Isikhulu esiphezulu seCorporate and Investment Banking eStandard Bank uMnu uLuvuyo Masinda sithi bazibophezele ukubaseqhulwini lezinhlelo zokunakekela imvelo e-Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

I-Standard Bank nomkhankaso wokunakekela imvelo ezweni

YINTATHELI YOMBELE 

I-STANDARD Bank izobaneNgqungquthela yokuGuquguquka kweSimo seZulu eGoli, eGauteng, ngenyanga ezayo kanti kuzobe kungeyesine. 

Le ngqungquthela ingenye yezinto eziwumongo weqhinga layo njengoba izibophezele ekutheni kushaye u-2026 isixhase imisebenzi ehambisana nokunakekela imvelo ngo-R250 billion.

Leli bhange elikhulukazi eNingizimu Afrika nase-Afrika ngezimpahla selivele lihlanganise uR129.6bn kanti ithi konke kuhamba kahle ngokuthi lifinyelele kule mali elizibekele yona.  

Isikhulu esiphezulu seCorporate and Investment Banking eStandard Bank uMnu uLuvuyo Masinda sithe: “Le ngqungquthela ayisiwo umhlangano nje kuphela kodwa yindlela esihlaba ngayo ikhwelo nokwengeza kwesizibophezele kukhona ngezindaba ezithinta ukunakekela imvelo. Njengoba sibhekana ngqo nokuguquguquka kwesimo sezulu, kufanele siqinisekise ukuthi ithi i-Afrika ithatha izinyathelo zokunakekela imvelo kuhambisane nokukhulisa umnotho, ukuhlinzeka ugesi nokulingana kwabantu.  

“I-Standard Bank izimisele ukubaseqhulwini laloku, sisebenzise ulwazi lwethu, izinsizakusebenza nesisebenzisana nabo ezwekazini lonke ngezinto ezifana nama-green bond, ukubolekisa ngemali okuqondene naloku nangokweluleka.”  

Kule ngqungquthela kuzobanezingxoxo ezihlukene ezizogxila ezihlokweni eziyingqikithi yokuguqula indlela ugesi ohlinzekwa ngayo e-Afrika. 

Enye yalezi zingxoxo esihloko sithi “Africa’s Energy Paradox” kanti ongoti bazobhunga ngenselelo ebhekene nezwekazi yokubhalansisa ukushintshela kugesi ongakhiqizi isisi esingcolisa umoya nokuhlinzeka ugesi kwizigidi zabantu. 

Kuzobhekwa nezindlela ezididiyele zokukhiqiza ugesi ezwekazini.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/06/unks-ugcobisa-magazi-umqondisi-ehhovisi-lephini-lomqondisi-jikelele-emnyangweni-wezimali-usikhanyisela-ngezindlela-ezingasiza-ukulwa-nokuguquguquka-kwesimo-sezulu/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page