Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uNondumiso Jozana Zungu olingisa indawo yomhlengikazi uNtando Shweni emdlalweni we-e.tv i-Durban Gen. Le ntokazi isike yabonakala emdlalweni owuchungechunge Isibaya nakwi-Unmarried

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kwakuyimali yokuyiphatha esikoleni. NangoDisemba sasiphiwa uma ubaba (ebhonasile).
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaba nayo ngifunda u-Grade 8. Ngayivula eCapitec Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ubaba wayehlale ethi imali ayongiwe ukuze uma kufika izikhathi ezinzima singahlupheki. Wayethi thenga okubalulekile okudingayo bese okunye ubuye ukubone.
Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Angisakhumbuli kahle kodwa ngaqala ngokusebenza e-call centre ngenkathi ngihlabe ikhefu emuva kokuphothula uMatikuletsheni. Ngangihola uR2 500.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ekhaya kuyisiko ukuthi uma uthole umholo wakho wokuqala uwuhambise wonke khona. Ngawukhipha owami ngawuyisa kumama. Wathatha imali ayeyidinga, enye wanginika yona.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Kuningi kodwa okuhle engikwenzayo ukuthi ngiyalekelela ekwakheni umuzi wasekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthenga ama-wig kakhulu ngisho angenaso isidingo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ‘ebhanoyini’?
Ngisesenyuvesi kukhona esasikwenza kukaWhatsApp kokufaka oR100. Hhayi yafika okokuqala imali kumina, angibange ngisayithola okwesibili ngoba lase liwile ‘ibhanoyi’.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Kunomngani wami ocebe kakhulu engibukela kuye. Uhlale ethi imali ayiphume ngoba iyolanda enye. Kumele futhi isebenze kwizidingongqangi.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Kuningi. Ngingaqedela ukwakha ekhaya. Ngiyonge enye kube ne-education plan yokufundisa umntwana wami. Enye imali ngingayitshala.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Beka izidingo zakho phambili. Uqale ngazo bese sibuyela kwesakufundiswa esikoleni kwi-economic management science, sithenge okubalulekile kuqala bese kuba yiloku esikufunayo.
