KwaZulu-Natali.
UKUBHUNTSHA kwezinhlelo zokubuyela embonini ayifundele nayizwa ngaphakathi ngenxa yeCOVID-19 kuphenduke isibusiso njengoba egcine eqhamuka nomqondo webhizinisi elingavamile kubantu abamnyama.
UMPUNYUMPUNYU. Yileli igama elinembayo ukuchaza ugalagala lomholi emikhakheni ehlukene njengezemfundo, ipolitiki, ezentuthuko yomphakathi namabhizinisi.
KUZOTHATHA izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umnotho waseThekwini usebenze ngendlela obusebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kwezikhukhula ezibhoke ngesonto eledlule. Loku kulindeleke ukuthi kwehlise umnotho wedolobha ngo-1.8% njengoba idolobha lilahlekelwa wuR28 million ngosuku ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi ungakabalwa umonakalo owenzeke kwingqalasizinda.
NAKUBA sekuphele iminyaka ewu-20 esiza ewunjiniyela futhi ethuthukisa izindawo namalokishi kodwa usomabhizinisi odabuka ePhuthaditjaba, eFree State, usawuthanda umsebenzi wakhe. Ukusiza abantu bathole izinto ezincane abanye abazithatha kalula njengokukwazi ukuvula umpompi yinto emjabulisayo nokukwazi ukuxazulula izinkinga athuthukise abanye abantu yikona okumkhuthazayo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, bengiphiwa abantu abahlukene, ikakhulukazi izihlobo.
KUMQOKA ukuthi kusheshiswe ukulungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi KwaZulu-Natali ukuze kuzophinde kuqhubeke kahle ukuthutha izimpahla eNingizimu Afrika ngoba uma kungenzeki loku kungagcina sekunomphumela omubi emnothweni, ikakhulukazi kwezolimo.
UWUMUNTU oseloku kwathi nhlo ukhonze ukugqoka izinto ezihlukile futhi bekumchaza nokubona izinto ezinobuciko obugqamile. Kepha wayengakaze acabange ukuthi lolo thando lungaba yibhizinisi eselivuthwe ngale ndlela okuyiyo manje.
ISIBHICONGO esenzeke KwaZulu-Natali sibuhlungu. Ukufa kwabantu nokulahleka kwemisebenzi kukhulu. Inkulumo kamengameli (ngoMsombuluko) ikhombisa indlela uhulumeni ayisukumela ngayo le ndaba kanjalo nezifundo esizitholile ngokubhekana nenhlekelele eminyakeni embalwa edlule.
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami ayiyinhle neze ngenxa yesimo sezikhukhula esihlasele iKwaZulu-Natali. Ngibhala nje imibiko ikhomba ukuthi sekudlule abantu abawu-448 esifundazweni.
NGEMVA kokubona ukuthi ukulinda uhulumeni ukuthi unike abalimi abamnyama umhlaba kuwukulinda umnyama ongenafu, umlimi wesifazane waseLimpopo uthi wazilungiselela ukuthi abe wumlimi ongawasebenzi amakhemikhali ukulima.
UTHANDO lwakhe lusemkhakheni wezemidlalo. Kuyena ezemidlalo aziwona umdlalo nje kodwa ziwubizo; ubizo lokwenza umehluko empilweni yabantu abasha.
IZINKAMPANI zakwamanye amazwe zijwayele ukuhlela imihlangano neminyango kahulumeni ethile kanjalo neBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ngaphambi kokutshala imali eNingizimu Afrika. Ithe ukunyuka le mihlangano muva nje.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini uziqalele ibhizinisi lakho, into eshayisa ngovalo kwabaningi. Uma ubheka uyabona ukuthi kukhona abantu abanengcindezi yokufuna ukushiya emsebenzini abakuwo bayosungula okungokwabo.
MHLA uMnu uGodfrey Rasogo eqala ukuzwa ngokulima ngaphandle kokusebenzisa inhlabathi wafunda okuningi ngo-lettuce nokuthi unamuphi umsoco. Waqaphela ukuthi nakuba abantu babewudlela ukunciphisa umzimba kodwa wawungasuthusi ngendlela ababecabanga ngayo.
KUBO bonke ubunzima asebeke babhekana nabo baqhubekile bama ngenxa yokuthi ibhizinisi labo lihlukile kunamanye futhi izimpahla abazidayisayo zinethuba lokwenza izinto ezinkulu, okubalwa kuzona ukuqasha abantu abaningi.
