Ubuchwepheshe bokukhokha obusha obuzofukula amabhizinisi amancane
WUSLINDILE KHANYILE
UBUCHWEPHESHE obusha bokukhokhela izimpahla obethulwe yiStandard Bank abugcini nje ngokusiza osomabhizinisi abancane babenendlela elula yokukhokhisa amakhasimende kodwa buhlose nokubasiza nangezinye izinto ezithinta ukuphatha ibhizinisi.
Isho kanje inhloko ye-Merchant Solutions for Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uNorman Nyawo ngesikhathi exoxa noMbele. Uthe i-SimplyBLU entsha abasanda kuyethula inezinzisa ezithe xaxa okufanele zenze impilo yosomabhizinisi abancane ibelula.
“I-SimplyBLU akuyona nje eyokukhokha kuphela kodwa ukwazi ukwenza izinto eziningi ngayo njengokuthi uyakwazi ukufaka imininingwane yesitoko sakho, ukubona uma sesishoda futhi uyakwazi ukubona ukuthi ezimpahleni ozidayisayo yiziphi ezithengwa kakhulu futhi uthola nemibiko ekutshengisa ukuthi izinto zihamba kanjani ebhizinisini lakho.
“Uyakwazi ukubona imali engenayo ingakabanjwa intela noma isibanjiwe futhi ubona ngaso leso sikhathi izinto zenzeka. Uma kulethwe isitoko lapho ibhizinisi likhona, awudingi ukuthi nawe ubekhona siqu sakho kodwa uyakwazi ukulawula loko ngisho ungekho,” kushoyena.
Ngokwaleli bhange elikhulu kunawo wonke e-Afrika ngokwezimpahla ezilingenisela imali, amabhizinisi amancane ahlukene ngokwezigaba njengoba lithi ngamabhizinisi angenisa imali efinyelela kuR40 million ngonyaka.
UNyawo uthe lobu buchwepheshe uyakwazi ukubuthenga kanti umshini wokukhokhisa ubiza uR1 999 uma ufuna kubengowakho kodwa uvumelekile nokuwuqasha ngoR350 futhi yilokho abakukhuthazayo kunokuwuthenga.
“Uma uwuqashile kusho ukuthi ukuwunakekela yijoka lethu futhi kuhlale kunabantu abalungele ukukusiza ubusuku nemini. Uma ufa umshini ngisho ngabe kuthiwa kusebusuku, siyakwazi ukuthumela umuntu ozozowubheka futhi awukhande kanti uma kungowakho kusho ukuthi lezo yizindleko zakho,” kusho uNyawo.
Kunemicikilisho elandelwayo futhi kunezinto ezihlolwayo ngaphambi kokuthi ukwazi ukuthenga umshini, into uNyawo athi imqoka njengokusho kwemigomo yemboni yezimali.
Uthe kufanele baqinisekise nokuthi ibhizinisi lenza lowo msebenzi elithi liyawenza ngempela yini ukugwema ukusebenzisana nezigebengu.
Ubuchwepheshe bokukhokha obusha iSimplyBLUE ungabuqasha noma ubuthenge
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/03/siphelile-isikhathi-sokukhokha-ngokheshi-ukganyago/
Ngenyanga edlule, bekune-Payments Conference, lapho kukhulume khona umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago, othe yize ucwaningo abalwenza lwaveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika basancamela ukukhokha ngokheshi kunokusebenzisa amakhadi nezindlela zobuchwepheshe esezikhona kodwa iqiniso wukuthi izikhathi zishintshile futhi kwehlile ukufunwa kukakheshi kusukela kwabheduka i-COVID-19.
UKganyago wathi sekuneminyaka inciphile indlela okufunwa ngayo imali engamaphepha newuhlweza.
“Ngonyaka odlule imali engamaphepha newuhlweza yehle ngo-0.8%, okuyikona kwehla okukhulu kunako konke kusukela ngo-1960. Imvamisa, ukukhula kukakheshi kuhambisana nokukhula komnotho kodwa lokho kushintshile emva kwe-COVID-19. Ukube ukheshi ubukhula ngokushesha njengendlela esibone ngayo eminyakeni eyishumi edlule, ngabe kukhona imali engaphezulu ngoR60 billion emalini engamaphepha newuhlweza kwegayiwe. ‘Imali eshodayo’ itshengisa ukushintsha kwezindlela zokukhokha. Ukheshi ungaba yinto enkulu kodwa izinto ziyashintsha,” kusho uKganyago.
UNyawo uthe enye into eyenza osomabhizinisi abancane babemanqika ukusebenzisa ubuchwepheshe bokukhokha wukuthi bacabanga ukuthi kunzima nezindleko zako.