Inyama yenkukhu inethuba elihle lokuhamba ubuthaphuthaphu phesheya, kusho inhlangano yabadayisi. UTEBOGO MOKWENA uyabika

I-SOUTH African Association of Meat Importers and Exporters (i-AMIE) ikholwa wukuthi ukudayisela i-European Union inyama yenkukhu kuzodala amathuba okusimamisa le mboni eNingizimu Afrika.
Le nhlangano ikholwa wukuthi ukwakha imakethe edlondlobele nesimeme edayisela amakhasimende aphesheya kuzokhulisa ibhizinisi lokukhiqiza inkukhu kusuka ekuqaleni kuze kufinyelele ekugcineni kubakhiqizi basezweni abancane nabaphakathi nendawo.
Isikhulu esiphezulu se-AMIE uMnu uPaul Matthew sithe kuyagqoza ukusimamisa ukudayisa inyama yenkukhu phesheya. Ngo-2019, zonke izinhlaka kusukela kubakhiqizi, abadayisa phesheya nohulumeni basayina uhlelo oluwumkhombandlela iPoultry Master Plan. “Nakuba lilikhulu ithuba lokusimama kodwa kuncane okwenzekile ukufeza lesi sifiso,” kusho yena.
“Nakuba imboni yasekhaya inobungcweti bokukhiqizela imakethe yaseNingizimu Afrika, cishe futhi kakhulu njengoba izinto sezenziwa ngemishini, kodwa kuzodingeka ukuthi ishintshe indlela eyenza ngayo ukuze iphumelele emakethe yaphesheya,” kusho yena.
“Inyama ewumkhwepha idayisa imali enhle eYurophu, ngakho lezi zimakethe zidayisa umkhwepha wazo khona ngemali enhle. Namaphiko kanjalo, abiza imali enhle eMelika namanqina, adayisa imali enhle eChina.
“INingizimu Afrika ihlaba inkukhu bese iyifaka eplastikini, idayise wonke amaphisisi kanye kanye,” kusho uMatthew. Ubalule ithuba kubafuyi abancane lokuthi badale umsebenzi ngenxa yemakethe edayisa phesheya esimamayo.
“Njengoba kukhona izinga lokungasebenzi eliwu-35.5% kanti ukungasebenzi kwentsha kuyathusa njengoba kuwu-65.5%, zonke izinhlaka kudingeka zenze okusemandleni ukwandisa wonke umsebenzi wokudayisa inkukhu. Indlela enhle yokwenza loku wukwakha imakethe edayisa phesheya ephumelelayo,” kuchaza yena.
“Imakethe edayisa phesheya echumayo yandisa amandla okukhiqiza nawokuqasha emazingeni onke, hhayi kubantu abafuyile abakhulu kuphela kepha futhi nakubafuyi abancane, iningi labo okungabantu abamnyama kanti leli yithuba okungafanele linganakwa.”
I-AMIE ihlose ukusungula ithimba eliyisipesheli elibhekene nokudayisa phesheya elizosebenzisana nabalingani abehlukene abanjengohulumeni nabafuyi balapha ekhaya ukuphuthumisa nokwenza kube lula ukungena emakethe edayisela amakhasimende aphesheya.
“Uhulumeni uneqhaza elimqoka ukwenza izimo zokuhweba ezifanele zokudayisa phesheya kanti abafuyi basekhaya kuzodingeka ukuthi babhekane nezinselelo zezempilo nezokuphepha ukuze bafinyelele ezingeni lezimakethe zaphesheya,” kuphetha uMatthew.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