UKHULE enenkolelo yokuthi ngeke asebenzele omunye umuntu ngoba wayebuswa wukufuna ukuqala ibhizinisi azoziphilisa ngalo. Nokho uzamile ukusebenza esethole umsebenzi esitolo kodwa kwala ehlulwa wukuthobela umthetho womqashi.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni. Kwakuvame ukuba wuR2 ngosuku.
UMA ibhizinisi lakho lisamile emva kwesivungungu seCOVID-19 kusho ukuthi uyakwazi ukuphatha ibhizinisi. Loko futhi kwandisa namathuba okuthi amabhange akusize uma ufisa ukuboleka imali.
YIZE ebhekane nobunzima esaqala ibhizinisi waze waphoqeka ukuthi alivale, waphinde walivula kodwa ukholwa wukuthi maningi amathuba embonini yokuvubela nokudayisa ikhofi.
NGICELA iziphakamiso zenu. Izibalo zabantu abangasebenzi ngesonto elidlule ziveze ukuthi isibalo sentsha engasebenzi siwu-65%, okuyinto ethusayo. Kumele sikushintshe loku.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngokushintsha indlela esenza izinto ngayo siyisizwe, ikakhulukazi esinsundu, kwezamabhizinisi noma izinto eziphathelene nezamabhizinisi.
U-FNB uqhamuke nezindlela ezintsha zokuheha amakhasimende amasha nokwenza lawa akhona ahlale futhi asebenzise eminye imikhiqizo yawo ngokuwalekelela akwazi ukufinyelela ezintweni angenazo, ikakhulukazi lezo ezidinga ubuchwepheshe besimanje.
UKUZE iqonde ukuthi kungani abalimi abasafufusa beshaywa indiva yizinkampani ezinkulu, iCompetition Commission isiyethule uphenyo lomphakathi oluzobheka ukuthi kungakanani ukuncintisana emakethe, indlela okuklanywa ngayo amanani emikhiqizo, izingqinamba ezibhekana nabalimi, ikakhulukazi abasafufusa.
KUYE ngamagama enkehli ngemizamo yokuphungulela abantu baseNingizimu Afrika umthwalo wokubiza kwentengo kaphethroli. Kusukela ngoLwesithathu kulindeleke ukuthi intela ebizwa nge-general fuel levy yehle ngoR1.50.
ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ngamalungelo abo njengabathengi kodwa abangakuqondi kahle wukuthi kufanele bawasebenzise kanjani la malungelo ukuze abasize. Loku kudalwa yimvelaphi yabantu, indawo abahlala kuyo kanjalo nohlanga lwabo.
UKUBA necebo lesibili kuhlenge ibhizinisi lakhe kwagwema nokuthi angashaywa yinduku eyodwa kabili yokugcina ephoqeka ukuvala ibhizinisi ngenxa yomphumela omubi wegciwane iCOVID-19.
BEKUHLALE kumkhathaza ukuzwa izindaba zokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwezingane elokishini, kumphule umoya kakhulu ukuthi ezinye zazo ziyanukutshezwa noma zitholakale sezibulewe.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa u-50c noma uR1 uma ngiya esikoleni.
UKWAKHA amathuba emisebenzi entsheni, ukufukula umnotho waseNingizimu Afrika nokulwa nobubha ngezinye zezinto ezigcizelelwe yizikhulumi ebezisengqungqutheleni yokuhweba nokutshala imali iKwaZulu-Natal Trade & Investment Indaba and World Halal Day ebiseThekwini.
NGOKUJWAYELEKILE ungalindela ukuthi umfana waselokishini njengontanga bakhe ukhule edlala ibhola neminye imidlalo ethandwa ngabafana baselokishini. Kepha uphume eceleni, wazihlupha ngokufunda ukwenza imisebenzi yezandla.
NGIFUNA ukuhalalisela umengameli, i-Infrastructure South Africa nebambisene nabo ngengqungquthela yokuheha abatshalimali ebingesonto elidlule. Bekungeyesine futhi iyona esahambe kahle kakhulu kunezinye.
KULELI sonto ngithanda sibheke udaba olubalulekile futhi olubucayi olumayelana nokuthengwa kwamabhilidi eThekwini.
INYUNYANA yabalimi KwaZulu-Natali iKwanalu isinxuse bonke abafuyi ukuthi balandele yonke imigomo yesifo samatele bese besebenzisa nemigomo yezempilo ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo esesiphinde sabheduka KwaZulu-Natali, eNorth West naseLimpopo.
EQEQESHELWA ukuba wummeli akuhambanga ngendlela ayefisa ngayo njengoba wayengazinakile izifundo zakhe egxile kokuzomngenisela imali. Ekuhlwayeni kwakhe amatoho, ugcine ethola umsebenzi epulazini, kwaba wukungena kwakhe kwezolimo.
