Kunzima nxazonke kuhulumeni ngokungenelela odabeni lwentela kaphethroli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGENZEKA uhulumeni ugcine ungakwazanga ukuphinde ubuyisele intela kaphethroli i-general fuel levy njengoba izinkomba ziveza ukuthi isimo somnotho sisazoba nzima futhi namanani kawoyela eqhubeka nokudla amagalani njengoba izolo ebemi ku$122.08 umphongolo.

Abalimi abasanda kubuyelwa wumhlaba bashaya amakhala ngemayini ehlongozwayo endaweni. UMOKGADI MOGY MASHAKO uyabika

EMVA kweminyaka ulindile, umphakathi waseMakhasaneni, KwaZulu-Natali, uthole amatayitela nezinsizakusebenza zokulima zenani elingaphezu kukaR1 billion. Kepha laba balimi sebenovalo lokuthi izinhlelo zabo zokukhula kwezolimo zingase ziphazanyiswe wukuthi kuhlongozwa umsebenzi wemayini endaweni.

Ukuhlehlela emuva empilweni kumvulele ithuba lebhizinisi ayengakaze alicabange. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUPHINDA kwakhe amabanga amathathu kabili kanjalo nokuthola ithuba lokuyofunda kwamgqugquzela ukuthi afise ukusiza abanye abafundi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya njengakubo. Ngesikhathi ewuqala lo msebenzi kwakungesilo ibhizinisi futhi wayengaboni ukuthi kungaba yibhizinisi.

Namhlanje KUSAZIWAYO NEMALI sikuphathele intandokazi yomrepha, uDuncan ‘Skuva Maguluva’ Mbambo odume ngamanoni athi Ring of Lies, Tsikitsiki Remix ne-AmaWeave. U-Duncan useke wahlabana ngezindondo eziningi, enye yazo yeBest Remix ayithola kumaMetro FM Awards ngeTsiki Tsiki

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, kodwa ngangiyithola uma kade ngikhalela umama uma ehamba noma (ngikhumuke) izinyo bese ethi ugogo angilibeke esicathulweni igundane lizongipha imali.

Abasafufusa bakhala ngomasipala abathi ubaphuca isinkwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa baKwaMhlabuyalingana, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, bakhala ngomasipala ngokubabulala ngendlala njengoba bethi baxoshwe emakethe asebeneminyaka besebenzela kuyona. Basola omunye wabaphathi bakamasipala abathi usanda kuqashwa kanti uzenzela umathanda.

Iseyinde indlela okusafanele ihanjwe yiNingizimu Afrika ukuthuthukisa asafufusa ngobuchwepheshe kodwa sekuntwela ezansi. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI amancane asengozini yokuwa noma kuzoncipha inzuzo ayenzayo uma engayisukumeli indaba yokuguqula indlela asebenza ngayo ukuze ahambisane nobuchwepheshe besimanje kanti loku kubeka imisebenzi engcupheni.

Izingqapheli zixwayisa ngokuthi abathengi basazodonsa kanzima njengoba nemalimboleko kubhekwe ukuthi inyuswe. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi amanani okudla nokubiza kwezinye izinto, okudalwa wukwehla kwamandla emali kuyeke ukuqonga, kanti kudingeka ukuthi abathengi bazibambe ziqine ngoba nophethroli kulindelwe ukuthi unyuke ngamawala ngenyanga ezayo, ngaphandle uma uhulumeni uzophinde ungenelele.

Inyunyana ishaya amakhala ngesinqumo seBhange loMbuso nge-Ubank. USLINDILE KHANYILE uyabika

I-NATIONAL Union of Mineworkers (iNUM), engabanye babanikazi be-Ubank, ithi isinqumo seBhange loMbuso sokufaka leli bhange ngaphansi komlawuli yiqhinga lokuphoqa ukuthi ivume ukuthengwa yi-African Bank, nethi ifuna ukukhokha “utiki” owuR100 million ukulithenga lonke leli bhange.

Uthisha onentshisekelo yokukhulula ingane yomdabu, isiboshwa sepolitiki, isisebenzi somphakathi nebandla, isifundiswa nosomabhizinisi ufafaza ivangeli lokuzimela. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kwango-1994 uhulumeni wobandlululo usugobe uphondo ekucindezeleni abantu bomdabu e-Afrika, umuntu esenevoti eNingizimu Africa, kunohlobo losomabhizinisi olwaqubuka – amaRupert amnyama.

