INKULULEKO yezimali iyatholakala uma ufuna ukufunda ngayo. Kwabazimisele ukusebenza kanzima ukuyizuza kunezincazelo eziningi zokuthi isho ukuthini.
ISIFIKILE inyanga lapho izinhlelo eziningi ezenziwayo zigxila ikakhulukazi entsheni yezwe. Sonke siyazi ukuthi yiningi intsha engasebenzi, yiningi futhi intsha efundile kodwa ihleli emakhaya neziqu, imisebenzi ayikho.
NGESONTO elidlule umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ushicilele umbiko okhombisa ukuthi iphathwe kanjani imali komasipala ngonyaka wezimali u-2021/22. Lo mbiko uveze ukuthi bahlehlele emuva omasipala.
OSOMABHIZINISI bakulangazalele ukubona wonke umuntu eNingizimu Afrika enomshwalense wezempilo kodwa kufanele kube yinto ezokwenziwa ngendlela esizokwazi ukumelana nayo futhi ezokwenza sikwazi ukusebenzisa izinsiza uhulumeni anazo.
NANSI indaba engithanda siyibhekisise kuleli sonto engibona sengathi osomabhizinisi abaningi abayinakile ukuthi inomphumela omkhulu ekutheni amabhizinisi abo angafinyeleli ezingeni abafisa afinyelele kulona.
IZWE lethu lidinga abantu abanamakhono bakwamanye amazwe ngokushesha kodwa uhlelo lokukhipha izimvume ezibavumela ukuzosebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, lwenza kube nzima ukubathola. Loku kwenza kube lukhuni ukuthi osomabhizinisi bakhulise izinkampani zabo.
KULE ngosi ngithanda sibheke udaba lwama“bhanoyi”, phecelezi ama-pyramid scheme.
CISHE asisafuniseli ukuthi nakanjani kulobu busika ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili. Ukushoda kukagesi owu-15GW kuzosibeka esigabeni sesihlanu kanti uma kuke kwakhona enye into efayo, sizokhuphukela ezigabeni ezilandelayo kusukela lapho.
UKUTHATHA imalimboleko entsha noma ikhadi lesikweletu esisha ukuze ukhokhele ezinye izikweletu zakho ezincane wukuhlanganisa izikweletu eziningi imalimboleko ibe yodwa.
KULELI sonto kunodaba olungihlabe umxhwele lwensizwa yakwaJacobs uNigel, engahlangana nayo ngonyaka odlule.
INHLOSO yeBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukusungula indawo enhle osomabhizinisi abangasebenzela kuyona.
NAMHLANJE ngifisa sibheke udaba lwezibalo ezintsha zabantu abangasebenzi ezweni ezikhishwe izolo.
NGESONTO elidlule uKhomishana wesikhwama sikapoyinandi (i-UIF) uMnu uTeboho Maruping uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ngokuthi kuzovalwa ama-akhawunti azo asebhange futhi zidlelwe izimpahla uma ziqhubeka zingabambisani nabacwaningimabhuku.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenzela ukuqinisekisa ukuthi kunendawo efanele okusebenza kuyo osmabhizinisi. Loku kubalulekile ukuze kukhule umnotho, kutshalwe imali kube khona nemisebenzi.
NAMHLANJE kule ngosi sibheka indaba yesikweletu. Isikweletu yisimo sokuthola into manje kodwa uyikhokhele ngesinye isikhathi nenzalo ngaphezulu.
KULELI sonto ngithanda sibukisise futhi sicubungule kahle indaba yokuthi singabazali kumele sisukume sakhe ulwazi lwabantwana bethu ngamabhizinisi. Cha, loku akusho ukuthi wonke umntwana uzokhula abe wusomabhizinisi.
NGIVAMILE ukubhala ngemizamo yethu yokuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyo; okungaba yizixazululo zenkinga kagesi noma ukubhekana nezinselelo esinazo ngezokuthutha.
NAMHLANJE ngithanda sibheke isasasa esilibone ezinsukwini ezedlule ngesiphuzo esisanganise abantu abaningi emhlabeni nesesinedumela naseNingizimu Afrika.
IMVAMISA kuthiwa iNingizimu Afrika inamaqhinga amahle kuphela, qha ihlulwa wukuwafeza. Yilokho okwenza singabi klamuklamu ukuloku sizwa ngamaqhinga. Nokho-ke ayadingeka.
YINI ukufunda ngezezimali kanti kungani kubalulekile ezinganeni zethu. Ulwazi lwezezimali lungachazwa njengokufunda amakhono okuphatha imali kahle futhi ukwazi ukuyihlelela kahle.
KULELI sonto ngithanda sibhekisise udaba lwe-Artificial Intelligence (i-AI) neChatGPT. Mhlawumbe abanye bayazibuza ukuthi yini kambe yini iChatGPT ngoba i-AI sake sakhuluma ngayo.
SIYAMBONGELA umengameli ngengqungquthela yabatshalimali ebe yimpumelelo ngesonto elidlule.
NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa usayine ukuchibiyela umthetho okhuthaza ukuthi kunikwe bonke abantu amathuba uma kuqashwa i-Employment Equity Amendment Bill of 2020.
NJENGOBA siya eNgqungqutheleni yabaTshalimali kuleli sonto, ngikhumbula ukuthi ukuheha abatshalimali kucishe kufane nokudayisa.
KuKANGAKI uya esitolo uyothenga isinkwa kodwa ubuye uphethe inqwaba yezinto ongazidingi? Kukangaki uthi awazi wenzeni ngemali yakho, ungakwazi ukuphendula ngemali oyisebenzisile?
KULE ngosi ngithanda sixoxe ngokuhle okwenziwa ngamanyuvesi, ikakhulukazi iNyuvesi yakwaZulu-Natali.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenza ngokuzikhandla nohulumeni ukulungisa inkinga yokukhipha izimvume zabantu bakwamanye amazwe abazosebenza kuleli zwe.
BAFUNDI bale ngosi ngiyathemba nisagcinekile kuzo zonke lezi zivunguvungu esizibona zenzeka emnothweni, kwipolitiki nemvelo.
UKUKHETHA kwamabhizinisi amaningi ngoMsombuluko odlule ukuvala noma ukuthi izisebenzi zihlale emakhaya kukhombisa ukuthi ayekhathazeke kangakanani ngokuvalwa kwezwe okwakuhleliwe, okwakungaholela odlameni nasekuphazamisekeni.
KWENZA umkhuba ukubuyekeza isitatimende sakho sasebhange nyanga zonke.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yesimo esinokuzinza emiphakathini yethu. Ukuzinza kubaluleke kakhulu kabi emiphakathini yethu ngoba kwenza sihlalisane ngokuzwana.
EKUQALENI kwesonto kuphazamiseke umnotho ngenxa kakhukhulelangoqo wesiteleka obuhlelwe yi-Economic Freedom Fighters (i-EFF).
BEKUYISIFISO ukuthi umbhikisho wangoMsombuluko ube nokuthula njengoba abantu baseNingizimu Afrika bebesebenzisa ilungelo labo. Benginethemba futhi lokuthi ngeke kube nodlame, kusatshiswe muntu futhi kucekelwe phansi izimpahla.
MFUNDI wale ngosi ngiyethemba uphephile emva kwesiteleka ebesingoMsombuluko. Kuyacaca ukuthi siyizwe sesifike esikhathini lapho singeke sisakwazi ukubekezelela ubunzima nengcindezi esiphila nako.
KUZOFANELE isukume inyakaze ikhabinethi entsha kaMengameli (uCyril Ramaphosa) uma kuwukuthi kukhona izinguquko ezoziletha.
UNAWO yini umcabango omuhle ngemali? Ukuvuselela indlela ocabanga ngayo ngemali nempilo yakho yonkana kuyinsika yempumelelo yakho kwezezimali.
KULE ngosi ngithanda sibheke umonakalo odalwe wukucinywa kukagesi okusihluphayo eNingizimu Afrika. Ngiyazi sesikhulume kakhulu ngakho.
KUNETHEMBA elincane elivuselelekile kuleli sonto emva kokumenyezelwa kukaDkt uKgosientsho Ramokgopa wangungqongqoshe omusha, uNgqongqoshe kaGesi.
NGESONTO elidlule ngivakashele izinkampani ezinkulu ezingamalungu ethu.
ISIMO esizithola kusona eNingizimu Afrika asisihle neze, isonto nesonto silwa izimpi ezihlukene.