EQALA ukusebenza wathola ukuthi uhola imali ephindaphindiwe kunekayise owayesebenza efemini. Uthi loku kwamphatha kabi kodwa futhi kwamvula amehlo ngoba kunezinto ayengaziqondi ukuthi zenzeka kanjani.
UKHULE ekhuthazwa yimisebenzi emihle kasaziwayo kwezokuqedisizungu uBonang Matheba, elandela konke okwenziwa yile ntokazi engaconsi phansi kubalandeli bayo.
UKUZAMA Ukuxhasa nokufukula osomabhizinisi abasafufusa, umasipala waseThekwini wenze umncintiswano i-eThekwini Municipality’s Lions’s Den Awards, lapho uklomelise khona osomabhizinsii abayisithupha ngoR120 000.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni.
ABATHENGI baKwaZulu-Natali sebezosizakala ngokuthe xaxa njengoba sekuneNkantolo yabaThengi esebenza njengeNkantolo ePhezulu; into ebikade ingekho. Le nkantolo entsha izoholwa wuSolwazi uBonke Dumisa.
BAKHULE bengabangani baze banquma ukuqala ibhizinisi lokukhangisa imikhiqizo yasezitolo ngo-2013. Ukungachumi kahle kwalelo bhizinisi kwenze balishiya phansi baqhubeka neminye imisebenzi ukuziphilisa.
KULELI sonto uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uzophinda asingathe ingqungquthela yezokutshala yaminyaka yonke. Izobe izama ukunqanda ukwehla kokutshala emnothweni.
KULELI sonto ngithanda sibheke izinto ezibalulekile ukuze usimamise ibhizinisi lakho; nesingazibiza ngezinsika.
BESE kuyisikhathi eside izelamani zifuna umsebenzi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Bekuthi noma zizama ukuqala amabhizinisi ehlukene kungalungi. Kuze kwasiza ukuhlangana kwazo nomngani wazo wakudala eziqale ibhizinisi lezolimo naye.
INKINGA yokuswela imali yenza washiya phakathi izifundo zobuntatheli, umkhakha ayewuzwa ngaphakathi. Esehleli ekhaya wazihlupha ngokuthi yini angayenza ukuziphilisa.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa, yize kwakungesiyo imali enkulu.
IMPI ephakathi kweRussia ne-Ukraine izowuthikameza umnotho weNingizimu Afrika kodwa akhona namathuba angase aqhamuka angenza uhlomule.
SINGASHO sithi iBlack Leadership South Africa (iBLSA) iwumphumela wemizamo kaMnu uMichael Spicer yokwakha inhlangano yamabhizinisi engeke ishabalale, elungele ukufaka isandla ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika.
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi imiphumela empi ephakathi kweRussia ne-Ukraine yenzani emnothweni, ikakhulukazi waseNingizimu Afrika.
UKHULE engakucabangi nangengozi ukuthi angaba wusomabhizinisi ngelinye ilanga. Kunaloko ubehlalele ethembeni lokuthi ukufunda kuzokwenza afeze zonke izifiso akhule enazo.
KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15.
UKUSEBENZA nokusekwa wumndeni ebhizinisini ukuthatha njengesibusiso futhi ukholwa wukuthi yiko okwenza adlondlobale ebhizinisini asanda kuliqala, nakholelwa ekutheni ukuzimela kulona kuzokwenza achume kwezamabhizinisi.
UKHULELE elokishini futhi uwumuntu okhonze isitayela nothanda ukugqoka izimpahla ehlukile nengandile kubantu abaningi.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa, yize yayingenkulu ngenxa yesimo sezimali kubazali bami.
UBENGUMABIZWASABELE, enikela, enentshisekelo yokweseka osomabhizinisi, ikakhulukazi abantu besifazane futhi elazi ibhizinisi.
YIZE umnotho waKwaZulu-Natali ukhombisa izimpawu zokusimama ngokuphelele kodwa amathuba emisebenzi esifundazweni aphansi kakhulu. Isibalo sabantu abaqashiwe sehle ngo-5.1% ngekota yesithathu yango-2021. Intsha yiyona eshayeke kakhulu, njengoba isibalo sentsha engasebenzi siku-59.3%.
NAKUBA uNdunankulu waseGauteng uMnu uDavid Makhura etuse uhulumeni wesifundazwe ngokusiza ukwakha umnotho waselokishini kodwa iningi losomabhzinisi basemalokishini libona kusekuningi okusadinga ukwenziwa ukuze kufukulwe amabhizinisi nomnotho wasemalokishini.
UMBIKO osanda kukhishwa yiKhomishini kaZondo wengeze ohlwini lwabathintekayo ngokuphenya kabanzi ngokwakwenzeka ngesikhathi sokugwamanda umbuso.