Imininingwane yosizo lwemali kosomabhizinisi abakhahlanyezwe yizinhlekelele ezihlasela zilandelana. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMNYANGO wezeziMali umemezele imininingwane yesikhwama sokulekelela osomabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, udlame olwabheduka ngoJulayi ngo-2021 KwaZulu-Natali naseGauteng nezikhukhula ezisanda kuba khona.

Ongoti bathi akufundiswe abantu ngenkanankana yokuguquguquka kwesimo sezulu ukuhlenga impilo, umnotho nemisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZODINGEKA zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zibambisane ukuphucula impilo yabantu ngezidingo ezihlukene ukunciphisa ingozi yezikhukhula ngoba asikho isisombululo esisodwa futhi abantu ngeke bayeke ukufudukela emadolobheni ngoba bebheka amathuba angcono emisebenzi.

Baphemba kabusha abakhiqiza izimonyo zesikhumba emva kokuwiswa yiCOVID-19 nezidubedube zangoJulayi. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGESIKHATHI esabamba amatoho wayehlala efuletheni nowesifazane owayenengane eyayihlushwa yisikhumba ine-eczema. Wayinika umuthi wokugcoba ayezihlanganisele wona ngezithako zemvelo wathi akawuzame abone ukuthi ngeke yini wayisiza ingane.

Usengozini umnotho waseThekwini ngoba isenkulu ingozi yezikhukhula ngaphandle uma kutholakala isisombululo ngokushesha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUZOTHATHA izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umnotho waseThekwini usebenze ngendlela obusebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kwezikhukhula ezibhoke ngesonto eledlule. Loku kulindeleke ukuthi kwehlise umnotho wedolobha ngo-1.8% njengoba idolobha lilahlekelwa wuR28 million ngosuku ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi ungakabalwa umonakalo owenzeke kwingqalasizinda.

Usezuze lukhulu unjiniyela ogxile ekuphuculeni impilo yabantu. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA sekuphele iminyaka ewu-20 esiza ewunjiniyela futhi ethuthukisa izindawo namalokishi kodwa usomabhizinisi odabuka ePhuthaditjaba, eFree State, usawuthanda umsebenzi wakhe. Ukusiza abantu bathole izinto ezincane abanye abazithatha kalula njengokukwazi ukuvula umpompi yinto emjabulisayo nokukwazi ukuxazulula izinkinga athuthukise abanye abantu yikona okumkhuthazayo.

Abalimi baxwayisa ngengozi uma ingasheshi ukulunga ingqalasizinda elinyazwe yizikhukhula. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUMQOKA ukuthi kusheshiswe ukulungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi KwaZulu-Natali ukuze kuzophinde kuqhubeke kahle ukuthutha izimpahla eNingizimu Afrika ngoba uma kungenzeki loku kungagcina sekunomphumela omubi emnothweni, ikakhulukazi kwezolimo.

Balwa nokuntshontshwa nokuhlukunyezwa kwezingane ngewashi elisiza ukunqanda ubugebengu. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BEKUHLALE kumkhathaza ukuzwa izindaba zokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwezingane elokishini, kumphule umoya kakhulu ukuthi ezinye zazo ziyanukutshezwa noma zitholakale sezibulewe.

Kukhuthazwe osomabhizinisi ukuthi babheke amathuba embonini ye-Halal bangagcini ngemikhiqizo yokudla kuphela. INTATHELI yoMBELE iyabika

UKWAKHA amathuba emisebenzi entsheni, ukufukula umnotho waseNingizimu Afrika nokulwa nobubha ngezinye zezinto ezigcizelelwe yizikhulumi ebezisengqungqutheleni yokuhweba nokutshala imali iKwaZulu-Natal Trade & Investment Indaba and World Halal Day ebiseThekwini.

Kuliwa nokubheduka kwamatele aphatha imfuyo. INTATHELI yoMBELE iyabika

INYUNYANA yabalimi KwaZulu-Natali iKwanalu isinxuse bonke abafuyi ukuthi balandele yonke imigomo yesifo samatele bese besebenzisa nemigomo yezempilo ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo esesiphinde sabheduka KwaZulu-Natali, eNorth West naseLimpopo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page