Abantu baseNingizimu Afrika banevuso nge-Black Friday
INTATHELI YOMBELE
NGEMVA kweminyaka eyishumi, i-Black Friday ingenisile eNingizimu Afrika kodwa isishintshile. Ngemva kokwehla kwesasasa kubantu abaya ezinxaxhatheleni zezitolo ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19, ikhuze ibuya ngamandla ngo-2023.
Izibalo zeStandard Bank neLiberty Two Degrees (iL2D) zikhombisa ukuthi sandile isibalo sabantu abaya ezitolo nezokuthenga ngobuchwepheshe.
Lo mkhuba owaqala ulandela iholidi lokuBonga eMelika, i-Black Friday iwukuqala kwesikhathi samaholidi sokuthenga esidle ngemititilizo emikhulu. I-Takealot yaqala lo mkhuba eNingizimu Africa ngo-2012, wangenisa ngo-2014 ngenkathi izitolo ezakhiwe nazo ziwungena. Ekuqaleni wadla ngezindali ezinhle, izitolo ezinjengoGame zaqala ukudayisa ezinzulwini zobusuku.
I-chief operating officer yeL2D uMnu uJonathan Sinden uthi: “I-Black Friday yangenisa ngempela ngo- 2018, kwathi ngo-2020 waba’wuBlack November’ ngenkathi izitolo ziqhuba indali inyanga yonke ukulawula izinkumbi zabantu ngesikhathi se-COVID-19.
“Ngokudamba kobhubhane, abathengi baphindela ezinxanxatheleni zezitolo ngobuningi babo ngo-2023. Ezinxanxatheleni zezitolo zeL2D abantu banda ngo-39% ngempelasonto ye-Black Friday uma kuqhathaniswa nango-2022, kwenyuka ngo-32% wangaphambi kwesikhathi sobhubhane ngo-2019. Nakuba izitolo eziningi zibanendali impelasonto yonke kodwa wuLwesihlanu oluhamba phambili,” kusho yena.
Izibalo zemali engenayo nephumayo zeStandard Bank ziveza ukuthi zinyukile izibalo zokuthenga zango-2023 zempelasonto yango-Black Friday kuthengwa ezitolo noma ngobuchwepheshe. Ukuthenga ngobuchwepheshe kunyuke ngo-17% kanti kukhuphuke ngaphezu kwango-30% kusukela ngo-2021.
I-Black Friday yisikhathi semititilizo
Nakuba kwakwande ukuthenga izinto ezisebenza ngogesi, izibalo zeStandard Bank zikhombisa ukuthi kuthengwe kakhulu igrosa nezingubo . Empeleni igrosa ibewu-27% ngempelasonto yango-2023, okunyuke kusuka ku-26% ngo-2022.
Inhloko yoPhiko lweziKweletu eStandard Bank uMnu uTumelo Ramugondo ithi: “Ukuvama kokuthenga kwezinto ezisebenza ngogesi kusephezulu kunokwegrosa. Nokho abantu abaningi sebethenga igrosa nge-Black Friday kunezinto zikagesi nezinye.”
Ubalula omunye umkhuba oqaphelekayo endleleni abantu abathenga ngayo. Bayanda abantu abathenga imititilizo yamaholidi nobumnandi. Ukuthenga kwamakhasimende eStandard Bank okungaphezu kukaR3 500 kuye ekuvakasheni, amabhanoyi nokuqasha imoto. Kulandele eduze ukuthenga ifenisha neminye imititilizo, lapho imvamisa ukuthenga kungeqanga kuR2 500.
Amanye amakhasimende abekise amaholidi abiza ngaphezu kwangoR60 000, awamanye abangaphezu kwangoR80 000.
Nakuba i-Black Friday inesasa kodwa inyanga izitolo zaseNingizimu Afrika ezibabomvu ngayo wuDisemba, lapho kwanda khona abantu abaya ezitolo ngoDisemba kunangoNovemba.