NGIKHOLWA wukuthi kunendlela elula uhulumeni waseNingizimu Afrika ongasiza ngayo izinkampani zabamnyama abasafufusa. Ziningi izindlela uhulumeni asezizamile kodwa kuyacaca ukuthi azitheli izithelo uhulumeni asuke efuna ukuzibona kanti nabo osomabhizinisi abaningi bazithola bengasizakali ngendlela ebebecabanga ukuthi bazosizakala ngayo.
KUNGASE kusuke udweshu phakathi kwenhlangano emele abalimi iSA Farmers Development Association (iSAFDA) nomNyango wezeziMali ngemva kwesinqumo sokunyusa intela kashukela salo mnyango.
ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda.
YIZE bengadlanga umhlanganiso ohlelweni lokucija osomabhizinisi ngolwazi lokuphatha nokusimamisa amabhizinisi abo oluhlelwa yiFood Lover’s Market kodwa bathi ukuba kulona kwenze umehluko omkhulu ebhizinisini lokukhiqiza i-sauce.
UKUFUNA ancame into ayeyidinga kwamnika umqondo wokusungula inkampani eyenza izikhwama eziyinguganaboya. Insizwa yaseRustenburg, eNorth West, yasungula ibhizinisi lezikhwama ngemva kokungasitholi isikhwama eyayisidinga.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha, ngikhule ngingaphiwa. Ekhaya asijwayezwanga ukuphiwa imali sisebancane.
AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).
ITHALENTE kwimfashini lasheshe laziveza ensizweni yaKwaHlabisa, KwaZulu-Natali, isafunda u-Grade 6 mhla iqopha umlando idweba umsiko wengubo eyayizogqokwa wu-anti wayo mhla eshada.
KULULA kwenye inkathi ukukholwa ukuthi izwe lethu limi ndawonye, alikwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ukukhulisa umnotho. Kepha kulo nyaka ngibona ushintsho oluthembisayo endleleni uhulumeni obona kuyikona okudingekayo ukuxazulula izinselelo zomnotho wethu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba ebisezithebeni ngesonto elidlule mayelana ne-Employment Equity Plan, uhlelo lokuqasha ngendlela engacwasi.
UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.
KUNENTO eyodwa ayeyiqaphela kumkhulu owayengusomabhizinisi – wayala ukhasha ngemali yebhizinisi.
UKUGCULISA amakhasimende akhe aze athembe umkhiqizo wakhe yiyona nto emthokozisa ukwedlula inzuzo ayenza ebhizinisini. Yingako ethanda ukuqala abheke ukuthi athandani ukuze aqinisekise ukuthi wenza ifenisha ezowagculisa.
UHULUMENI wethule esinye isikhwama esizosetshenziswa ukulekelela amabhizinisi asafufusa ukuthi avuke azithathe ngemva kokukhahlanyezwa wukuqubuka kweCOVID-19.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa wumalume esikhathini esiningi.
UHULUMENI uzobhunga ngendlela okuklanywa ngayo inani likaphethroli ukubheka ukuthi ayikho yini indlela yokulibuyekeza. Loku ngeminye yemizamo ezokwenziwa ukuzama ukunciphisela abantu izindleko zempilo eziqonga mihla namalanga.
ISIYONKE imali yeSabelomali sango-2022/23 iwuR2.16 trilion kanti eminyakeni emithathu ezayo iwuR6.62trn.
UKHULE ewumuntu okhonze izinselelo ezintsha nongathandi ukwenza into eyodwa isikhathi eside. Loko kuholele ekutheni asheshe ashiye ukuba wuthisha. Uthe xinti kwezolimo. Nakhona akangahlala isikhathi eside njengoba esegxile ebhizinisini lendawo yokuvakasha nokungcebeleka.
UKUSEBENZA kahle kwengalo yomthetho kubalulekile kwabaphethe amabhizinisi. Kunzima ukuphatha ibhizinisi ngaphandle kokusebenza kahle komthetho okuhambisana nophiko lokuphenya nokushushisa.
KULE ngosi ngithanda sikhulume ngendaba esengake ngayibeka kulezi zithebe ngokubaluleka kokuqinisa izinhlaka zebhizinisi lakho ukuze lingazitholi selifadalala eminyakeni ezayo, loku phecelezi okuthiwa future-proof your business.
UKUBONA unina ewa evuka ekhulisa inkampani yezolimo ayiqale ngo-2005 kukhuthaze izelamani zaseFree State zaze zafisa ukufaka isandla ukumlekelela ukudlondlobalisa umsebenzi.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent