Isikhulu esiphezulu saseStandard Bank uMnu uSim Tshabalala, okwesokudla, ungesinye zezikhulu ebezisemcimbini abebenawo neMeridiam. Kusukela kwesokunxele, yinhloko ye-Project Management eHhovisi likaMengameli uMnu uRudi Dicks, isikhulu esiphezulu seDevelopment Bank of Southern Africa uNks uBoitumelo Mosako, isikhulu esiphezulu seMeridiam uMnu uThierry Déau nosomabhizinisi uNks uTryphosa Ramano. Isithombe: Sithunyelwe

Bazibophezele ekutshaleni enye imali kwezinye izindlela zokuphehla ugesi 

YINTATHELI YOMBELE 
I-STANDARD Bank Group nenkampani etshala imali kwingqalasizinda iMeridiam basanda kubhunga ngamathuba okutshala imali kwingqalasizinda yokuphehla ugesi ngezinye izindlela ezwenikazi. 

I-Meridiam, yaseFrance, isineminyaka eyisishiyagalolunye iqalile ukutshala imali e-Afrika kanti ineminyaka emine isebenzisana neStandard Bank lapho igxile khona emisebenzini ethinta ukuphehla ugesi ngezinye izindela. 

Ngonyaka odlule, le nkampani yathenga iBTE Renewables eKenya, inkampani ephethe nekhiqiza ugesi owu-250MW ngomoya nangelanga kuleli yazwe. 

“Uma ubheka ukuthi sisabalele kanjani ezwekazini, sihlale sibheka abantu abanombono ofanayo nowethu wokwakha leli zwekazi eliyikhaya lethu kanti lo mcimbi umqoka ukuqhakambisa umsebenzi omuhle esesiwenzile nesisazimisele ukuwenza,” kusho inhloko ye-Public Sector and Infrastructure eStandard Bank uNks uZen Dlamini.  

Kulo mcimbi obunengqikithi ethi “Ukuvula amathuba okutshala kwingqalasizinda eNingizimu Afika” bekunezikhulu zezinkampani, zikahulumeni nabezindaba njengoba bekubuyekezwa umsebenzi osuwenziwe nokutshala imali nosadinga ukwenziwa. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/25/i-g20-yithuba-elihle-lokuqhuba-umgqigqo-wesasasa-abatshalimali-abanalo-ngeningizimu-afrika-kuloba-unksz-ubusi-mavuso/

“Sigxile kuphela ekutshaleni imali emisebenzini ekhulisa futhi ethuthukisa amazwe ase-Afrika kanti iStandard Bank siwumlingani ohambisana nombono wethu,” kusho umsunguli nesikhulu esiphezulu seMeridiam uMnu uThierry Déau.

Ngenyanga edlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa usayine isichibiyelo somthetho kagesi, i-Electricity Regulation Amendment Act, okuzokwandisa ukuncintisana kule mboni njengoba kuzovula indlela yokuthi imboni ezimele ibambe iqhaza kakhulu ekuphehleni ugesi.  
“Uhulumeni waseNingizimu Afrika wethula izinguquko ezizodinga wonke umuntu emphakathini ukuthi azeseke, ukusebenzisana loku esikubonayo kuyakhuthaza ngoba kufaka isandla ekukhuliseni umnotho,” kusho ihloko ye-Project Management Office eHhovisi likaMengameli uMnu uRudi Dicks.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page