MININGI imibuzo equbukayo engxoxweni esisuse umsindo ebiphakathi kukaMnu u-André de Ruyter’s noNks u-Annika Larsen we-e.tv, nathe kuyo kukhona ungqongqoshe owayazi ngezenzo zenkohlakalo.
LELI sonto lilandela lelo uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube ethule ngalo iNkulumo eBhekiswe esiFundazweni.
AKUKHATHALEKI ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwaba imali engakanani namhlanje ukulungisa inqwaba yezinkinga ezihlupha iNingizimu Afrika, uma uhulumeni engayiphuculi indlela okulandelwa ngayo umgomo futhi kusetshenziswe imali ngendlela efanele akukho lutho olutheni ezolwenza.
KUNEZINTO ezibalulekile okufanele uzazi ngokuphatha imali uma uqala ukusebenza.
Nazi ezintathu:
KULE ngosi ngifisa sibheke isimo esingesihle esizithola kuso eNingizimu Afrika. Minyaka yonke kunezinkampani eziningi ezidiliza izisebenzi.
ABEZINHLANGANO zamabhizinisi bazimisele ukulekelela uhulumeni kusebenzeke endaweni ezokhulisa umnotho.
NGESONTO elidlule uMengameli uCyril Ramaphosa wethule iNkulumo eBhekiswe esiZweni isizwe ebesiyibheke ngabomvu.
ISIPHAKAMISO se-ANC sokuthi kufanele kuthiwe kunenhlekelele ezweni ngenxa yenkinga kagesi simangaze abantu abaningi emaphakathini.
NGIYATHEMBA uliqale kahle mfundi walengosi isonto. Namhlanje ngithanda sibhekisise indaba yenhlalo nesimo sempilo yakho njengo somabhizinisi.
ZIYASHAQISA izibalo eziveza ukuthi iRichards Bay Coal Terminal (iRBCT) idayisele amazwe angaphandle amalahle awu-51 million tons, isikali esiphansi kunazo zonke eminyakeni ewu-30.
SEKUCACILE ukuthi inkinga kagesi ngeke ilunge maduze ngoba uhulumeni uthi kuzokwenzeka cishe emva kweminyaka emibili.
ASIKHO isibonelo esihle esitshengisa ukubambisana phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi esidlula loku esikubona uma kuxoxiswana nosomabhizinisi bakwamanye amazwe. Imihlangano yeWorld Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule iwubufakazi balokhu.
ENGOSINI edlule ngihlabe ikhwelo lokuthi sonke singosomabhizinisi kufanele sivulele uhulumeni nenkampani ephehla ugesi u-Eskom icala ngokusibulalela amabhizinisi, okuqeda imisebenzi ezweni lethu.
UMHLANGANO iWorld Economic Forum (iWEF) kuleli sonto uzohlanganisa inqwaba yosomabhizinisi nabaholi bepolitiki abazodayisa iNingizimu Afrika kubatshalimali abaqhamuka emazweni ahlukene.
ENGOSINI yanamhlanje ngifisa sikhulume kabanzi ngesimo osekuphele iminyaka ewu-15 sikusona siwosomabhizinisi – ukucishelwa ugesi mihla namalanga.
NGIYANIBINGELELA nonke bafundi bale ngosi onyakeni omusha u-2023. Kuyintokozo enkulu ukuthi nakulo nyaka sizoqhubeka nokucobelelana ngolwazi lapho sigcine khona ngonyaka odlule ngamabhizinisi.
ISIKHATHI sobumnande ekade silindelwe ngabomvu sifikile. Abantu abaningi bazothatha isikhathi baphumule bakhokhe umoya ngaphambi kokuqala konyaka omusha. Kuyishwa ukuthi lesi sikhathi sonyaka sidume ngezinhlekelele ezifana nezingozi zomgwaqo nobugebengu njengoba abantu behamba, bevakasha futhi bejabula ezweni naphasheya nabangani nemindeni.
YINI umsebenzi weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eNingizimu Afrika?
SESISONDELE isikhathi sokuphithizela ngaphambi kokuthi sihlukanise unyaka singene onyakeni omusha u-2023. Lona kube wunyaka ongemuhle neze kosomabhizinisi abaningi. Khumbula ukuthi siqale lo nyaka siphuma eminyakeni emibili ebimibi, neshiye osomabhizinisi abaningi beshayekile.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent